Ikhanda Elinkenkethayo—Yini Ongayenza Ngalo?
UJoyce, isisebenzi sasehhovisi esinomdlandla, uphenyaphenya amaphepha awaphethe. Engazelele, kuthi zibaba abone sengathi amanye amakhasi awabhalwe lutho. Khona manjalo ube esebona kuyaluza izinkanyezi emehlweni, sengathi imigilingwane yasemaphusheni. Ngomzuzwana nje kuvele kube mnyama amehlo kuJoyce. Eqaphela ukuthi kwenzekani, ugwinya iphilisi ngokushesha layo kanye le nkinga asebhekene nayo.
UJOYCE uhlushwa yikhanda elinkenkethayo, okuyinto ehluke ngezindlela eziningi ebuhlungwini bekhanda obuvamile. Ngokwesibonelo, ngokungafani nobuhlungu bekhanda obuvele buqale nje, ikhanda elinkenkethayo lilandela inqubo ethile. Kanti futhi, le nkinga yimbi kangangokuba umuntu angaze ayeke ukwenza imisebenzi evamile.
Ziyini izimpawu zaleli khanda? Ubuhlungu obunkenkethayo obungase bube sohlangothini olulodwa. Elimphethe angase ezwe ecanuzelelwa yinhliziyo, futhi angakwazi ukubekezelela ukukhanya. Lobu buhlungu bungathatha amahora amaningana noma izinsukwana.
Nakuba abantu abaningi bengase bahlushwe yizinhlungu zekhanda, munye kuphela kwabayishumi ohlushwa yikhanda elinkenkethayo. Baningi abesifazane elibaphathayo kunabesilisa. Kwabanye isimo siba sibi kakhulu kunakwabanye, kodwa iningi lalabo elibahluphayo liyaphutha emsebenzini izinsuku ezithile unyaka ngamunye. Lingalahlekisela umuntu iholo, liphazamise umkhaya nokuphila okuvamile. Ngakho, i-World Health Organization ilibala phakathi kwezimbangela ezingu-20 zokukhubazeka.
Ngaphambi kokuba lihlasele, ezinye izisulu ziba nezimpawu ezinjengokubanda kwezandla, ukukhathala, ukulamba, noma ukuguquguquka kwemizwelo. Lapho nje selizoqala, ungase ube nenzululwane, izindlebe ezinkenenezayo, ubuhlungu obunsonsothayo, ukubona sengathi izinto zingambili, kube nzima ukukhuluma, noma ucobeke.
Izimbangela zekhanda elinkenkethayo azaziwa ngokugcwele, kodwa kucatshangwa ukuthi libangelwa ukuphazamiseka kwesimiso sezinzwa okuthinta imithambo yegazi esekhanda. Indlela elinkenketha ngayo ihambisana nokudlula kwegazi emithanjeni ephazamisekile. Umagazini i-Emergency Medicine uthi: “Abantu abahlushwa yikhanda elinkenkethayo basuke bebe nesimiso sezinzwa esizwelayo esiwufuzo, esingase siphazanyiswe izinto eziningi ezenzeka ekuphileni, njengokungalali ngokwanele, amaphunga anamandla, uhambo, ukungadli ngezikhathi ezithile, ukucindezeleka nokushintsha kwezinga lama-hormone emzimbeni.” Abantu ababa nekhanda elinkenkethayo bangase bahlushwe nayisisu esibuhlungu, ukukhathazeka nokucindezeleka okukhulu.
Ungalidambisa Kanjani Ikhanda Elinkenkethayo?
Ngeke usishintshe isimiso sezinzwa esiwufuzo. Kodwa ungakwazi ukuvimbela izinto ezingabangela ubuhlungu bekhanda elinkenkethayo. Ngokubhala phansi, abanye baye bakwazi ukuthola izinhlobo zokudla noma izimo ezilibangelayo.
Isimo somuntu ngamunye siyehluka. ULorraine wathola ukuthi elakhe ikhanda liqondana nenkathi yokuya esikhathini. Uthi: “Cishe maphakathi nale nkathi, ukusebenza kanzima, ukushisa noma amakhaza, umsindo omkhulu ngisho nokudla okunongwe kakhulu kungabangela ukunkenketha kwekhanda. Ngakho ngalesi sikhathi kudingeka ngizole futhi ngilinganisele kwengikwenzayo.” UJoyce, oye wabekezelela leli khanda iminyaka engaphezu kuka-60 uthi, “Ngiye ngathola ukuthi amawolintshi, uphayinaphu newayini elibomvu kuvele kulivuse, ngakho ngiyazigwema lezi zinto.”
Izinto ezingabangela lobu buhlungu bekhanda akulula ukuzazi ngoba kuvame ukuba yinhlanganisela yezinto eziningi. Ngokwesibonelo, ngesinye isikhathi ungase udle ushokoledi kodwa kungenzeki lutho, bese kuthi ngesinye isikhathi lapho uwudla ikhanda linkenkethe, mhlawumbe ngenxa yezinye izinto eziwumthelela.
Ngisho noma ungenakukwazi ukuthola ukuthi libangelwa yini noma ukugwema izinto ezilibangelayo, zikhona ezinye izindlela zokunciphisa amathuba okuba likuphathe. Ochwepheshe batusa ukuba uzame ukulondoloza isimiso sokulala esingaguquguquki zonke izinsuku. Uma ungafuni ukusheshe uvuke ngempelasonto, batusa ukuba uvuke ngesikhathi esijwayelekile, wenze okuthile imizuzwana embalwa bese uphinde ulala. Ushintsho esilinganisweni se-caffeine oyidlayo singavusa ikhanda elinkenkethayo, ngakho zama ukungeqi ezinkomishini ezimbili zekhofi noma eziphuzweni ezimbili ezine-cola. Njengoba ukulamba kungalibangela ikhanda elinkenkethayo, gwema ukweqiwa izikhathi zokudla. Ukucindezeleka, okuvame ukuba yimbangela yalo, akulula ukukugwema kodwa ungakwazi ukuthola izindlela zokuphumula, mhlawumbe ngokwenza izinguquko esimisweni sakho, ukufunda iBhayibheli noma ukulalela umculo opholile.
Liyini Ikhambi Lekhanda Elinkenkethayo?
Ziningi izinto ongakhetha phakathi kwazo ezingasiza ekudalimbiseni.a Ngokwesibonelo, ukulala kuyikhambi elingcono kakhulu. Amaphilisi ezinhlungu avamile angalipholisa ngokwanele ikhanda ukuze umuntu akwazi ukulala.
Ngo-1993, kwatholakala amaphilisi okuthiwa ama-triptan, okuwuhlobo olusha lwemithi enikezwa ngesiqondiso sikadokotela eyelapha ikhanda elinkenkethayo. I-Medical Journal of Australia yabiza lokhu ngokuthi “intuthuko enkulu kwezokwelapha,” yenezela: “Ukutholakala kwama-triptan . . . ekwelapheni ikhanda elinkenkethayo nezinye izinhlobo zobuhlungu bekhanda kubaluleke cishe ngendlela efanayo nokutholakala kwe-penicillin elwa namagciwane!”
Leli khanda aliyona ingozi. Ngakho-ke, ikhambi lalo alisindisi ukuphila njengoba kunjalo ngamakhambi ezifo ezibangelwa amagciwane. Noma kunjalo, ama-triptan alethe impumuzo enkulu kwabathile osekuphele iminyaka libahlupha. Abanenkinga yaleli khanda kusadingeka benze izinguquko okukhulunywe ngazo ngaphambili kodwa abanye elibahluphayo bathi ama-triptan ayisimangaliso.
Noma kunjalo, yonke imithi inezici ezinhle nezimbi. Yini embi ngama-triptan? Okokuqala, iphilisi elilodwa lingabiza imali elingana neyokudla esitolo sokudla esibizayo, ngakho anikezwa labo elivame ukubaphatha nalabo elibakhathaza ngokweqile. Kanti futhi akubona bonke abantu abasizwa ama-triptan, kuyilapho abanye benezinkinga zempilo ezenza kungatuseki ngisho nokuba bawazame. Yize lingekho ikhambi elaziwayo eliqeda inkinga yekhanda elinkenkethayo elibangelwa ufuzo, umagazini i-Emergency Medicine uphetha ngokuthi: “Njengoba sekukhona imithi emisha nethuthukisiwe yokwelapha ikhanda elinkenkethayo, asikho isizathu sokuba iziguli ziqhubeke zihlupheka.”
[Umbhalo waphansi]
a Alukho uhlobo lokwelashwa i-Phaphama! elukhuthazayo. Umuntu ngamunye kufanele acabangisise ngezinto angakhetha kuzo ngaphambi kokwenza isinqumo.
[Isithombe ekhasini 23]
Ngokubhala phansi, abanye baye bakwazi ukuthola ukuthi iziphi izinhlobo zokudla noma izimo ezivusa ubuhlungu baleli khanda
[Isithombe ekhasini 23]
Ukulalela umculo opholile kungasiza ekunciphiseni ukucindezeleka, okuvame ukubangela ikhanda elinkenkethayo
[Isithombe ekhasini 23]
Ikhanda elinkenkethayo neliphazamisa ukuphila komuntu litholakala ngofuzo, futhi odokotela bangase bakwazi ukulelapha