Umbono WeBhayibheli
Ingabe Ukholo Nezizathu Ezinengqondo Akuhambisani?
“UKHOLO luphambene nezizathu ezinengqondo,” kubhala isazi sefilosofi saseBrithani u-A. C. Grayling. Amazwi akhe aveza imizwa yababhali nezazi zefilosofi eziningi osekungamakhulu eminyaka zithi ukholo nezizathu ezinengqondo akuvumelani.
Ezinye izinkolelo ezingokwenkolo azisekelwe ezizathwini ezinengqondo. Kodwa ake ucabangele lokhu: Izinkolelo eziningi ezingokwesayensi futhi ezigxilile ziye zatholakala ziyiphutha. Ingabe lokho kusho ukuthi zonke izinkolelo ezingokwesayensi ziyiphutha noma azisekelwe ezizathwini ezinengqondo? Kungani kufanele sibe nombono ohlukile ngezinkolelo ezingokwenkolo? Empeleni, ukholo oluchazwe eBhayibhelini alutholakali ngaphandle kolwazi, kunalokho, lusekelwe ngokuqinile olwazini nasezizathwini ezizwakalayo. Njengoba uhlola lobu bufakazi, bona indlela ukholo lweqiniso nezizathu ezinengqondo okuvumelana ngayo.
Ukholo Lusekelwe Ngokuqinile Ezizathwini Ezinengqondo
Ngokwesibonelo, iBhayibheli lithi ukuze ukukhulekela kwakho ‘kwamukeleke kuNkulunkulu,’ kumelwe kube ‘inkonzo engcwele ngamandla akho okucabanga.’ Ngamanye amazwi, kumelwe ukhulekele uNkulunkulu “ngendlela yabantu abacabangayo.” (Roma 12:1; The Jerusalem Bible) Ngakho ukholo oluchazwe eBhayibhelini aluyona into engenangqondo noma ukholo lokuthatheka, njengoba abanye besho kanjalo. Alukhona neze ukuthatheka. Kunalokho, luyinto okufanele uyicabangisise kahle—ephumela ekwethembeni uNkulunkulu neZwi lakhe, okuyinto esekelwa ngokuqinile ezizathwini ezinengqondo.
Vele nje, ukuze ucabangisise kahle ngento, kudingeka ube nemininingwane enembile. Ngisho nezinhlelo ze-computer ezinamandla eziklanywe ngezimiso ezinengqondo zike zifinyelele iziphetho ezixakile uma zifakwe imininingwane enganembile. Ngokufanayo, ukunemba kokholo lwakho kuyoncika kakhulu kulokho okuzwayo noma ekutheni lokho okufaka engqondweni yakho kunembe kangakanani. IBhayibheli lisho kufanele ukuthi “ukholo lulandela into ezwiweyo.”—Roma 10:17.
Okudingekayo ukuze ube nokholo ‘ulwazi olunembile lweqiniso.’ (1 Thimothewu 2:4) IBhayibheli lithi ‘yiqiniso kuphela eliyokukhulula’ ezimfundisweni ezidukisayo, kungakhathaliseki ukuthi ezesayensi noma ezenkolo. (Johane 8:32) IBhayibheli likuxwayisa ngokuthi ungabi nokholo “kuwo wonke amazwi.” (IzAga 14:15) Kunalokho, lithi kufanele ‘uqiniseke ngazo zonke izinto’—noma uzihlolisise izinto ozizwayo ngaphambi kokuba uzikholelwe. (1 Thesalonika 5:21) Kungani kufanele ucwaninge futhi uhlole izinkolelo zakho? Kungenxa yokuthi ukholo olusekelwe emangeni lumane nje luyize. Abathile ababenengqondo enhle emzini waseBhereya lasendulo babeka isibonelo esihle endleleni yokuzuza ukholo oluqondile. Nakuba laba bantu babefuna ngempela ukukholelwa yilokho izithunywa zevangeli ezingamaKristu ezazibafundisa khona, baqiniseka ukuthi ‘bahlola ngokucophelela imiBhalo nsuku zonke ukuthi zinjalo yini lezi zinto.’—IzEnzo 17:11.
Ukuba Nokholo EBhayibhelini
Kodwa kuthiwani uma ungaqiniseki ngokuthi iBhayibheli lithembeke ngempela? Ungakholelwa kanjani kulo njengomthombo wolwazi olunembile? Yini ekwenza ubethembe abantu? Akungabazeki ukuthi ukubazi kangcono—ngokuzinika isikhathi sokubheka indlela abaziphatha ngayo nokubona imiphumela yokuziphatha kwabo. Kungani ungenzi okufanayo nangeBhayibheli?a
IBhayibheli lichaza ukholo lweqiniso ngokuthi “luwukulindelwa okuqinisekisiwe kwezinto ezithenjwayo, ukuboniswa okusobala kwezinto ezingokoqobo nakuba zingabonakali.” (Hebheru 11:1) Kusobala ukuthi umuntu onokholo lweqiniso akayena uthathekile kodwa izinkolelo zakhe zisekelwe ebufakazini obuhlolwe kahle kusetshenziswa ukwaziswa okutholakalayo. Ukucabangisisa ngalokho kwaziswa kwenza umuntu aqiniseke ukuthi ngisho nezinto ezingenakubonakala ngeso lenyama, zingokoqobo.
Kodwa-ke, kuthiwani uma lokho okufundayo kubonakala kuphambana nezinkolelo zakho ezijulile? Ingabe kufanele ungakunaki? Lutho neze. Kungase kube nezikhathi lapho kubonakala kunengqondo ukucabangela ubufakazi obunamandla balokho okubonakala kungqubuzana. EBhayibhelini, uNkulunkulu uthembisa ukuvuza abantu abaqotho abafuna iqiniso ngokuba abanike ulwazi, ukuqonda nekhono lokucabanga.—IzAga 2:1-12.
Uhlobo lokholo olwakhiwa ngalokho iBhayibheli elikufundisayo luyahambisana nendlela enhle yokucabanga. Luhlobo luni lokholo onalo? Abantu abaningi baye bathola “ifa” eliyizinkolelo ezingokwenkolo futhi abakaze bazihlolisise ngempela. Kodwa, akulona uphawu lokwedelela ukuhlola izinkolelo zakho ukuze ‘uzitholele ngokwakho’ ukuthi ukucabanga kwakho kuyavumelana yini neZwi likaNkulunkulu. (Roma 12:2) IBhayibheli lisikhuthaza ukuba ‘sivivinye izinkulumo eziphefumulelwe ukuze sibone ukuthi zivela kuNkulunkulu yini.’ (1 Johane 4:1) Uma wenza lokho, ngisho nalapho izinkolelo zakho zivivinywa, uyokwazi ‘ukuzivikela phambi kwabo bonke abafuna ngenkani isizathu sethemba elikuwe.’—1 Petru 3:15.
[Umbhalo waphansi]
a Uma udinga usizo lokuthola ukwaziswa okunokwethenjelwa ngeBhayibheli, bhalela abanyathelisi balo magazini.
INGABE WAKE WAZIBUZA?
● Ingabe iBhayibheli liyakulahla ukusebenzisa amandla okucabanga?—Roma 12:1, 2.
● Hlobo luni lolwazi olubalulekile ukuze ube nokholo lweqiniso?—1 Thimothewu 2:4.
● Yini esingayifunda encazelweni yeBhayibheli yelithi ukholo?—Hebheru 11:1.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 29]
UJehova uyabavuza abafuna iqiniso ngobuqotho