Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 1/12 kk. 7-9
  • Ubuqotho Buletha Impumelelo Yangempela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubuqotho Buletha Impumelelo Yangempela
  • I-Phaphama!—2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okwenza Ukwethembeka Kuzuzise
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
  • Thembeka Ezintweni Zonke
    “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
  • Liyokulahlekiselani Ibhizinisi Lakho?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Ingabe Ukwethembeka Kuyabuyisela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2012
g 1/12 kk. 7-9

Ubuqotho Buletha Impumelelo Yangempela

“Ngisho nalapho umuntu enensada ukuphila kwakhe akuveli ezintweni anazo.”—Luka 12:15.

UKUTHOLA imali kuyinto edingekayo ekuphileni. Sinomthwalo wemfanelo phambi kukaNkulunkulu wokunakekela izidingo zethu nezemikhaya yethu.—1 Thimothewu 5:8.

Kodwa kuthiwani uma ukuthola imali nezinto engazithenga sekuba yinto engaphezu nje kwendlela yokuziphilisa? Kuthiwani uma lokhu kuba yiyona njongo yakho ekuphileni? Labo abamgomo wabo oyinhloko ukuthola ingcebo bakuthola kulula ukuphendukela ezindleleni zokungethembeki ukuze bayithole. Bangase baqaphele sekwephuze kakhulu ukuthi ukungethembeki kubaphuca impumelelo yangempela. Ngaphezu kwalokho, njengoba iBhayibheli lisho, uthando lwemali lubanga iminjunju eminingi.—1 Thimothewu 6:9, 10.

Cabangela izibonelo ezine ezilandelayo zabantu abachaza impumelelo njengento engaphezu kokuqongelela ingcebo.

Ukuzihlonipha

“Eminyakeni ethile edlule ngaxoxa nothile owayefuna ukuthenga umshuwalense wokuphila obiza ama-dollar ayisigidi. Ngangizothola izinkulungwane zama-dollar uma ewuthenga. Wangitshela ukuthi uma ngifuna awuthenge lo mshuwalense, kuzomelwe ngimnike ingxenye yemali engizoyithola. Akukhona nje ukuthi ayekucela kwakungafaneleki kodwa futhi kwakuwukwephula umthetho futhi yilokho engamtshela khona.

“Ngazama ukubonisana naye ngokumbuza ukuthi angavuma ngempela yini yena ukunika umuntu ongathembekile imininingwane eyimfihlo ephathelene naye nezindaba zakhe zezimali. Ngaphinda ngamchazela ukuma kwami kule ndaba ngase ngimtshela ukuthi angithinte uma esafuna ngibe umkhulumeli wakhe. Kwabe ngiyamgcina ngalolo suku.

“Ukuba ngangivumelene nesicelo sakhe, ngangiyobe ngiyekethise ubuqotho bami kanti nokuzihlonipha kwami kobuKristu kwakuyobe kuphelile. Ngangiyobe ngizenze isigqila somuntu ongicindezele ukuba ngihlanganyele ohlelweni lokungethembeki.”—UDon, e-U.S.A.

Ukuthula Kwengqondo

Njengoba kubonisiwe esihlokweni sokuqala kulolu chungechunge, uDanny wathenjiswa imali enkulu eyisifumbathiso uma ayengaqamba amanga ngalokho okungenziwa imboni edayisa umkhiqizo ofunwa yinkampani yakhe. Wasabela kanjani?

“Ngambonga umphathi wale nkampani ngokungithengela ukudla ngase ngimbuyisela imvilophi enemali. Wangicindezela ngokwengeziwe waze wathi uma imboni yakhe iphumelela ukuhlangabezana nalokho esasikufuna uzonginika enye imali. Ngenqaba.

“Ukuba ngangiyamukele leyo mali, ngangiyohlale ngesaba ukuthi leyo ndaba izovela. Kamuva, ngandlela-thile umqashi wami wezwa ngalesi senzakalo. Ngajabula futhi ngakhululeka ngokuthi ngangingenzanga lutho oluwukungethembeki. Ngakhumbula IzAga 15:27: ‘Owenza inzuzo engalungile ulethela indlu yakhe isigcwagcwa, kodwa ozizondayo izipho [noma izifumbathiso] nguye oyoqhubeka ephila’”—UDanny, eHong Kong.

Injabulo Yomkhaya

“Ngiyazisebenza embonini yokwakha. Kunamathuba amaningi okukhohlisa labo engibenzela umsebenzi noma okungayikhokhi intela. Kodwa mina nomkhaya wami siye sazuza ngokuzimisela kwami ukuhlale ngiqotho.

“Ukuba qotho kuhilela konke ukuphila komuntu, hhayi nje ngesikhathi esemsebenzini noma ebhizinisini. Ukwazi ukuthi umyeni wakho noma umkakho ngeke ayekethise ezindinganisweni zikaNkulunkulu zobuqotho kwenza kube nokwethembana okwengeziwe emkhayeni. Umngane wakho womshado uzizwa elondekile ngokwazi ukuthi ubuqotho akuyona into oyigqokayo uphinde uyikhumule uma izimo zingahambi kahle.

“Ungaba nenkampani enkulu kunazo zonke emhlabeni kodwa ngeke ukwazi ukuthenga impumuzo ezinkingeni zomkhaya. Njengomunye woFakazi BakaJehova, ngithola ukuthi ukulandela izimiso zeBhayibheli kugcina ukuphila kusesilinganisweni esifanele. Nginesikhathi sokujabulela ukuba nomkhaya wami ngaphandle kokudansela isiginci saleli zwe elilawulwa imali nokuhaha.”—UDarwin, e-U.S.A.

Ubuhlobo Obuhle NoNkulunkulu

“Umsebenzi wami uhilela ukuthenga izinto ezidingwa inkampani yami. Ngesinye isikhathi abameleli bezinkampani ezithengisayo basikisela ukuthi esikhundleni sokuba banike inkampani yami sonke isaphulelo esifanele, bazonginika amaphesenti athile ngokuvumelana nobungako balokho okuthengwe inkampani. Kodwa lokhu kungaba ukwebela inkampani engiyisebenzelayo.

“Ngithola imali encane futhi ngiyayidinga imali eyengeziwe. Kodwa akukho okungaqhathaniswa nokuba nonembeza ohlanzekile nokuma okuhle phambi kukaJehova uNkulunkulu. Ngakho noma nini lapho ngithengela inkampani izinto, ngilandela isimiso seBhayibheli esitholakala kumaHebheru 13:18: ‘Sifisa ukuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke.’”—URaquel, ePhilippines.

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 9]

Izimiso Zokwethembeka Ebhizinisini

Izindinganiso ezamukelekayo mayelana nokuziphatha kwezamabhizinisi ziyehluka ezindaweni ngezindawo. Noma kunjalo, izimiso zeBhayibheli zingasetshenziswa njengesisekelo sokwenza izinqumo zokuziphatha okufanele. Ukwethembeka ebhizinisini kubonakala ngalezi zimpawu eziyisithupha ezilandelayo:

Ukuba neqiniso

Isimiso: “Ningaqambi amanga omunye komunye.”—Kolose 3:9.

Ukwethenjelwa

Isimiso: “Izwi lenu elingu-Yebo malisho uYebo, u-Cha wenu, asho uCha.”—Mathewu 5:37.

Ukwethembeka

Isimiso: “ungayembuli imfihlo yomunye umuntu.”—IzAga 25:9.

Ubuqotho

Isimiso: “Ungasamukeli isifumbathiso, ngoba isifumbathiso siphuphuthekisa abantu ababona ngokucacile.”—Eksodusi 23:8.

Ukwenza okufanele

Isimiso: “Ngakho-ke, zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.”—Mathewu 7:12.

Umthetho

Isimiso: “Nikani bonke okubafaneleyo, lowo ofuna intela, intela.”—Roma 13:7.

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 9]

Indlela Yokugcina Ubuqotho Ebhizinisini

● Thola Ukuthi Yini Ebaluleke Kakhulu Kuwe. Ngokwesibonelo, kubaluleke kangakanani kuwe ukuzuza ingcebo uma kuqhathaniswa nokulondoloza ukuma okuhle noNkulunkulu?

● Nquma Kusengaphambili. Cabanga ngezimo ezingabekela ubuqotho bakho inselele bese uhlela ukuthi uyosabela kanjani kuzo.

● Tshela Abanye Ngokuma Kwakho. Lapho uqala ukusebenzelana nabathile ebhizinisini, bazise ngobuhlakani ukuthi uphila ngaziphi izindinganiso.

● Funa Ukusekela Kwabanye. Lapho ubhekene nesilingo noma inselele emayelana nokuziphatha okufanele, cela iseluleko kothile onezindinganiso ezifanayo nezakho.

[Isithombe ekhasini 8]

Uma uthembekile, uyoba nokuthula kwengqondo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela