Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 2/12 k. 29
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2012
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abaholi Abasebancane EMalaysia
  • Izenzo Zobuwula Kuyi-Internet
  • UMbuso Owakhelwe Esihlabathini, Kuwoyela, Nasenkolweni
    I-Phaphama!—1991
  • Kuthiwani Ngobungane Kuyi-Internet?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Ukusiza Intsha Ukuba Ibhekane Nenselele
    I-Phaphama!—2007
  • Ingxenye 14:622 C.E. kuqhubeke—Ukuzithoba Entandweni KaNkulunkulu
    I-Phaphama!—1989
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2012
g 2/12 k. 29

Ukubuka Okwezwe

“Ngandlela-thile, ukuba umongameli kwenza umuntu abe nomuzwa wokuthi kufanele athandaze.”—UBARACK OBAMA, UMONGAMELI WASE-UNITED STATES OF AMERICA.

Lapho becelwa ukuba bakhethe indlela yokuveza ukuziqhenya ngobuzwe babo, abantu base-Argentina abangamaphesenti angu-56 abaneminyaka ephakathi kweyishumi kuya kwengu-24 bathi bakhetha ukugqoka ijezi leqembu lesizwe lebhola.—I-LA NACIÓN, E-ARGENTINA.

Imiphumela yocwaningo oluthile yembula ukuthi “cishe ingxenye eyodwa kwezintathu yokudla okukhiqizwayo iyalahleka noma kulahlwe, okulingana namathani ayizinkulungwane eziyizigidi ezingu-1,3 ngonyaka.”—INHLANGANO YOKUDLA NEZOLIMO YEZIZWE EZIHLANGENE, E-ITALY.

“Namuhla, imibiko yezimpi igcwele emhlabeni wonke, ngakho ibutho Lezwe Lethu kufanele lihlale likulungele ukuvikela abantu balo nakho konke elikubheka njengokungcwele kunoma yini eshiwo isitha esivela ngaphandle.”—INZALAMIZI UKIRILL, UMPHATHI WESONTO LOBU-ORTHODOX ERUSSIA.

Iningi lezingozi zemigwaqo ezabikelwa inkampani yomshuwalense eJalimane ngo-2010 zenzeka phakathi kuka-7:00 ekuseni no-8:00 ntambama. “Enye yezindlela ezibaluleke kakhulu zokugwema ingozi, ukuzinika isikhathi esanele sokufika ngesikhathi emsebenzini ekuseni,” kusho isikhulu sale nkampani.—I-PRESSEPORTAL, EJALIMANE.

Abaholi Abasebancane EMalaysia

EMalaysia kunohlelo oludumile lwethelevishini oluwumncintiswano wokukhetha i-imam enhle, noma umholi wenkolo yamaSulumane. Lolu hlelo olunesihloko esithi “Imam Muda,” noma “Umholi Osemncane,” luqoshelwa eKuala Lumpur. Abaqhudelana kulo mncintiswano baphakathi kweminyaka engu-18 kuya kwengu-27, futhi abanezizinda ezihlukahlukene, ngokuvamile baphuma kancane kancane kuze kusale oyedwa. Imiklomelo ihlanganisa imali nemoto entsha, kodwa odle umhlanganiso uthola umsebenzi wokuba i-imam, umfundaze wokuyofunda eSaudi Arabia, akhokhelwe nezindleko zohambo olungcwele oluya eMecca. Abaqhudelanayo kufanele bayazi kahle imisebenzi ye-imam, bakwazi ukuphikisana ngezenkolo nangezindaba ezisematheni, futhi bayazi ngekhanda i-Koran. Umsunguli walolu hlelo uthi injongo yakhe “ukukhanga intsha” ukuba ingenele inkolo yamaSulumane.

Izenzo Zobuwula Kuyi-Internet

Abantu abaningi abasebenzisa i-Internet abayiboni ingozi engase ivele ngokuhamba kwesikhathi yokufaka imininingwane yabo eyimfihlo ezingosini zokuxhumana. Kodwa, ubuwula obenza kuyi-Internet bungakubangela izinkinga kamuva ekuphileni kwakho. NgokukaTimothy Wright onguthisha-nhloko, futhi ocashunwe ephephandabeni lase-Australia i-Sydeny Morning Herald, “ubuchwepheshe banamuhla benza ukuba inkulumo ewubuwula, ukunyundela, izithombe ezingafaneleki noma ukwambula imininingwane yomuntu eyimfihlo kuhlala unomphela kuyi-Internet futhi kungatholwa yinoma ubani okufunayo.” Lokhu kusho ukuthi “amaphutha enziwa umuntu lapho eneminyaka engu-15, asengavunjululwa umqashi ngemva kweminyaka eyishumi kamuva,” kusho uWright.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela