Ukubukeza Komkhaya
Yini Engekho Kulesi Sithombe?
Funda eyoku-1 Samuweli 1:24-28; 2:11. Yibe usubheka isithombe. Iziphi izinto ezingekho? Bhala izimpendulo zakho emigqeni engezansi. Hlanganisa amachashazi ukuze isithombe siphelele bese usifaka imibala.
1. ․․․․․
2. ․․․․․
3. ․․․․․
[Umdwebo]
(Bheka encwadini)
ENINGAXOXA NGAKHO:
Abazali bakaSamuweli babefuna akusebenzise kanjani ukuphila kwakhe? UJehova wambusisa kanjani uSamuweli?
UMKHONDO: Funda eyoku-1 Samuweli 3:19-21.
Imiphi imigomo ongayibeka ukuze ukhazimulise uJehova?
UMKHONDO: Funda UmShumayeli 12:13; 1 Thimothewu 4:6-8, 12, 13.
OKUNGENZIWA UMKHAYA:
Ngaphandle kokusho okuthile, elinye ilungu lomkhaya lingalingisa omunye wabalingiswa okulandiswe ngabo emibhalweni yeBhayibheli engenhla. Amanye amalungu omkhaya kufanele azame ukuqagela ukuthi ubani lowo mlingiswa.
Wagcine Bese Uwafunda Kamuva
Wasike, uwasonge bese uwabeka
IKHADI LEBHAYIBHELI 14 USAMUWELI
IMIBUZO
A. Amagama abazali bakaSamuweli kwakungu ․․․․․ no ․․․․․.
B. Yiziphi izincwadi zeBhayibheli uJehova asebenzisa uSamuweli ukuba azibhale?
C. Qedela la mazwi eBhayibheli: “Umfana uSamuweli waqhubeka . . . ”
[Ishadi]
4026 B.C.E. 1 C.E. 98 C.E.
Ukudalwa kuka-Adamu Waphila cishe Kwalotshwa incwadi
ngawo-1100 B.C.E. yokugcina yeBhayibheli.
[Ibalazwe]
Wazalelwa eRama—wathuthela eShilo
IRama
IShilo
IJerusalema
USAMUWELI
UMLANDO
Abazali bakhe “bamboleka uJehova” futhi bamkhuthaza ukuba enze inkonzo kaNkulunkulu ibe umsebenzi wokuphila kwakhe kusukela esemncane. (1 Samuweli 1:24, 28) Nakuba ayebona abapristi abonakele bexhaphaza abanye, uSamuweli wahlala eqotho, ethembekile futhi enesibindi.—1 Samuweli 2:22-26; 3:18, 19; 12:2-5, 17, 18.
IZIMPENDULO
A. U-Elkana noHana.—1 Samuweli 1:19, 20.
B. AbaHluleli, uRuthe nengxenye kaSamuweli Wokuqala.
C. “. . .ekhula enoJehova.”—1 Samuweli 2:21.
Abantu Namazwe
4. Igama lami ngingu-Oskar ngineminyaka eyishumi, nginoSaskia oneminyaka engu-7. Sihlala e-Estonia. Ucabanga ukuthi bangaki oFakazi BakaJehova abahlala e-Estonia? Ingabe bangu-2 400, 4 200 noma 6 800?
5. Iliphi ichashazi elibonisa lapho sihlala khona? Likokelezele bese ubeka ichashazi lapho wena uhlala khona futhi ubone ukuthi uqhele kangakanani e-Estonia.
A
B
C
D
Izingane Zifuna Izithombe
Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.
Ukuze uthole amakhophi engeziwe “OKUBUKEZA KOMKHAYA,” yiya engosini ethi www.pr2711.com
● Izimpendulo “ZOKUBUKEZA KOMKHAYA” zisekhasini 11
IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 30 NO-31
1. Inkunzi yomhlatshelo.
2. Ufulawa.
3. Ujeke wewayini.
4. 4 200.
5. B.