Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 9/12 kk. 20-21
  • Ingabe Uyakudinga Ukuba Senkolweni Ehleliwe?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyakudinga Ukuba Senkolweni Ehleliwe?
  • I-Phaphama!—2012
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abangane BakaNkulunkulu Ngezikhathi Zasendulo
  • Izinzuzo Zokukhulekela Njengebandla
  • Ukuhlelelwa Ukukhonza UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Ingabe Kuyimfuneko Ukuba Ilungu Lenkolo Ehleliwe?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Kungani UNkulunkulu Enenhlangano?
    Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!
  • Inkolo
    I-Phaphama!—2014
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2012
g 9/12 kk. 20-21

Umbono WeBhayibheli

Ingabe Uyakudinga Ukuba Senkolweni Ehleliwe?

UMA ubulokhu udidekile ngokuba senkolweni ehleliwe noma wazitshela ukuthi ayibalulekile, awuwedwa. Empeleni, iningi labantu abakhetha ukungabi amalungu enkolo ehleliwe landa ngokushesha.

Abanye baye bazishiya izinkolo ezihleliwe ngoba bakholelwa ukuthi izinhlangano ezinjalo zikhiqiza ubuzenzisi nokungabekezelelani. Abanye bakuthola kuyinkimbinkimbi ukuba amalungu ohlobo oluhleliwe lwenkolo. Kanti abanye banomuzwa wokuthi inkolo ehleliwe imane nje iyinto eyeqisayo “exhumanisa” uNkulunkulu nabakhulekeli bakhe. Lifundisani ngempela iBhayibheli ngenkolo ehleliwe?

Abangane BakaNkulunkulu Ngezikhathi Zasendulo

IBhayibheli linikeza incazelo ecacile yohlobo lokukhulekela olwaluqhutshwa yizinzalamizi zasendulo ezinjengo-Abrahama, u-Isaka noJakobe. Ngokwesibonelo, ngesinye isikhathi uNkulunkulu wathi: “Ngiye ngajwayelana [no-Abrahama] ukuze ayale amadodana akhe nendlu yakhe ngemva kwakhe ukuze bagcine indlela kaJehova ukuba benze ukulunga nokwahlulela.” (Genesise 18:19) U-Abrahama wayengumngane kaNkulunkulu futhi ngaleyo ndlela enobuhlobo obuseduze noMdali. Kodwa wayebuye amkhulekele nomndeni wakhe. Ngokufanayo, nezinye izinzalamizi ezazingabangane bakaNkulunkulu zazimkhulekela njengeqembu, ngokuvamile namalungu emindeni noma nezihlobo kuhlanganise nezinceku zazo.

Ngokuhamba kwesikhathi, uNkulunkulu wafuna ukuba ama-Israyeli asendulo futhi kamuva namaKristu ekhulu lokuqala ukuba abuthane ukuze amkhulekele. (Levitikusi 23:2, 4; Hebheru 10:24, 25) Lezo zikhathi ezazihlelelwe ukukhulekela zazihlanganisa ukucula, ukufunda imiBhalo nomthandazo owenzelwa iningi. (Nehemiya 8:1-8; Kolose 3:16) ImiBhalo ibonisa nokuthi iqembu lamadoda afanelekayo lalihola ibandla ekukhulekeleni.—1 Thimothewu 3:1-10.

Izinzuzo Zokukhulekela Njengebandla

Ngokusekelwe kulezi zindlela ezingokomBhalo, kunengqondo ukuphetha ngokuthi nanamuhla uNkulunkulu angalindela ukuba abangane bakhe bamkhulekele ngendlela ehlelekile. Kunezinzuzo ukukhulekela uNkulunkulu njengebandla.

Ngokwesibonelo, imiBhalo ifanisa umkhulekeli weqiniso nomuntu ohamba endleleni enyinyekile; kwesinye isimo imfanise nomgijimi osemncintiswaneni. (Mathewu 7:14; 1 Korinte 9:24-27) Uma egijima ibanga elide elikhathazayo endaweni emazombezombe, umgijimi angase akhathale ngokushesha futhi agcine ngokuphonsa ithawula. Kodwa, ngokuvamile umgijimi angabekezela futhi enze nokwengeziwe uma esekelwa abanye. Ngokufanayo, umuntu oziphaphamele izinto ezingokomoya angabulondoloza ngokuphumelelayo ubuhlobo bakhe noNkulunkulu naphezu kwezinselele, uma nje ekhuthazwa abanye abakhulekeli.

Lokhu kuwachaza kahle amazwi atholakala eBhayibhelini, kweyamaHebheru 10:24, 25, ethi: “Masicabangelane ukuze sivuselelane uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu ndawonye.” Empeleni, imiBhalo ithi abakhulekeli beqiniso babeyokhulekela ndawonye njengabafowabo nodadewabo, bemunye njengomzimba ongokomfanekiso.

IBhayibheli lichaza umzimba, noma ibandla, njengelihlanganiswa isibopho sothando nokuthula. Ngokwesibonelo, eyabase-Efesu 4:2, 3 inxusa abakhulekeli ukuba baziphathe ‘ngokuthobeka kwengqondo okuphelele nobumnene, ngokubekezela, babekezelelane ngothando, bazame ngenkuthalo ukugcina ubunye bomoya esibophweni esihlanganisayo sokuthula.’ Ungaphila kanjani ngokuvumelana nalesi siqondiso uma ubungazihlanganisi nabanye abakhulekeli?

Kuyintando kaNkulunkulu ukuba abakhulekeli beqiniso babe munye okholweni kunokuba babe inhlangano yabantu abangokomoya abazikhulekela bengabodwa. IBhayibheli likhuthaza abakhulekeli ukuba bakhulume ngokuvumelana, bagweme ukwahlukana, futhi ‘bahlangane ngokufanele emqondweni ofanayo nasendleleni efanayo yokucabanga.’ (1 Korinte 1:10) Lawo mazwi abeyoba angenangqondo ukube uNkulunkulu ubefuna abantu bamkhulekele ngabanye bangahlangani.

Kuyacaca ukuthi ubufakazi obuvela eBhayibhelini bubonisa ukuthi inkolo ehleliwe iwuhlobo lokukhulekela olwamukelekayo kuNkulunkulu. Inkolo ehleliwe echazwa imiBhalo nefunwa uNkulunkulu, ingakusiza ukuba wanelise izidingo zakho ezingokomoya ngempumelelo.—Mathewu 5:3.

Kuyavunywa ukuthi ziningi izinkolo ezihleliwe namuhla ezinecala lobuzenzisi nobudlova obuningi. Kodwa lokhu akusho ukuthi kufanele silahle zonke izinkolo ezihleliwe. Kumelwe kube nenkolo emhlabeni ehlelelwe ukubonisa uthando kubo bonke abantu—inkolo ehlelelwe ukufundisa abanye ngezimiso zikaNkulunkulu zokuziphatha. Leyo nkolo ehleliwe ingakusiza ukuba wakhe ukholo lwangempela. IBhayibheli linikeza izinto ozidingayo ezingakusiza ubone uhlobo lwenkolo ehleliwe olwamukelekayo kuNkulunkulu.

INGABE WAKE WAZIBUZA?

  • Ingabe iBhayibheli liyasinikeza isibonelo senkolo ehleliwe?—Levitikusi 23:2, 4.

  • Iyiphi inzuzo eyodwa ebalulekile yokukhulekela uNkulunkulu njengengxenye yebandla?—Hebheru 10:24, 25.

  • Isiphi isibopho esihlanganisayo esenza abantu babuthanele ekukhulekeleni okuhleliwe?—Efesu 4:2, 3.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela