Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 7/14 k. 6
  • Ukuwohloka Kwempilo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuwohloka Kwempilo
  • I-Phaphama!—2014
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • INDLELA YOKUBHEKANA NENHLEKELELE
  • Ukholo Lwangisiza Ngabhekana Nokuhlinzwa Kobuchopho
    I-Phaphama!—1990
  • Ngenzenjani Uma Nginenkinga Yempilo? (Ingxenye 3)
    Intsha Iyabuza
  • Odokotela Sebeshintshe Umbono Ngokuhlinza Ngaphandle Kwegazi
    I-Phaphama!—1998
  • Indlela Yokululama
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2014
g 7/14 k. 6
Umbhede wasesibhedlela

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | INDLELA YOKUBHEKANA NOSIZI LAPHO WEHLELWA INHLEKELELE

Ukuwohloka Kwempilo

UMabel wase-Argentina, wayephila ukuphila okumatasa futhi esebenza njengomelaphi owelapha ngokubhucunga umzimba. Ngo-2007, waqala ukuzizwa ekhathala ngendlela engajwayelekile futhi wahlushwa ikhanda elingapheli. Uthi, “Ngaya kodokotela abehlukahlukene futhi ngazama zonke izinhlobo zemithi, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.” Ekugcineni, uMabel wahlolwa ngomshini othwebula okusebuchosheni okuthiwa yi-MRI, owembula ukuthi wayenesimila ebuchosheni. Uthi, “Ngavele ngakhungatheka! Ngangingakholwa ukuthi bengilokhu ngiphila nalesi sitha emzimbeni wami.

UMabel

“Noma kunjalo, ngangingaqondi ngokugcwele ukuthi sasisibi kangakanani isimo sempilo yami kwaze kwaba ngemva kokuhlinzwa. Lapho ngiphaphama egunjini labagula kakhulu, ngangingakwazi nokunyakaza. Ukuphela kwento engangikwazi ukuyenza, kwakuwukugqolozela uphahla. Ngaphambi kokuba ngihlinzwe ngangihlale ngimatasa futhi ngizenzela yonke into. Ngomzuzwana nje ngangingasakwazi kwenza lutho. Izinsuku engazichitha egunjini labagula kakhulu zazigcwele ukudideka futhi kunomsindo wemishini yokwelapha, izinhlaba-mkhosi zezimo eziphuthumayo, kanye nokuquma kwezinye iziguli. Ngazithola ngizungezwe abantu ababhekene nezinhlungu nokuhlupheka.

“Manje sengiluleme ngezinga elithile. Ngiyakwazi ukuzihambela ngingabanjwe muntu futhi ngezinye izikhathi ngize ngizihambele ngiyoshaywa umoya. Kodwa nginenkinga yokubona into eyodwa iyizinto ezimbili, kanti noma ngihamba ngisantengantenga.”

INDLELA YOKUBHEKANA NENHLEKELELE

Hlale unombono omuhle. Encwadini yezAga 17:22, iBhayibheli lithi: “Inhliziyo ejabulayo ingumuthi omuhle, kodwa umoya omunyu womisa amathambo.” UMabel uyakhumbula: “Ngesikhathi ngisalulama, ngabhekana nezinselele ezifanayo nalezo iziguli zami ezazibhekana nazo. Ukuvivinya umzimba kwakubuhlungu kakhulu futhi ngezinye izikhathi ngangicabanga ukuyeka. Kwadingeka ngiziphoqe ukuze ngilahle ukucabanga okunjalo okungafanele, ngazi ukuthi ukuzikhandla kwakuyogcina kulethe imiphumela emihle.”

Hlala ethembeni ukuze ukhuthazele. UMabel uthi: “Ngenxa yokufunda kwami iBhayibheli, ngangazi ukuthi kungani izinhlekelele zenzeka. Kodwa futhi ngangazi nokuthi usuku ngalunye oludlulayo lusisondeza esikhathini lapho ubuhlungu bungasayikuba khona phakade.”a

Yazi ukuthi uNkulunkulu uyakukhathalela wena uqobo. (1 Petru 5:7) UMabel ukhumbula indlela lokhu okwamsiza ngayo: “Lapho bengingenisa egunjini lokuhlinza, ngakubona ukuba yiqiniso kuka-Isaya 41:10, lapho uNkulunkulu ethi khona: ‘Ungesabi, ngoba nginawe.’ Ngazizwa nginokuthula okukhulu, ngazi ukuthi uJehova uNkulunkulu wayenendaba nalokho okwakwenzeka kimi.”

Ingabe bewazi? IBhayibheli lifundisa ukuthi isikhathi siyeza lapho isintu singasayikuhlushwa khona yizinkinga zempilo.—Isaya 33:24; 35:5, 6.

a Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe, bheka isahluko 11 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela