Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 9/15 kk. 8-9
  • Indlela Yokuxolisa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Yokuxolisa
  • I-Phaphama!—2015
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • INSELELE
  • Kungani Kufanele Ngixolise?
    Intsha Iyabuza
  • Ingabe Kuyadingeka Ngempela Ukuba Uxolise?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Ukuxolisa—Isihluthulelo Sokudala Ukuthula
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Kungani Kunzima Kangaka Ukuxolisa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2015
g 9/15 kk. 8-9
Indoda ikhuluma nomkayo kodwa akayinakile ngenxa yentukuthelo

USIZO LOMKHAYA | UMSHADO

Indlela Yokuxolisa

INSELELE

Wena noshade naye niqeda kuba nengxabano. Uyacabanga, ‘Akudingeki ukuthi kube yimina oxolisayo. Akumina oyiqalile!’

Liyehla igwebu, kodwa isimo sisashubile. Uphind’ ucabange ukuxolisa, kodwa awukwazi ukuzehlisa ngokwanele ukuba usho igama elilodwa elilula uthi “Ngiyaxolisa.”

IZIMBANGELA

Ukuqhosha. Indoda egama layo linguCharles iyavuma, “Ngezinye izikhathi kunzima ukuthi ‘Ngiyaxolisa’ ngenxa yokuthi kuba nzima ukuzehlisa.”a Ukuzazisa ngokweqile kungenza kube nzima ngawe ukuvuma iphutha lakho.

Umbono. Ungase ucabange ukuthi kufanele uxolise kuphela uma kunguwena obangele inkinga. Inkosikazi egama layo linguJill ithi: “Lapho ngazi kahle kamhlophe ukuthi yimina osephutheni, kulula ukuthi ‘Ngiyaxolisa.’ Kodwa uma sobabili sikhulumé izinto esizisola ngazo, kuba nzima. Pho kungani kufanele kube yimina oxolisayo uma iphutha kungelethu sobabili?”

Ungase ungasiboni nakakhulu isidingo sokuxolisa uma unomuzwa wokuthi okwenzekile bekuliphutha loshade naye ngokuphelele. Indoda egama layo linguJoseph ithi, “Lapho ukholelwa ngobuqotho ukuthi awenzanga lutho olubi, ukungaxolisi kuphenduka indlela yokuzibonakalisa ungenaphutha.”

Indlela okhuliswe ngayo. Mhlawumbe wakhulela emndenini lapho ukuxolisa ngokuzwakalayo kwakuyivela-kancane. Uma kunjalo, kungenzeka awukaze ufunde ukuvuma amaphutha akho. Ngenxa yokuthi wawungavamile ukukwenza usemncane, ukuxolisa ngokusuka enhliziyweni awuzange ukujwayele.

ONGAKWENZA

Indoda nenkosikazi bacisha umlilo ngamanzi

Ukuxolisa kungabhula amalangabi engxabano

Gxila koshade naye. Zama ukucabanga ngendlela owajabula ngayo lapho othile exolisa kuwe. Kungani ungenzi oshade naye azizwe ngendlela efanayo? Ngisho noma ukholelwa ukuthi awukho ephutheni, ungaxolisa ngenxa yobuhlungu obuzwiwa oshade naye noma imiphumela obungayihlosile yezenzo zakho. Ukuxolisa kwakho kungamsiza oshade naye alulame.—Isimiso seBhayibheli: Luka 6:31.

Gxila emshadweni wakho. Ungabheki ukuxolisa njengophawu lokwehlulwa, kodwa kubheke njengesenzo sokusimamisa umshado wakho. Kakade, umuntu ongaxoli, ‘ulukhuni kunomuzi oqinile,’ kusho izAga 18:19. Kodwa kunzima, noma cishe kuyinto engenakwenzeka ukulondoloza ukuthula ezimweni lapho wonke umuntu efuna ukuzivikela. Ngakolunye uhlangothi, lapho uxolisa usuke ugwema ukuthi isimo singashubi kakhulu. Empeleni, usuke wenza umshado wakho uze kuqala.—Isimiso seBhayibheli: Filipi 2:3.

Shesha ukuxolisa. Yiqiniso, ukuxolisa kungaba nzima uma kungewena wedwa osephutheni. Kodwa amaphutha oshade naye akufanele abe izaba zokungaziphathi kahle kwakho. Ngakho unganqikazi ukuxolisa, ucabange ukuthi isimo sizolungiswa ukuhamba kwesikhathi. Ukuxolisa kwakho kungenza kube lula nakoshade naye ukuba axolise. Futhi uma ukwenza umkhuba ukuxolisa, kuba lula kakhudlwana ukukwenza.—Isimiso seBhayibheli: Mathewu 5:25.

Makube sobala ukuthi awuzenzisi. Ukuveza izizathu zokuthi kungani wenze lokhu okwenzile akukhona ukuxolisa. Kanti futhi inkulumo ebhuqayo enjengokuthi, “Ngiyaxolisa-ke ngokuthi nawe uyashesha ukuzwela,” ayikona neze ukuxolisa! Yamukele imiphumela yezenzo zakho futhi ubonise ukuthi uyabuqaphela ubuhlungu oshade naye abuzwayo, kungakhathaliseki ukuthi ukholelwa ukuthi bekufanele noma bekungafanele aphatheke kabi.

Bhekana namaqiniso. Kwamukele ngokuthobeka ukuthi uzowenza amaphutha. Vele wonke umuntu uyawenza! Ngisho noma ucabanga ukuthi alikho iphutha olenzile, qaphela ukuthi kungenzeka ukuthi awunawo umqondo ophelele waleyo ndaba. IBhayibheli lithi, “Ongowokuqala ecaleni lakhe lasemthethweni ulungile; umuntu wakubo uyangena ngokuqinisekile amphenyisise.” (IzAga 18:17) Kuyoba lula kakhudlwana ngawe ukuxolisa uma unombono ofanele ngawe nangokulinganiselwa kwakho.

a Amanye amagama kulesi sihloko ashintshiwe.

IMIBHALO EYISIHLUTHULELO

  • “Leyo ndlela enifuna abantu benze ngayo kini, yenzani kanjalo nani kubo.”—Luka 6:31.

  • “Ngokuthobeka kwengqondo nibheka abanye njengabakhulu kunani.”—Filipi 2:3.

  • “Lungisa izindaba masinyane.”—Mathewu 5:25.

UJason no-Alexandra

UJASON NO-ALEXANDRA

“Ukuxolisa kungashintsha umshado wenu ekubeni indawo lapho izinkinga zingadluli khona futhi zidala ukungezwani ube indawo lapho izinkinga zimane sisheshe zixazululeke khona. Ukuxolisa kuninikeza ithuba lokubonisana ukuthi nithandana ngempela.”

UKai noJulia

UKAI NOJULIA

“Injongo yokuxolisa ukulondoloza ukuthula nenjabulo. Ayikona ukubonisa ukuthi ubani onephutha nongenalo. Uma kunento ehlukumeza oshade naye, yenza konke ongakwenza ukuze azizwe kangcono.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela