Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g16 No. 4 k. 6
  • 3. Bheka Imiphumela Yesikhathi Eside

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • 3. Bheka Imiphumela Yesikhathi Eside
  • I-Phaphama!—2016
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ungakwazi Ukufinyelela Imigomo Ezokusondeza KuJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
  • Ukugwema Ukubuya Kwemikhuba Emibi
    I-Phaphama!—1991
  • Zuza Emandleni Esejwayezi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Indlela Yokulawula Izejwayezi Zakho
    I-Phaphama!—2016
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2016
g16 No. 4 k. 6
Owesifazane ubeka uphawu ekhalendeni

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | INDLELA YOKULAWULA IZEJWAYEZI ZAKHO

3 Bheka Imiphumela Yesikhathi Eside

Ikhalenda elinezindawo eziphawuliwe

Kunombono othandwayo wokuthi ukugxilisa isejwayezi esisha kuthatha izinsuku ezingu-21. Nokho, empeleni ucwaningo lubonisa ukuthi kwabanye abantu ukwenza izinguquko ezinkulu kungathatha isikhathi esingaphansi kwalokho—kwabanye esingaphezulu kakhulu. Ingabe lokho kufanele kukudikibalise?

Cabanga ngalokhu: Ake sithi ufuna ukuba nesejwayezi sokujima kathathu ngesonto.

  • Ngesonto lokuqala, uyawufinyelela umgomo wakho.

  • Ngesonto lesibili, weqiwa usuku.

  • Ngesonto lesithathu, kuphinda kuhambe kahle.

  • Ngesonto lesine, ujima kanye kuphela, usugcina icala nje.

  • Ngesonto lesihlanu, uphinda uwufinyelele umgomo wakho, futhi kusukela lapho uwufinyelela masonto onke.

Kukuthathe amasonto amahlanu ukugxilisa isejwayezi sakho esisha. Kungase kuzwakale kuyisikhathi eside, kodwa uma usuwufinyelele umgomo wakho, uzojabula ngokuthi usunesejwayezi esihle esisha.

ISIMISO SEBHAYIBHELI: “Olungile angawa ngisho nakasikhombisa, kodwa ngokuqinisekile uyovuka.”—IzAga 24:16.

IBhayibheli likhuthaza ukubheka imiphumela yesikhathi eside. Okubalulekile ekugcineni akukhona ukuthi siwa kangaki, kodwa ukuthi sivuka kangaki.

Okubalulekile ekugcineni akukhona ukuthi siwa kangaki, kodwa ukuthi sivuka kangaki

ONGAKWENZA

  • Ungaphethi ngokuthi ukuwa kusho ukwehluleka unomphela. Njengoba uzama ukufinyelela umgomo wakho, kulindele ukuwa ngezinye izikhathi.

  • Gxila ezikhathini lapho kwakuhamba kahle. Ngokwesibonelo, uma uzama ukuthuthukisa indlela okhuluma ngayo nezingane zakho, zibuze: ‘Kunini lapho ngazizwa kuthi angizithethise izingane zami, kodwa ngazibamba? Yini engayenza esikhundleni sokuthetha? Ngingakuphinda kanjani engakwenza?’ Imibuzo enjalo ingakusiza ugxile empumelelweni kunokuba ugxile ekuweni kwakho.

Ungathanda yini ukwazi ukuthi izimiso zeBhayibheli zingakusiza kanjani kwezinye izici zokuphila, njengokubhekana nokukhathazeka, ukwenza umndeni wakho ujabule nokuthola injabulo yangempela? Khuluma nanoma imuphi uFakazi kaJehova, noma uvakashele ingosi yethu, ethi jw.org/zu.

IZIMISO ZEBHAYIBHELI EZIHLOBENE NALOKHU

“Amehlo akho, kufanele abheke phambili.”—IzAga 4:25.

“Njengoba ngikhohlwa izinto ezingemuva futhi ngilulekela phambili ezintweni ezingaphambili, ngiphishekela emgomweni.”—Filipi 3:13, 14.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela