Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g17 No. 4 k. 9
  • ‘Igama Elihle Lingcono Kunengcebo Echichimayo’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Igama Elihle Lingcono Kunengcebo Echichimayo’
  • I-Phaphama!—2017
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Ukuthobeka Kubonisa Ubuthaka Noma Amandla?
    I-Phaphama!—2007
  • Kungani Kumelwe Wembathe Ukuthobeka?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • “Malingcweliswe Igama Lakho”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2020
  • Ungakubonisa Kanjani Ukuthobeka Kwangempela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2017
g17 No. 4 k. 9
Umakhenikha onedumela elihle

Igama noma idumela elihle likwenza uthenjwe futhi uhlonishwe

‘Igama Elihle Lingcono Kunengcebo Echichimayo’

IGAMA noma idumela elihle liyigugu kakhulu kangangokuthi kwamanye amazwe liyavikelwa ngokomthetho. Lokho kungahlanganisa ukuvikelwa kubantu abangabhala noma basakaze into engakuhlambalaza nakubantu abangasho izinto ezingadicilela phansi isithunzi sakho. Lokhu kusikhumbuza isisho sasendulo esithi: “Yigama okumelwe likhethwe kunengcebo echichimayo; umusa ungcono ngisho kunanesiliva negolide.” (IzAga 22:1) Singazakhela kanjani igama elihle futhi senze abantu basihloniphe? IBhayibheli linamacebiso amahle.

Ngokwesibonelo, cabanga ngalokho iBhayibheli elikushoyo encwadini yeHubo 15. Ephendula umbuzo othi, “Ngubani oyoba yisimenywa etendeni [likaNkulunkulu]?” umhubi wathi: “Yilowo . . .okwenza umkhuba ukulunga futhi okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe akazange anyundele ngolimi lwakhe. Akazange enze lutho olubi kumhlobo wakhe futhi akakhulumanga sihlamba kumngane wakhe omkhulu. Noma ngubani onengekayo ngokuqinisekile uyamala emehlweni akhe. Wenze isifungo entweni embi kuye, nokho akaguquki. . . . futhi akazange athathe isifumbathiso.” (IHubo 15:1-5) Ngeke yini wamhlonipha umuntu owenza njengoba lo mBhalo usho?

Enye into eyenza abantu bakuhloniphe ukuthobeka. IzAga 15:33 zithi: “Ukuthobeka kwandulela inkazimulo.” Abantu abathobekile bayabheka ukuthi kukhona yini lapho kufanele balungise khona bese bezama kanzima ukulungisa ubuntu babo. Baphinde bazimisele ukuzehlisa baxolise uma kukhona abamphathe kabi. (Jakobe 3:2) Abantu abaziphakamisayo bona bayashesha ukucasuka. IzAga 16:18 zithi: “Ukuziqhenya kwandulela ukuphahlazeka, nomoya ozidlayo wandulela ukukhubeka.”

Kodwa kufanele wenze njani uma othile ekukhuluma kabi? Ingabe kumelwe uyithathele phezulu indaba usacasukile? Nakuba ngezinye izikhathi ukuya kwabomthetho kungafaneleka, iBhayibheli lithi: “Ungaphumi uyosingatha icala lomthetho ngokubhuduzela.” Kunalokho, ‘khuluma udaba lwakho nomakhelwane wakho.’ (IzAga 25:8, 9)a Ukuthatha lesi sinyathelo kungakongela imali eningi.

IBhayibheli aliyona incwadi yenkolo nje kuphela. Liyincwadi eneziqondiso ongazethemba nongazisebenzisa ekuphileni. Bonke abakwenzayo lokho elikushoyo libasiza ukuba babe nenhlonipho futhi bazakhele igama elihle.

a Okunye okungaba wusizo ekuxazululeni izinkinga kutholakala encwadini yeBhayibheli kaMathewu 5:23, 24; 18:15-17.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela