Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g20 No. 1 kk. 14-15
  • Ungaphila Ngaphandle Kokucindezeleka

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungaphila Ngaphandle Kokucindezeleka
  • IPhaphama!—2020
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphakathi
    IPhaphama!—2020
  • Indlela Yokulawula Ukucindezeleka
    I-Phaphama!—2010
  • Lapho Sekubusa UMbuso KaNkulunkulu, ‘Kuyochichima Ukuthula’
    I-Phaphama!—2019
  • Ukucindezeleka Okuzuzisayo Nokucindezeleka Okuyingozi
    I-Phaphama!—1998
Bheka Okunye
IPhaphama!—2020
g20 No. 1 kk. 14-15
Umfana omncane nobaba wakhe badlala emagagasini asolwandle, kanti umama namadodakazi bajabulela ukubabukela besogwini.

THOLA IMPUMUZO EKUCINDEZELEKENI

Ungaphila Ngaphandle Kokucindezeleka

Ukuhlakanipha okuseBhayibhelini kungasisiza sigweme ukucindezeleka okungadingekile. Thina ngokwethu asikwazi ukuqeda konke okusicindezelayo. Kodwa uMdali wethu angakwazi. Umise ngisho nomuntu ozosisiza. Lowo muntu uJesu Kristu. Emhlabeni wonke, uzokwenza izinto eziningi ezimangalisayo ezingaphezu kwalezo azenza ngesikhathi esengumuntu emhlabeni. Ngokwesibonelo:

UJESU UZOKWELAPHA ABAGULAYO, NJENGOBA ENZA.

“Bamlethela bonke ababenezifo nezinhlupheko ezihlukahlukene . . . , wabelapha.”—MATHEWU 4:24.

UJESU UZONIKEZA BONKE IZINDAWO ZOKUHLALA NOKUDLA.

“[Labo abazobuswa uKristu] bayokwakha izindlu bahlale kuzo, bayotshala amasimu amagilebhisi badle izithelo zawo. Ngeke bakhe bese kuhlala omunye, ngeke batshale bese kudla abanye.”—ISAYA 65:21, 22.

UKUBUSA KUKAJESU KUZOKWENZA UMHLABA UBE NOKUTHULA NOKULONDEKA.

“Ezinsukwini zayo olungile uyoqhakaza, nokuthula kuyochichima uma nje inyanga isekhona. Iyoba nezikhonzi kusukela olwandle kuze kube solwandle kusukela eMfuleni kuze kube semikhawulweni yomhlaba. . . . Inkosi iyozinqoba izitha zayo.”—IHUBO 72:7-9.

UJESU UZOQEDA UKUNGABI NABULUNGISA.

‘Uzohawukela ophansi noswele, uzosindisa ukuphila kwabampofu. Uzobakhulula ekucindezelweni nasebudloveni.’—IHUBO 72:13, 14.

UJESU UZOQEDA NGISHO NOKUHLUPHEKA NOKUFA.

“Ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.”—ISAMBULO 21:4.

“IZIKHATHI EZINZIMA ZOKUCINDEZELEKA OKUKHULU”

“Izwe namuhla licindezeleke kakhulu, likhathazekile, lidumele futhi lisezinhlungwini ngendlela esingakaze siyibone.”—UMohamed S. Younis, umhleli weGallup.

Kungani abantu becindezeleke kangaka? IBhayibheli lisinika impendulo enengqondo. Kweyesi-2 Thimothewu 3:1, lithi: “Ezinsukwini zokugcina kuyofika . . . izikhathi ezinzima zokucindezeleka okukhulu kanye nezinkinga.” (I-Amplified Bible). IBhayibheli libe selisho ukuthi kungani ukucindezeleka kuyinsakavukela ngokuchaza izici ezimbi zobuntu babantu. Lezi zici zihlanganisa umona, ukuqhosha, ubuzenzisi babantu abasontayo, ubudlova, abantu abangenalo uthando lomndeni nabangakwazi ukuzithiba. (2 Thimothewu 3:2-5) Izinsuku zokugcina ziyophela lapho uJesu Kristu esebusa umhlaba njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, uhulumeni wasezulwini.—Daniyeli 2:44.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela