Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g22 No. 1 k. 3
  • Izwe Ligcwele Iziyaluyalu​—Ungazivikela Kanjani?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izwe Ligcwele Iziyaluyalu​—Ungazivikela Kanjani?
  • I-Phaphama!—2022
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kulo Magazini IPhaphama!
    I-Phaphama!—2022
  • Lapho Wehlelwa Inhlekelele
    I-Phaphama!—2014
  • Isihloko Sengxoxo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
  • Okuphakathi
    I-Phaphama!—2022
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2022
g22 No. 1 k. 3
Owesifazane okhungathekile ubuka ifoni yakhe yesimanje. Ubona izithombe zezinxushunxushu emphakathini, izinhlekelele zemvelo, umama odangele ophethe ingane yakhe, isakhi segciwane i-corona negumbi lasesibhedlela.

Izwe Ligcwele Iziyaluyalu​—Ungazivikela Kanjani?

Ukwanda kwezinkinga ezisemhlabeni kukwenza uthwale kanzima kakhulu yini manje kunangaphambili? Zikhona yini lezi zinto ezilandelayo lapho uhlala khona?

  • izimpi

  • izifo eziwumshayabhuqe

  • izinhlekelele zemvelo

  • indlala

  • ubandlululo

  • ubugebengu obunonya

Lapho kugadla inhlekelele, abantu abaningi bayashaqeka, baphelelwe yithemba, abanye babe ndikindiki. Kodwa ukushaqeka isikhathi eside kungenza isimo sibe sibi nakakhulu.

Lapho usabhekene naleso simo, kumelwe ngokushesha uthathe isinyathelo sokuvikela abantu obathandayo, impilo yakho, imali nezinto onazo nenjabulo yakho.

Yini ongayenza manje ukuze ungadikibaliswa yizinto ezikuthintayo ezenzeka emhlabeni?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela