Phakathi nezikhathi zeziyaluyalu, vikela ubudlelwane onabo nabanye ngokwenza lezi zinto
QINISA UMSHADO WAKHO
Qinisa umshado wakho
IBhayibheli lithi: “Ababili bangcono kunoyedwa . . . Ngoba uma kuwa oyedwa, lo omunye angamvusa umngane wakhe.” (UmShumayeli 4:9, 10) Abantu abashadile kufanele bafane nomshayeli wendiza nomsizi wakhe abanomgomo owodwa, hhayi njengabashayeli bezindiza zempi abashayela izindiza ezingafani ezizoshayisana.
Nquma ukuthi ngeke ukhiphele ukucindezeleka kwakho koshade naye. Isineke nokubekezela kuhamba ibanga elide.
Xoxa noshade naye ngezinkinga onazo, okungenani kanye ngesonto. Khumbula ukuthi kufanele nihlasele inkinga—ningahlaselani nodwa.
Bekani isikhathi sokwenza izinto nobabili enizijabulelayo.
Zikhumbuzeni izikhathi ezimnandi enake naba nazo nindawonye, mhlawumbe ngokubuka izithombe zomshado wenu noma ezinye izikhathi ezimnandi enazijabulela.
“Abantu abashadile bangase bangavumelani kukho konke, kodwa lokhu akusho ukuthi abakwazi ukubambisana njengeqembu. Abashadile bangenza isinqumo ndawonye bese beyabambisana ekwenzeni leso sinqumo sibe impumelelo.”—UDavid.
UNGABALAHLI ABANGANI BAKHO
Ungabalahli abangani bakho
Cabanga ngezindlela ongabasekela ngazo abangani bakho, hhayi nje ukuthi kube yibo kuphela abakusekelayo. Lapho usiza abanye, usuke uzisiza nawe.
Thinta abanye babangani bakho nsuku zonke uzwe ukuthi baqhuba kanjani.
Buza abangani bakho ukuthi babhekane kanjani nezinkinga ezifana nalezo obhekene nazo.
“Lapho ungasazi ukuthi uthatheni uhlanganise nani, abangani bayokunika inhlansi yethemba. Bangakusiza bakubonise indlela efanele, ngisho noma bengakwenza lokho ngokukukhumbuza izinto ozaziyo. Abangani bakho bayakukhathalela futhi bayazi ukuthi nawe uyabakhathalela.”—UNicole.
SEKELA IZINGANE ZAKHO NJENGOMZALI
Sekela izingane zakho njengomzali
IBhayibheli lithi: ‘Shesha ukulalela, wephuze ukukhuluma.’ (Jakobe 1:19) Uma uqala ukukhuluma nezingane zakho zingase zikuthole kunzima ukukutshela izinto ezizikhathazayo nezizesabayo, kodwa uma uzilalela ngesineke, uyozisiza ukuba zikhulume nawe ngokukhululekile.
Yenza kube lula ukuba izingane zakho zikutshele indlela ezizizwa ngayo. Ezinye izingane zikuthola kulula ukukhuluma lapho isimo sikhululekile njengalapho nisemotweni noma lapho nizihambela, kunokuba uzihlalise phansi.
Qiniseka ukuthi izingane zakho azizibuki kakhulu izindaba ezinemibiko ephazamisayo.
Tshela izingane zakho ukuthi yiziphi izinyathelo ozithathile ukuze ugcine umndeni wakho uphephile.
Hlela ukuthi niyokwenzenjani uma kuba nezimo eziphuthumayo, bese niyakuprakthiza zingakafiki.
“Xoxa nezingane zakho, uzinike ithuba lokuveza indlela ezizizwa ngayo. Kungenzeka zikufihlela izinto ezizesabayo, ezizikhathazayo nezizicasulayo. Zitshele ukuthi nawe uyaba nemizwa efanayo, nokuthi yini oye wayenza ukuze ubhekane naleyo mizwa.”—UBethany.