Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g24 No. 1 kk. 4-6
  • Kungani Abantu Bengasahloniphani?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Abantu Bengasahloniphani?
  • I-Phaphama!—2024
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • KUNGANI KUBALULEKILE UKUHLONIPHA ABANYE?
  • SINGABABONISA KANJANI ABANYE INHLONIPHO?
  • YINI OFAKAZI BAKAJEHOVA ABAYENZAYO NGOKUPHATHELENE NENHLONIPHO?
  • Seyashonaphi Inhlonipho?
    I-Phaphama!—2024
  • Ukubekezelelana—Lingasiza Yini IBhayibheli
    Izihloko Ezengeziwe
  • Ngingabenza Kanjani Abanye Bangihloniphe?
    I-Phaphama!—1992
  • Kungani Kufanele Sihloniphe Igunya?
    “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2024
g24 No. 1 kk. 4-6
Indoda esesitolo sokudlela, ikhwela iyadilika kuweta ozama ukuxolisa. Abanye abahleli nayo etafuleni abasakhululekile.

Kungani Abantu Bengasahloniphani?

KUNGANI KUBALULEKILE UKUHLONIPHA ABANYE?

Ukuhlonipha abanye kubhula umlilo, kwenze isimo esibi singabi sibi kakhulu.

  • Isaga seBhayibheli sithi: “Impendulo emnene iyakunqanda ukufutheka, kodwa izwi elihlabayo libangela ulaka.” (IzAga 15:1) Ukukhuluma nokwenza ngokwedelela kubhebhethekisa umlilo, ngokuvamile, okwenza isimo esibi sibe sibi nakakhulu.

  • UJesu wathi: “Umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.” (Mathewu 12:34) Ukwedelela kungaveza inkinga enkulu ekhona—indlela esizizwa ngayo ngabantu bolunye uhlanga nobuzwe noma abakhuliswe ngendlela ehlukile kweyethu.

    Ocwaningweni lwakamuva, olwenziwe kubantu abangaphezu kuka-32 000 emazweni angu-28, abantu abangamaphesenti angu-65 kubo bathi, abantu abasenabo ubuntu ngezinga elikhulu kunakuqala.

SINGABABONISA KANJANI ABANYE INHLONIPHO?

Noma ngabe usesikoleni noma emsebenzini, hlonipha bonke abantu—ngisho noma ngabe imibono yenu ayifani. Thola izinto eningavumelana ngazo. Lokho kuzokusiza ungabagxeki futhi ubahlulele abanye.

“Yekani ukwahlulela ukuze ningahlulelwa.”—Mathewu 7:1.

Phatha abanye ngendlela ongathanda ukuphathwa ngayo. Uma ubacabangela abantu futhi ungakhethi, cishe bayokwenza okufanayo nakuwe.

“Leyo ndlela enifuna abantu benze ngayo kini, yenzani kanjalo nani kubo.”—Luka 6:31.

Thethelela. Ungacabangi ukuthi abantu bakulimaza ngamabomu kodwa zama ukungawanaki amazwi abuhlungu nezenzo ezikuphatha kabi.

“Ukuqondisisa komuntu nakanjani kuyaludambisa ulaka lwakhe, futhi kungubuhle kuye ukushalazelela ukoniwa.”—IzAga 19:11.

Ngaphakathi eHholo LoMbuso loFakazi BakaJehova ngaphambi kokuba kuqale umhlangano. Abantu abaneminyaka engafani abavela ezizindeni ezingafani babingelelana ngemfudumalo futhi bayaxoxa.
Ngaphakathi eHholo LoMbuso loFakazi BakaJehova ngaphambi kokuba kuqale umhlangano. Abantu abaneminyaka engafani abavela ezizindeni ezingafani babingelelana ngemfudumalo futhi bayaxoxa.

YINI OFAKAZI BAKAJEHOVA ABAYENZAYO NGOKUPHATHELENE NENHLONIPHO?

OFakazi BakaJehova bayabahlonipha abanye, la behlala khona nalapho besebenza khona.

Sifundisa abathandayo iBhayibheli mahhala kodwa asibaphoqi ukuba bamukele izinkolelo zethu nemibono yethu. Kunalokho, sizama ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli ngokuxoxa nabo “ngomoya omnene nangenhlonipho ejulile.”—1 Petru 3:15; 2 Thimothewu 2:24.

Asibandlululi muntu futhi emihlanganweni yethu samukela abantu abavela kuzo zonke izizinda, abafuna ukuthola lokho iBhayibheli elikufundisayo. Siyabekezelelana futhi ‘sihlonipha zonke izinhlobo zabantu.’—1 Petru 2:17.

Siyalihlonipha igunya lohulumeni abasiphethe. (Roma 13:1) Sihlonipha umthetho sikhokhe nentela. Ngisho noma singaluthathi uhlangothi kwezepolitiki, siyawahlonipha amalungelo abanye okuzenzela izinqumo uma kuziwa ezindabeni zezepolitiki.

Izithombe: Iziqephu zevidiyo ethi “Uthando Oluqotho Luyoyinqoba Nini Inzondo?” 1. Indoda engumArabhu. 2. Indoda engumJuda.

FUNDA OKWENGEZIWE

Kunzima ukuhlonipha abanye uma ufundiswe ukubazonda. Thola ukuthi amadoda amabili avela emazweni angezwani akufunda kanjani ukuhlonipha abanye. Funa ividiyo ethi Uthando Oluqotho Luyoyinqoba Nini Inzondo? ku-jw.org.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela