Isahluko 24
Ingabe Ukuya Ocansini Kuzobuthuthukisa Ubuhlobo Bethu?
UBongiwe noMlungisi banezinyanga ezimbili kuphela bethandana, kodwa uBongiwe uzwa sengathi kade bazana. Bathumelelana imiyalezo njalo, bakhuluma ocingweni isikhathi eside futhi bacabanga ngendlela efanayo! Kodwa manje, njengoba behlezi emotweni ebusuku, uMlungisi ufuna benze okungaphezu nje kokuxoxa.
Phakathi nezinyanga ezimbili ezidlule, uBongiwe noMlungisi bebegcina ngokubambana ngezandla nokuqabulana kancane. UBongiwe akafuni ukwenza okungaphezu kwalokho. Kodwa futhi akafuni uMlungisi amlahle. Akekho umuntu omenza azizwe emuhle futhi ekhetheke njengaye. Uthi ngenhliziyo, ‘Ngaphandle kwalokho, vele mina noMlungisi siyathandana . . . ’
CISHE ungaqagela ukuthi yini esizolandela manje. Kodwa okungenzeka ungakuqapheli yindlela ukuya ocansini okuzobulimaza ngayo ubuhlobo bukaMlungisi noBongiwe. Cabanga ngalokhu okulandelayo:
Uma ungawunaki umthetho wemvelo, njengomthetho wamandla adonsela phansi, ubhekana nemiphumela ebuhlungu. Kunjalo nangokungawunaki umthetho wokuziphatha, njengalowo othi: “Nidede ebufebeni.” (1 Thesalonika 4:3) Iyini imiphumela yokungawulaleli lowo mthetho? IBhayibheli lithi: “Lowo ofebayo wona owakhe umzimba.” (1 Korinte 6:18) Kuyiqiniso kangakanani lokho? Ake uzame ukubhala phansi imiphumela emithathu ebuhlungu engatholwa abantu abahlanganyela ubulili ngaphambi komshado.
1 ․․․․․
2 ․․․․․
3 ․․․․․
Bheka lokho okubhalile. Ingabe ubhale izinto ezinjengezifo ezithathelwana ngobulili, ukukhulelwa okungafunwa noma ukungabe usamukeleka kuNkulunkulu? Leyo imiphumela ebuhlungu kakhulu engatholwa yinoma ubani owephula umthetho kaNkulunkulu wokuziphatha ngokuqondene nobufebe.
Noma kunjalo, ungase ulingeke. Ungase ucabange, ‘Ngeke kwenzeke lutho kimi.’ Ingani bonke abantu bayaya ocansini. Ontanga esikoleni baqhosha ngokuthi bayaya ocansini futhi akubonakali ukuthi bathola imiphumela ebuhlungu. Mhlawumbe, njengoBongiwe okukhulunywe ngaye ekuqaleni, unomuzwa wokuthi ukuya ocansini kuzonenza nisondelane kakhudlwana nomuntu omthandayo. Ngaphandle kwalokho, ubani ofuna ukugconwa ngokuthi akakaze alale namuntu? Akungcono yini ukumane uzilalele nothile?
Yima kancane! Okokuqala, akubona bonke abantu abaya ocansini. Yiqiniso, ungase ufunde amanani abonisa ukuthi intsha eningi iyaya ocansini. Ngokwesibonelo, ukuhlola kwase-United States kwabonisa ukuthi lapho nje bephothula esikoleni esiphakeme, abasha ababili kwabathathu basuke sebeke baya ocansini. Kodwa lokho kusho nokuthi oyedwa kwabathathu—okuyinani elikhulu—usuke engakaze. Kuthiwani ngalabo abayayo ocansini? Abacwaningi bathole ukuthi intsha eningi eke yaya ocansini ithola imiphumela ebuhlungu.
UMPHUMELA WOKUQALA UKUCINDEZELEKA. Iningi lentsha eke yaya ocansini ngaphambi komshado lithi lazisola kamuva.
UMPHUMELA WESIBILI UKUNGATHEMBANI. Ngemva kokwenza ubulili, ngamunye uqala ukuzibuza, ‘Ubani omunye ake walala naye?’
UMPHUMELA WESITHATHU UKUDUMAZEKA. Amantombazane amaningi angathanda umuntu ongawavikela, angadlali ngawo. Futhi abafana abaningi bathola ukuthi abayithandisisi intombazane abake badlala ngayo.
Ngaphezu kwalokho, abafana abaningana bathi ngeke bashade nentombazane abake balala nayo. Ngani? Ngoba bafuna umuntu oyintombi nto!
Uma uyintombazane, ingabe lokho kuyakumangaza—mhlawumbe kuze kukuthukuthelise? Khumbula lokhu-ke: Imiphumela engokoqobo yokwenza ubulili ngaphambi komshado ihlukile kulokho okuvezwa emabhayisikobho naku-TV. Ezokuzijabulisa ziyakuqhakambisa ukuya ocansini usemncane, zikwenze kubonakale kumnandi, kungenangozi noma kuwuthando lwangempela. Phaphama! Abantu abazama ukukucindezela ukuba wenze ubulili ngaphambi komshado bazifunela ezabo izinzuzo. (1 Korinte 13:4, 5) Ngaphezu kwalokho, umuntu okuthanda ngempela angakubeka yini engozini yokuba ulimale emzimbeni nangokomzwelo? (IzAga 5:3, 4) Futhi umuntu okukhathalela ngempela angakulinga yini ukuba wone ubuhlobo bakho noNkulunkulu?—Hebheru 13:4.
Uma uyinsizwa futhi kunothile othandana naye, izinto okukhulunywa ngazo kulesi sahluko kufanele zikunike isizathu sokucabanga ngobuhlobo bakho nentombi yakho. Zibuze, ‘Ingabe ngiyikhathalela ngempela?’ Uma impendulo yakho inguyebo, iyiphi indlela engcono yokukubonisa? Ngokuba namandla okunamathela ezindinganisweni zikaNkulunkulu, ngokuba nokuhlakanipha kokugwema izimo ezilingayo nangokuba nothando lokwanelisa izifiso zayo. Uma unalezo zimfanelo, cishe intombi yakho iyozizwa njengomShulamiti owayeziphethe kahle, owathi: “Isithandwa sami singesami nami ngingowaso.” (IsiHlabelelo SeziHlabelelo 2:16) Ngamafuphi, uyoba yikho konke kuyo!
Kungakhathaliseki ukuthi ungumfana noma uyintombazane, uma ungalala nomuntu ngaphambi komshado, uyobe uzehlisa isithunzi ngokuphisana ngento eyigugu. (Roma 1:24) Yingakho abaningi bezizwa bexhashaziwe futhi bengelutho kamuva, njengokungathi ngobudedengu bavumele ukuba bantshontshelwe into ethile eyigugu! Ungakuvumeli lokho kwenzeke kuwe. Uma othile ezama ukukunxenxa ukuba ulale naye ngokuba athi, “Uma ungithanda, uzovuma,” phendula ngezwi eliqinile uthi, “Uma ungithanda, ngeke ungicele!”
Umzimba wakho uyigugu kakhulu ukuba uphisane ngawo. Bonisa ukuthi unaso isibindi sokulalela umthetho kaNkulunkulu wokugwema ubufebe. Ngelinye ilanga uma ushada, uyoya-ke ocansini. Futhi uyokujabulela ngokugcwele, ungabi nokukhathazeka nokuzisola okuvame ukuba umphumela wokuya ocansini ngaphambi komshado.—IzAga 7:22, 23; 1 Korinte 7:3.
FUNDA OKWENGEZIWE NGALE NDABA EMQULWINI 2, IZAHLUKO 4 NO-5
Mubi kangakanani umkhuba wokushaya indlwabu?
UMBHALO OYINHLOKO
“Balekelani ubufebe. . . . Lowo ofebayo wona owakhe umzimba.”—1 Korinte 6:18.
ICEBISO
Lapho kuziwa ekuziphatheni lapho unabobulili obuhlukile, kuhle ukulandela lo mthetho: Uma kuyinto ongeke uthande abazali bakho bakubone uyenza, akufanele uyenze.
UBUWAZI . . . ?
Ngemva kokwenza ubulili, makhulu amathuba okuba umfana ayishiye intombi yakhe, adlulele kwenye.
ENGIZOKWENZA!
Lapho nginomuntu wobulili obuhlukile, izimo okumelwe ngizigweme yilezi ․․․․․
Uma owobulili obuhlukile efuna ukuhlangana nami endaweni esekusithekeni, ngizothi ․․․․․
Engingathanda ukukubuza umzali wami (abazali) ngale ndaba ․․․․․
UCABANGANI?
● Nakuba ubulili ngaphambi komshado bungase bukhange enyameni engaphelele, kungani bungalungile kuwe?
● Uzokwenzenjani uma othile ecela ukulala nawe?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 176]
“NjengomKristu, unezimfanelo eziyokwenza uthandeke kwabanye. Ngakho kufanele uqaphe futhi wenqabe lapho ulingelwa ekuziphatheni okubi. Zihloniphe lezo zimfanelo. Ungazingcwabi uphila!’’—UJoshua
[Isithombe emakhasini 176, 177]
Ukulala nomuntu ngaphambi komshado kufana nokuthatha isithombe esihle usulele izinyawo kuso