Isahluko 17
Yini Okufanele Ngiyazi Ngabangane Basesikoleni?
“Ngezinye izikhathi ngibona ezinye izingane, bese ngicabanga, ‘Azive zizwana. Nami ngifuna ukuba nabangane abanjengalaba.’”—UJoe.
“Ngangingenankinga yokwenza abangane esikoleni. Kwakulula. Kwakuyileyo inkinga yami.”—UMaria.
BONKE abantu bayabadinga abangane—abantu abangaba nabo ngezikhathi ezinhle nabangancika kubo ezikhathini ezimbi. UJesu wayenabo abangane futhi wayekujabulela ukuchitha isikhathi nabo. (Johane 15:15) Lapho esebhekene nokufa esigxotsheni sokuhlushwa, umngane kaJesu omkhulu uJohane, ‘umfundi ayemthanda,’ wayeseduze. (Johane 19:25-27; 21:20) Uyabadinga abangane abanjalo—abantu abayonamathela kuwe kukuhle kukubi!
Mhlawumbe unomuzwa wokuthi usubatholile abangane abanjalo esikoleni—oyedwa noma ababili ofunda nabo enijwayelene kakhulu naye. Nithanda izinto ezifanayo futhi niyakujabulela ukuxoxa. Ungase ungababoni bewuhlobo ‘olubi’ lwabangane. (1 Korinte 15:33) “Lezi zingane uzibona cishe nsuku zonke,” kusho u-Anne. “Ngakho uzizwa ukhululekile uma unazo. Akufani nokuba phakathi kwabazalwane nodadewenu abangokomoya okuye kuthi ngezinye izikhathi ube nomuzwa wokuthi kudingeka uyibhekisise indlela owenza ngayo. Kodwa esikoleni uyakhululeka.” Ngaphezu kwalokho, ungazithola usubheka izinto njengoLois, othi, “Ngangifuna abangane bami basesikoleni babone ukuthi oFakazi BakaJehova abahlukile njengoba wonk’ umuntu ecabanga, babone ukuthi nathi singabantu abavamile.” Ingabe yizizathu ezinengqondo lezo zokuba umngane omkhulu nezingane ofunda nazo?
Kungani Kunesidingo Sokuqapha?
Cabanga ngokwenzeka kuMaria, ocashunwe ekuqaleni. Ubuntu bakhe obunobungane benza kwaba lula ukuba abe nabangane, kodwa kwaba nzima ukuba akhethe abafanelekayo. Uyavuma, “Ngangikuthanda ukuthandwa amantombazane nabafana. Ngenxa yalokho ngazithola sengiwela kancane kancane ogibeni lwaleli zwe.” ULois wabhekana nesimo esifanayo. Uthi: “Izimo zengqondo zezinye izingane zangithonya. Ngaqala ukwenza njengazo.”
Akumangalisi lokho. Angithi ukuze ulondoloze ubungane obuseduze nomuntu, kudingeka uthande izinto azithandayo nazibheka njengezibalulekile. Uma wakha ubungane obuseduze nabantu abangazisekeli izinkolelo nezindinganiso zakho ezingokomBhalo, ubungane benu buyokuthonya nakanjani ukuziphatha kwakho. (IzAga 13:20) Ngesizathu esihle, umphostoli uPawulu wabhala: “Ningaboshelwa ejokeni nabangakholwa.”—2 Korinte 6:14.
Ongakwenza
Ingabe iseluleko sikaPawulu sisho ukuthi kufanele uzixwaye izingane ofunda nazo futhi ungangeneki? Cha! Ukuze afeze ukuthunywa ‘kokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi,’ amaKristu kudingeka akwazi ukuxoxa namadoda nabesifazane bazo zonke izinhlanga, izinkolo namasiko.—Mathewu 28:19.
Umphostoli uPawulu wabeka isibonelo esihle kulokhu. Wayekwazi ukuxoxa ‘nabantu bazo zonke izinhlobo,’ nakuba ayenezinkolelo ezingefani nezabo. (1 Korinte 9:22, 23) Ungasilandela isibonelo sikaPawulu. Yiba nomusa kontanga. Funda ukukhuluma kahle nabo. Kepha yilwa nesifiso sokukhuluma nokuziphatha njengabo. Kunalokho, ngokushesha nje, bachazele ngenhlonipho isizathu esenza ukhethe ukuphila ngezimiso zeBhayibheli.—2 Thimothewu 2:25.
Yiqiniso, uyohluka kubo, futhi ukuhluka akuyona into elula. (Johane 15:19) Kodwa kungani ungayibheki kanje le ndaba? Ukube ubusesikebheni esizungezwe abantu abaminzayo emanzini, ubungabasiza kanjani—ngokushiya isikebhe bese uziphonsa emanzini lapho bekhona? Lutho neze!
Ngokufanayo, esikoleni uzungezwe abantu abangenaso isivikelo esilethwa ukuba omunye wabangane bakaJehova. (IHubo 121:2-8) Ukube ubungashiya izimiso zikaJehova ukuze usondelane nabo, ubuyoyifaka engozini impilo yakho engokomoya kanye nenjabulo yakho. (Efesu 4:14, 15; Jakobe 4:4) Yeka ukuthi bekungaba ngcono kanjani uma ubungazama ukusiza ofunda nabo bangene kanye nawe esikebheni esingokomfanekiso, ngokubabonisa indlela yokukhonza uJehova. Ngempela, iyiphi enye indlela engcono kunale ongaba ngayo umngane weqiniso?
UMBHALO OYINHLOKO
“Ngenza zonke izinto ngenxa yezindaba ezinhle, ukuze ngibe umhlanganyeli wazo nabanye.”—1 Korinte 9:23.
ICEBISO
Uma abathile ofunda nabo ekilasini bethanda ukufunda ngezinkolelo zakho, bavumele nabo baveze eyabo imibono. Lalela ngobuqotho. Lapho ukhuluma, khuluma “ngomoya omnene nangenhlonipho ejulile.”—1 Petru 3:15.
UBUWAZI . . . ?
Abaningi abakhonza uNkulunkulu namuhla báfunda ngeBhayibheli enganeni ababefunda nayo eyaba nesibindi sokukhuluma ngokholo lwayo.
ENGIZOKWENZA!
Uma nginomuzwa wokuthi sengisondelene kakhulu nengane engifunda nayo ekilasini, ngizo- ․․․․․
Uma ingane yesikole ihlekisa ngezinkolelo zami, ngizobhekana nesimo ngoku- ․․․․․
Engingathanda ukukubuza umzali (abazali) bami ngale ndaba
UCABANGANI?
● Ucabanga ukuthi kungani kungase kubonakale kulula ukwenza abangane esikoleni kunasebandleni lobuKristu?
● Yiziphi izingozi zokuchitha isikhathi esengeziwe ngemva kwesikole nengane engakholwa ofunda nayo?
● Kusiza ngani ukutshela izingane ofunda nazo ukuthi ungomunye woFakazi BakaJehova?
[Amazwi ahambisana nesithombe esisekhasini 143]
“Esikoleni ngangivame ukwenza okwenziwa ezinye izingane, ngakho kwakulula ukwenza abangane. Kodwa ngafunda emaphutheni ami. Manje nginabangane ebandleni—abangane engingabethemba.’’—UDaniel
[Izithombe ekhasini 146]
Ungamsiza kanjani kangcono umuntu ominzayo—ngokuziphonsa emanzini noma ngokumnikeza okuthile kokumsindisa?