-
Yini Okufanele Ngiyazi Ngokubhema?Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
-
-
Isihloko 33
Yini Okufanele Ngiyazi Ngokubhema?
Faka u-✔ eceleni kwendlela echaza indlela ozizwa ngayo kulezi ezilandelayo.
□ Nginelukuluku
□ Ngicindezelekile
□ Ngifuna ukwamukeleka kwabanye
□ Ngifuna ukunciphisa umzimba
UMA likhona ibhokisi olifake uqhwi ekhasini 237, kusho ukuthi kukhona enifana ngakho nontanga yakho ababhemayo noma abake bacabanga ukubhema.a Ngokwesibonelo:
Ukwanelisa ilukuluku. “Ngangizibuza ukuthi kazi kunjani ukubhema, ngakho ngathatha ugwayi entombazaneni yasesikoleni ngathi sithe, ngabhema.”—UTracy.
Ukubhekana nokucindezeleka nokufuna ukwamukeleka. “Izingane esikoleni zazithi ‘Sengathi ngingathola ugwayi ngibheme,’ uma sezibhemile zithi, ‘Kwaze kwangcono!’ Lapho ngicindezelekile, nami ngangifuna ukubhema.”—UNikki.
Ukunciphisa umzimba. “Amanye amantombazane ayabhema ngoba engafuni ukukhuluphala—kulula kakhulu kunokugada indlela odla ngayo!”—USamantha.
Kodwa ngaphambi kokuba uqale ukubhema—noma ubheme okwesibili—yima ucabange. Ungafani nenhlanzi egijimela udobo olunokudla. Yiqiniso, ingase ikuthole lokho kudla, kodwa nayo igcina idliwe! Kunokuba wenze kanjalo, lalela iseluleko seBhayibheli, usebenzise “amandla [akho] okucabanga ngokucacile.” (2 Petru 3:1) Phendula le mibuzo elandelayo.
Yini Ngempela Oyaziyo Ngokubhema?
Phawula ngokuthi iqiniso noma amanga.
a. Ukubhema kuzonciphisa ukucindezeleka.
□ Iqiniso □ Amanga
b. Cishe yonke intuthu ngizoyikhipha emzimbeni.
□ Iqiniso □ Amanga
c. Ukubhema ngeke kungigulise ngisemncane.
□ Iqiniso □ Amanga
d. Ukubhema kuzongenza ngikhange kwabobulili obuhlukile.
□ Iqiniso □ Amanga
e. Uma ngibhema, akekho omunye olimalayo ngaphandle kwami.
□ Iqiniso □ Amanga
f. UNkulunkulu akanandaba nokuthi ngiyabhema noma cha.
□ Iqiniso □ Amanga
Izimpendulo
a. Amanga. Nakuba ukubhema kukunciphisa okwesikhashana ukucindezeleka okubangelwa ukuzama ukuyeka ukubhema, ososayensi bathole ukuthi i-nicotine empeleni iyalikhuphula izinga lama-hormone okucindezeleka.
b. Amanga. Ucwaningo lubonisa ukuthi intuthu kagwayi engamaphesenti angaphezu kuka-80 oyihogelayo ivaleleka emzimbeni.
c. Amanga. Nakuba izingozi zanda njengoba uqhubeka ubhema, imbalwa imiphumela ozoshesha ukuyibona. Abanye abantu balutheka besabheme ugwayi owodwa nje vó. Umoya ongena emaphashini akho uzoncipha futhi cishe uzoba nenkinga yokukhwehlela njalo. Isikhumba sakho sizoshwabana usemncane. Ukubhema kwandisa nezinkinga zobulili, ukushaya ngamandla kwenhliziyo nokucindezeleka.
d. Amanga. Umcwaningi uLloyd Johnston wathola ukuthi intsha ebhemayo “ayikhangi kwabaningi bobulili obuhlukile.”
e. Amanga. Intuthu ekhishwa abantu ababhemayo ibulala izinkulungwane unyaka ngamunye; izolimaza umkhaya wakini, abangane bakho ngisho nezilwane ozifuyile.
f. Amanga. Labo abafuna ukujabulisa uNkulunkulu kumelwe bazihlanze “kukho konke ukungcola kwenyama.” (2 Korinte 7:1) Akungabazeki ukuthi ukubhema kuyawungcolisa umzimba. Uma ukhetha ukuba ongcolile, uzilimaze wena nabanye ngokubhema, ngeke ube umngane kaNkulunkulu.—Mathewu 22:39; Galathiya 5:19-21.
Indlela Yokukugwema
Yini ozoyenza uma othile ekunika ugwayi ethi bhema? Ngokuvamile ukusho amazwi alula ngezwi eliqinile, anjengokuthi “Cha ngiyabonga, angibhemi,” kuyasiza. Uma lowo muntu ephikelela aze ngisho akugcone, khumbula ukuthi isinqumo esakho. Ungase uthi:
● “Ngiye ngahlola izingozi futhi nganquma ukuthi ngeke ngibheme.”
● “Ngisafuna ukuphila.”
● “Awufuni yini ngizenzele esami isinqumo?”
Nokho, njengentsha ecashunwe ekuqaleni kwalesi sahluko, ungathola ukuthi kwawena unesifiso esikhulu kakhulu sokubhema. Uma kunjalo, yilwa naso ngokucabangela imibuzo enjengale:
● ‘Kukhona yini ngempela engizokuzuza ngokubhema? Ngokwesibonelo, uma ngikhetha ukubhema ukuze nje ngamukeleke kwabanye, ingabe bazongamukela ngisho noma kungekho okunye esifana ngakho? Ingabe ngiyafuna ngempela ukuba nabantu abazojatshuliswa ukungibona ngilimaza impilo yami?’
● ‘Ukubhema kuzongidlela imali engakanani, kungibangele ziphi izinkinga zempilo futhi kungehlise isithunzi kangakanani?’
● ‘Ngizimisele yini ukulahla ubuhlobo bami noNkulunkulu ngenxa nje kagwayi?’
Kuthiwani uma kakade usungumlutha kagwayi? Yini ongayenza ukuze ugqashule kuwo?
Indlela Yokugqashula
1. Ziqinisekise ukuthi uyafuna ukuyeka. Bhala izizathu zakho zokuyeka ukubhema, udamane uzibheka njalo. Isifiso sokuhlanzeka phambi kukaNkulunkulu singaba isizathu esinamandla.—Roma 12:1; Efesu 4:17-19.
2. Thola usizo. Uma ubufihla ukuthi uyabhema, manje isikhathi sokuba uzibike. Batshele labo obubafihlela ukuthi usuyayeka, ubacele bakusekele. Uma ufuna ukukhonza uNkulunkulu, thandazela usizo lwakhe.—1 Johane 5:14.
3. Beka usuku ozoyeka ngalo. Zinike amasonto amabili noma ngaphansi, bese uluphawula ekhalendeni usuku ozimisele ukuyeka ngalo. Tshela umkhaya wakini nabangane ukuthi ngalolo suku uyayeka ukubhema.
4. Ucinge, uwulahle. Ngaphambi kokuba kufike usuku ozoyeka ngalo, cinga ukuthi awukho yini ugwayi ekamelweni lakho, emotweni nasezimpahleni zakho. Ulahle. Lahla izinto zokokhela, umentshisi nezitsha zikagwayi.
5. Yilwa nokuqaleka. Phuza kakhulu iziphuzo zezithelo noma amanzi, uziphe nesikhathi esengeziwe sokulala. Khumbula njalo ukuthi ukuqaleka kuzodlula, kodwa izinzuzo zokuyeka ukubhema ziyohlala njalo!
6. Gwema izilingo. Gwema izimo nezindawo ezizokulinga ukuba ubheme. Kungase kudingeke nokuba uhlukane nabangane bakho ababhemayo.—IzAga 13:20.
Ungavumi Ukukhohliswa
Unyaka nonyaka izimboni zikagwayi zichitha imali eningi kakhulu ziwukhangisa. Ziwukhangisa kobani ngokukhethekile? Umbiko wenkampane kagwayi yakwelinye izwe uthi: “Intsha yanamuhla iyona eyobe iwuthenga kakhulu esikhathini esizayo.”
Ungavumeli abathengisi bakagwayi bakukhuthuze. Kungani kufanele ubavumele bakuyenge? Bona kanye nontanga yakho ababhemayo abanandaba nenhlalakahle yakho. Kunokuba ubalalele, lalela iseluleko esiseBhayibhelini “ukuze uzuze.”—Isaya 48:17.
Ingabe abangane bakho bakucindezela ukuba uphuze utshwala? Funda ukuthi kungani kudingeka wazi ukuthi kufanele uphuze kangakanani.
[Umbhalo waphansi]
a Nakuba lesi sahluko sikhuluma ngabantu abawubhemayo ugwayi, izinkinga nezingozi eziveziwe ziyasebenza nakulabo abawuhlafunayo.
UMBHALO OYINHLOKO
‘Masihlukane nanoma yini engcolisa imizimba yethu.’—2 Korinte 7:1, Contemporary English Version.
ICEBISO
Ungabeki izaba ezinjengokuthi, ‘Ngizoshaya kanye nje.’ Ngokuvamile zikwenza uphinde ubheme futhi.—Jeremiya 17:9.
UBUWAZI . . . ?
Ugwayi ongenantuthu—njengohlafunwayo—ungaba ne-nicotine eningi kunosikilidi futhi unezinhlobo ezingaba ngu-25 zobuthi obubangela umdlavuza, obenza lowo owubhemayo abe sengozini yokuba nomdlavuza womphimbo nomlomo.
ENGIZOKWENZA!
Uma engifunda naye esikoleni engicindezela ukuba ngibheme, ngizo- ․․․․․
Engingathanda ukukubuza umzali wami (abazali) ngale ndaba ․․․․․
UCABANGANI?
● Ngisho noma uzazi izingozi, kungani ungase ulingeke ukuba ubheme?
● Yini ekwenze waqiniseka ukuthi ukubhema kubi?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 240]
“Lapho nginikezwa ugwayi kuthiwa ngibheme, ngiyamomotheka bese ngithi, ‘Cha ngiyabonga, angifuni ukuphathwa umdlavuza.’’’—U-Alana
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 241]
Ingabe Kubi Ngempela Ukubhema Insangu?
“Abanye bathi ukubhema insangu kuyindlela yokuphuma ezinkingeni, futhi bathi ayidali zinkinga,” kusho u-Ellen wase-Ireland. Uke wawezwa yini amazwi afana nalawo ngensangu? Qhathanisa amanga avame ukukhulunywa namaqiniso.
Amanga. Insangu ayiyona ingozi.
Iqiniso. Imiphumela eyaziwayo engapheli noma okusolwa ukuthi ibangelwa ukubhema insangu yilena: ukuphazamiseka kwengqondo, ukungakwazi ukufunda kahle, ukungasebenzi kwamasosha omzimba nezifo ezingokobulili kwabesilisa nakwabesifazane. Ingabangela ukushaya ngamandla kwenhliziyo, ukugula kwengqondo nokukhathazeka ngokweqile. Izingane ezizalwa omama ababhema insangu zisengozini yokuba nezinkinga zokuziphatha, izingqondo ezizulayo nobunzima bokwenza izinqumo.
Amanga. Intuthu yensangu ayiyona ingozi njengekagwayi.
Iqiniso. Uma iqhathaniswa nentuthu kagwayi, intuthu yensangu ingafaka insizi ephindwe kane emzimbeni wakho, ifake nesikhutha esinobuthi obuphindwe kahlanu egazini lakho. Izinqamu ezinhlanu zensangu zingakufakela ubuthi obubangela umdlavuza obulingana nobalo lonke iphakethe likagwayi.
Amanga. Insangu ayiluthi.
Iqiniso. Intsha enezinkinga zengqondo noma zemizwelo ingashesha ukuluthwa insangu. Enye ingalutheka ngemva kwesikhathi eside. Ngaphezu kwalokho, ukucwaninga kuveza ukuthi intsha ebhema insangu isengozini enkulu kakhulu yokusebenzisa ezinye izidakamizwa eziluthayo, njenge-cocaine.
[Ibhokisi/Izithombe emakhasini 244, 245]
Lokho Ugwayi Okwenzayo Emzimbeni Wakho
Bheka abantu abayimiqemane abasezikhangisweni zikagwayi; bese uqhathanisa lezo zikhangiso nalokho ugwayi okwenzayo ngempela emzimbeni wakho.
Umlomo nomphimbo Ungabangela umdlavuza
[Isithombe]
Ulimi olunomdlavuza
Inhliziyo Uqinisa futhi unciphise imithambo, unciphise umoya-mpilo ongena enhliziyweni futhi wandise ingozi yesifo senhliziyo ngokuphindwe kane
[Isithombe]
Umthambo ovalekile
Amaphaphu Uvithiza izikhwanyana ezisema-phashini ezingena umoya, ushise imigudu yomoya, wandise nengozi yokuba nesifo somdlavuza wama-phaphu ngokuphindwe izikhathi ezingu-23
[Isithombe]
Iphaphu lomuntu obhemayo
Ubuchopho Wandisa ingozi yokushaywa unhlangothi ngokuphindwe kane
Isikhumba Ungenza umuntu asheshe aguge
Amazinyo Wenza ashintshe umbala
Isisu Ubangela umdlavuza
Amanyikwe Ubangela umdlavuza
Isinye Ubangela umdlavuza
Izinso Ubangela umdlavuza
[Isithombe ekhasini 239]
Njengenhlanzi ebambe ukudla kodobo, umuntu obhemayo uyakuthola akufunayo kodwa ukhokha kabuhlungu
-
-
Yini Engalungile Ngokuzitika Ngotshwala?Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
-
-
Isahluko 34
Yini Engalungile Ngokuzitika Ngotshwala?
Ubungayiphendula kanjani le mibuzo elandelayo? Faka u-✔ eceleni kwempendulo yakho.
Bakhona yini ontanga yakho abaphuza besebancane noma abazitika ngotshwala?
□ Yebo □ Cha
Ontanga yakho bake bakuphoqa yini ukuba uphuze utshwala?
□ Yebo □ Cha
Uke wabuphuza yini utshwala ngokweqile?
□ Yebo □ Cha
KUYINI ukuzitika ngotshwala? Abanye bakuchaza ngokuthi ukuphuza nje ukuze udakwe. Umbiko wenhlangano yase-United States ebizwa ngokuthi iNational Institute on Alcohol Abuse and Alcoholism wazama ukukuchaza ngokuthé ngqo. Wathi “kuvame ukuchazwa ngokuthi yilapho owesilisa ephuza izingilazi ezinhlanu noma ngaphezulu zotshwala, nalapho owesifazane ephuza ezine noma ngaphezulu ngesikhathi esisodwa.”
Uma uke walingeka ukuba uphuze ngokweqile noma uphuze usemncane, awuwedwa. Intsha eningi ibusebenzisa kabi utshwala.a Kodwa zibuze, ‘Ngiyazi ngempela yini ukuthi kungani ngifuna ukuphuza nokuthi iyini imiphumela engizobhekana nayo ngokuphuza utshwala?’ Ngokwesibonelo, ubungayiphendula kanjani le mibuzo? Faka u-✔ ebhokisini eliseceleni kwempendulo yakho, ucabangele namaqiniso.
a. Intsha iphuza utshwala ngoba nje bumnandi.
□ Iqiniso □ Amanga
b. Njengoba intsha isencane futhi inempilo enhle, imbalwa imiphumela emibi eyitholayo ngokuphuza ngokweqile kunabantu abadala.
□ Iqiniso □ Amanga
c. Ngeke ufe uma uphuza kakhulu.
□ Iqiniso □ Amanga
d. IBhayibheli likwenqabela ngokuphelele ukuphuza utshwala.
□ Iqiniso □ Amanga
e. Ukugula emzimbeni kuwukuphela komphumela wokuphuza ngokweqile.
□ Iqiniso □ Amanga
a. Intsha iphuza utshwala ngoba nje bumnandi. Impendulo—Amanga. Inhlolo-vo yase-Australia exwayisa abantu ngophuzo oludakayo yabonisa ukuthi intsha engamaphesenti angu-36 iphuza ngoba nje ifuna ukwamukeleka kwabanye emaphathini. E-United States kwatholakala ukuthi amaphesenti angu-66 entsha athi aphuza ngoba ecindezelwa ontanga. Engaphezu kwesigamu yathi iphuza ngoba izama ukukhohlwa izinkinga zayo.
b. Njengoba intsha isencane futhi inempilo enhle, imbalwa imiphumela emibi eyitholayo ngokuphuza ngokweqile kunabantu abadala. Impendulo—Amanga. Isihloko esithile sikamagazini i-Discover sithi, “Ukucwaninga okusha kubonisa ukuthi intsha ephuzayo isengozini.” Kungani? “Intsha ephuza ngokweqile kungenzeka ilimale kakhulu engqondweni.”
Ukuphuza ngokweqile kuhlobene nokuba nezinduna, imibimbi, ukukhuluphala, ukuba umlutha wotshwala nezidakamizwa. Kungasilimaza kakhulu nesimiso sezinzwa, inso nenhliziyo.
c. Ngeke ufe uma uphuza kakhulu. Impendulo—Amanga. Ukuphuza utshwala ngokweqile kwenza ingqondo ingawutholi umoya-mpilo; imisebenzi ebalulekile eyenzeka emzimbeni ingama. Imiphumela ingaba ukuhlanza, ukuquleka nokuphefumula kanzima. Ngezinye izikhathi, ungafa nokufa.
d. IBhayibheli likwenqabela ngokuphelele ukuphuza utshwala. Impendulo—Amanga. IBhayibheli alikwenqabeli ukuphuza utshwala, lingayenqabeli nentsha ukuba izijabulise. (IHubo 104:15; UmShumayeli 10:19) Kudingeka ube usukhule ngokwanele ngokomthetho kahulumeni ukuba uphuze utshwala.—Roma 13:1.
Nokho, iBhayibheli liyasixwayisa ngokuphuza ngokweqile. “Iwayini lingumhleki wosulu, uphuzo oludakayo lunomsindo, noma ubani oduka ngalo akahlakaniphile,” kusho izAga 20:1. Utshwala bungakwenza udelele! Yiqiniso, bungakwenza ujabule okwesikhashana, kodwa uma ubuphuza ngokweqile, ‘buzokuluma njengenyoka,’ bukushiye unezinkinga eziningi.—IzAga 23:32.
e. Ukugula emzimbeni kuwukuphela komphumela wokuphuza ngokweqile. Impendulo—Amanga. Uma udakwa, uzichaya kuzo zonke izinhlobo zezingozi—ngisho nokudlwengulwa. Ngesikhathi esifanayo, ungaba ingozi nakwabanye, wenze izinto ezingafani nawe. IBhayibheli lixwayisa ngokuthi uma uphuza ngokweqile, “ngeke ukwazi ukucabanga noma ukukhuluma kahle.” (IzAga 23:33, Today’s English Version) Ngamafuphi, uzenza isiphukuphuku! Eminye imiphumela ebuhlungu ingahlanganisa ukulimala kobuhlobo bakho nabanye, ukungaphumeleli esikoleni nasemsebenzini, ukwaziwa njengesigebengu nokuba mpofu.—IzAga 23:21.
Ngaphezu kwakho konke, cabanga ngomonakalo ongokomoya ongenzeka lapho uzitika ngotshwala. UJehova uNkulunkulu ufuna umkhonze “ngayo yonke ingqondo yakho”—hhayi ngengqondo elinyazwe ngamabomu ukuphuza utshwala ngokweqile. (Mathewu 22:37) IZwi likaNkulunkulu alenqabeli kuphela “ukweqisa ewayinini” kodwa futhi ‘nemincintiswano yokuphuza.’ (1 Petru 4:3) Ngakho, ukuphuza ngokweqile kuphambene nentando yoMdali wethu futhi kuzokuvimbela ukuba ube nobuhlobo obuseduze naye.
Uzokhethani?
Ingabe uzomane ulingise ontanga yakho ababusebenzisa kabi utshwala? IBhayibheli lithi, “Anazi yini ukuthi uma niqhubeka nizinikela kunoma ubani njengezigqila ukuba nimlalele, niyizigqila zakhe ngoba niyamlalela?” (Roma 6:16) Ingabe ngempela ufuna ukuba isigqila sontanga yakho nesotshwala?
Yini okufanele uyenze uma ubusubanjwe ugibe lokuphuza ngokweqile? Cela usizo masinyane ngokukhuluma nomzali noma umngane ovuthiwe. Khuluma noJehova uNkulunkulu ngomthandazo, umcele akusize. Phela “[uwusizo] olutholakala ngokushesha ngesikhathi sokucindezeleka.” (IHubo 46:1) Njengoba ukuphuza ngokweqile nokuphuza usemncane kuvame ukubangelwa ukucindezela kontanga, kungase kudingeke wenze ushintsho olukhulu ohlotsheni lwabangane obakhethayo.b Ngeke kube lula, kodwa ngosizo lukaJehova ungaphumelela.
Ungayeka ukuba umlutha wezidakamizwa. Thola ukuthi kanjani.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka ibhokisi elithi “Obani Abaphuza Ngokweqile?” ekhasini 249.
b Ukuze uthole amaphuzu engeziwe, bheka iZahluko 8 no-9 zale ncwadi neSahluko 15 eMqulwini 2.
UMBHALO OYINHLOKO
‘Isidakwa siyoba mpofu.’—IzAga 23:21.
ICEBISO
Thola ukuthi kungani ufuna ukuphuza utshwala. Zama ukucabanga ngezinye izindlela ezinempilo ongazijabulisa ngazo noma udambise ukucindezeleka.
UBUWAZI . . . ?
Ngokocwaningo oluthile lwase-United States, “intsha evame ukuphuza ngokweqile yayisengozini ephindwe izikhathi ezingu-8 yokudoja ekilasini, yokusilela emsebenzini wesikole, yokulimala nokulimaza impahla yabanye kunaleyo engeqisi.”
ENGIZOKWENZA!
Uma ontanga befuna ngiphuze nabo utshwala ngokweqile, ngizothi ․․․․․
Engingathanda ukukubuza umzali wami (abazali) ngale ndaba ․․․․․
UCABANGANI?
● Kungani ontanga yakho befuna nabanye beqise ekuphuzeni utshwala?
● Ingabe ukuphuza utshwala ngokweqile kuzokwenza ukhange kwabobulili obuhlukile, futhi kungani uphendula kanjalo?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 250]
“Lapho engifunda nabo bethi angiphuze utshwala, ngiyabatshela ukuthi akudingeki ngiphuze ukuze ngijabule.’’—UMark
[Ibhokisi ekhasini 249]
Obani Abaphuza Ngokweqile?
Ngokusho kocwaningo olwenziwa ezikoleni zamabanga aphakeme eNgilandi, eScotland naseWales, osemusha oyedwa kwabane abaneminyaka engu-13 no-14 “uthi uke waphuza okungenani izingilazi ezinhlanu zesiphuzo esidakayo ngesikhathi esisodwa.” Cishe ingxenye yabo bonke abaneminyaka engu-15 no-16 yathi nayo ike yakwenza lokho. I-Department of Health and Human Services yase-United States ithi “cishe izigidi ezingu-10,4 zentsha eneminyaka engu-12 kuya kwengu-20 zathi ziyabuphuza utshwala. Phakathi kwazo, ezingu-5,1 zazeqisa futhi kuzo kunezingu-2,3 ezazizitika ngotshwala futhi ziphuze ngokweqile okungenani kahlanu ngenyanga.” Ukuhlaziya okwenziwa e-Australia kwaveza ukuthi maningi kakhulu amantombazane aphuza ngokweqile kunabafana—aphuza izingilazi eziphakathi kuka-13 no-30 ngesikhathi esisodwa!
[Isithombe ekhasini 251]
Utshwala bungaluma njengenyoka
-