Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yp1 isahl. 20 kk. 142-148
  • Ngingasebenzelana Kanjani Kahle Nothisha Wami?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngingasebenzelana Kanjani Kahle Nothisha Wami?
  • Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuxazulula Izinkinga Ezithile
  • Yiba Nombono Ovulekile
  • Othisha—Kungani Sibadinga?
    I-Phaphama!—2002
  • Ukufundisa—Lokho Okuhilelekile Kanye Nezingozi
    I-Phaphama!—2002
  • Kungani Kufanele Ube Nguthisha?
    I-Phaphama!—2002
  • Abantwana Besikole BaseNigeria Bayabusiswa Ngenxa Yokwethembeka
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
yp1 isahl. 20 kk. 142-148

Isahluko 20

Ngingasebenzelana Kanjani Kahle Nothisha Wami?

Bhala igama likathisha omthanda kakhulu. ․․․․․

Kungani umthanda? ․․․․․

Bhala igama likathisha okuthola kunzima kakhulu ukusebenzelana naye. ․․․․․

UNGAZIKHETHELA abangane, kodwa ngeke uzikhethele othisha. Mhlawumbe ubathanda bonke. UDavid oneminyaka engu-18 uthi: “Angikaze ngibe nezinkinga ngempela nothisha bami. Ngangibahlonipha futhi nabo bengithanda.”

Ngakolunye uhlangothi, kungenzeka ukuthi unothisha ofana nowachazwa uSarah oneminyaka engu-11. “Unenhliziyo embi kabi. Futhi angimuzwa uma efundisa. Ngezinye izikhathi akasichazeli izinto kahle, ngezinye izikhathi uchaza nezinto ezingadingi kuchazwa.” Ukuze ukwazi ukusebenzelana nothisha wakho, okokuqala kudingeka uthole ukuthi iyini ngempela inkinga ocabanga ukuthi unayo. Uma usuyazi, uzokwazi ukuyinqoba. Faka u-✔ ebhokisini elifanele ngezansi, noma ubhale esakho isizathu.

□ Ngikuthola kunzima ukuzwa uthisha uma efundisa

□ Nginomuzwa wokuthi kufanele ngithole amamaki amakhulu

□ Ngicabanga ukuthi uthisha uyakhetha

□ Ngithola isijeziso esingaphezu kwesingifanele

□ Ngicabanga ukuthi ngiyabandlululwa

□ Esinye ․․․․․

Yini engakusiza ukwazi ukuphila nalesi simo? Isinyathelo sokuqala ukuba usebenzise iseluleko sikamphostoli uPetru. Wabhala: “Nonke yibani nomqondo ofanayo, nibonisa ukuzwelana.” (1 Petru 3:8) Kodwa yini nje engakwenza uzwele uthisha onenhliziyo embi? Cabanga ngala maqiniso angase akusize mayelana nothisha wakho.

Othisha bayawenza amaphutha. Nabo banazo izinto zabo ezixakile, izinkinga nobandlululo. Umfundi uJakobe wabhala: “Uma umuntu engakhubeki ngezwi, lowo uyindoda epheleleyo, ekwazi ukulawula nomzimba wayo wonke ngokungathi ngetomu.” (Jakobe 3:2) UBrianna oneminyaka engu-19 uthi: “Uthisha wami wezibalo wayengenaso isineke futhi ejwayele ukusithethisa. Ngakho kwakunzima ukumhlonipha.” Yini eyayidale lesi simo? UBrianna uthi: “Ekilasini kwakuhlale kunezinxushunxushu futhi izingane zaziganga ngamabomu ukuze zimcasule.”

Cishe uyajabula lapho uthisha ewaziba amaphutha akho, ikakhulukazi uma bekunento ekucindezele kakhulu. Ingabe nawe ungawaziba amaphutha akhe? Bhala ngento esanda kwenzeka esikoleni nesizathu ocabanga ukuthi senze uthisha wenza ngendlela ethile.

․․․․․

Othisha banezintandokazi. Cabanga ngezinselele othisha bakho ababhekene nazo: Zingaki izingane ofunda nazo ezifuna ngempela ukuba semakilasini? Kulezo, zingaki ezizimisele nezikwazi ukugxilisa ingqondo esihlokweni esisodwa kuze kuphele isigamu sehora noma ngaphezulu? Zingaki ezithanda ukukhiphela intukuthelo nenzondo yazo kothisha? Ake sithi-ke umsebenzi wakho ukufundisa ontanga yakho abangu-20, 30 noma ngaphezulu futhi bambalwa abathanda isihloko ozosifundisa. Ubungeke yini unake kakhulu labo ababonakala bethanda ukulalela?

Yiqiniso, ungase ucasuke lapho ubona ukuthi uthisha ukhetha iphela emasini. UNatasha uthi ngomunye wothisha bakhe: “Wayebeka usuku afuna ngalo imisebenzi ethile, kodwa njalo nje ebayeka abadlali bebhola—engayingeni eyabanye. Isizathu kwakuwukuthi wayengumsizi womqeqeshi weqembu lebhola.” Uma kwenzeka okufanayo kuwe, zibuze, ‘Ingabe akangifundisi?’ Uma ekufundisa, kungani ucasuka noma uba nomona?

Bhala izinto ongazenza ukuze ubonise uthisha wakho ngokucacile ukuthi uyasithanda isifundo asifundisayo.

․․․․․

Othisha abaziqondi izingane. Ngezinye izikhathi, ukungezwani kobuntu noma ukungaqondani kukuqhatha nothisha. Ukubuza imibuzo kungase kubhekwe njengokuvukela, noma ukusho into ehlekisayo kungabhekwa njengokwedelela noma ubuwula.

Yini ongayenza uma ungaqondwa kahle? IBhayibheli lithi: “Ningabuyiseli muntu okubi ngokubi. . . . Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabantu bonke.” (Roma 12:17, 18) Ngakho zama ukungamcasuli uthisha wakho. Gwema izingxabano ezingadingekile. Ungamniki izizathu zokuba akhononde ngawe. Empeleni nje, zama ukuba nomusa. Ungase ubuze: ‘Ngibe nomusa? Kulo thisha?’ Yebo, bonisa umusa ngokumbingelela ngenhlonipho uthisha wakho lapho ungena ekilasini. Inhlonipho yakho engapheli—ngisho nokumomotheka ngezikhathi ezithile—kungase kuyishintshe indlela akubheka ngayo.—Roma 12:20, 21.

Ngokwesibonelo, uKen wayenothisha ababevame ukumahlulela kabi. Uthi: “Nginamahloni futhi ngangingakhulumi nhlobo nothisha bami.” Wayixazulula kanjani le nkinga? “Ekugcineni ngabona ukuthi othisha babefuna ukungisiza. Ngakho ngazibekela umgomo wokubazi bonke othisha bami. Ngathi ngingakwenza lokho, amamaki ami aba ngcono kakhulu.”

Yiqiniso, ukwenza izenzo zomusa nokukhuluma kahle ngeke kunenze nizwane ngaso sonke isikhathi nothisha. Kodwa yiba nesineke. INkosi uSolomoni yabhala: “Isineke nenkulumo emnene kungakholisa umbusi [noma uthisha] futhi kunqobe noma iyiphi inkinga.” (IzAga 25:15, Contemporary English Version) Yehlisa umoya futhi ukhulume kahle lapho uphathwa kabi. Uthisha wakho angase abuye akubheke ngenye indlela.—IzAga 15:1.

Uma uthisha wakho engakuqondi noma ekuphatha kabi, yini ovame ukuyenza kuqala?

․․․․․

Iyiphi indlela engcono yokusabela?

․․․․․

Ukuxazulula Izinkinga Ezithile

Ukuqonda ukuthi uthisha wakho unamaphutha kumane nje kuyisiqalo. Yini ongayenza ukuze uxazulule inkinga ethile? Ngokwesibonelo, ungenzenjani uma unalezi zikhalazo?

Kufanele ngithole amamaki angcono. UKatrina uthi: “Ngangiphasa ngamalengiso njalo nje. Kodwa ngomunye unyaka uthisha wami wesayensi wangifeyilisa. Kwakungafanele ngifeyile. Abazali bami bakhuluma nothishanhloko. Kodwa wamane wawakhuphula kancane nje amamaki ami, ngakho ngangisathukuthele.” Uma ubhekene nesimo esifanayo, ungabe usumtshela ezikabhoqo uthisha. Kunalokho, funda esibonelweni esiseBhayibhelini sikaNathani. Wayenomsebenzi onzima wokwambulela iNkosi uDavide iphutha elibi kakhulu eyayilenzile. UNathani akazange angene ngendlov’ iyangena esigodlweni ememeza esola uDavide, kodwa waya kuye ngesu lokungacunuli.—2 Samuweli 12:1-7.

Ngokufanayo, ungase uzithobe uye kuthisha wakho ngomoya ophansi. Uma uzovele uklabalase njengengane noma umbeke icala lokungawenzi kahle umsebenzi wakhe noma okunye okubi kunalokho, ngeke nizwane. Zama ukwenzisa okomuntu osekhulile. Qala ngokucela uthisha wakho akusize uqonde indlela amaka ngayo. USolomoni wabhala: “Lalela ngaphambi kokuphendula. Uma ungalaleli, usuke uyisiwula futhi udelela.” (IzAga 18:13, Today’s English Version) Lapho usulalele, ungase ukwazi ukusho ukuthi kukuphi lapho ucabanga ukuthi kwenzeke khona iphutha. Ngisho noma amamaki akho engashintshwa, cishe ukuvuthwa kwakho kuyomjabulisa uthisha.

Ngicabanga ukuthi uthisha wami uyabandlulula. Cabanga ngalokhu okwenzeka kuRachel. Wayekade ethola o-A no-B esikoleni. Kwathi lapho esebangeni lesihlanu, izinto zashintsha. Uthi: “Uthisha wami wenza konke ayengakwenza ukuze angifeyilise.” Yayiyini inkinga? Uthisha watshela uRachel nonina ukuthi wayengayithandi inkolo yabo.

Kwenzekani? URachel uthi: “Njalo lapho kubonakala sengathi uthisha uvumele ubandlululo lumbuse lapho emaka umsebenzi wami, sasihamba nomama siyokhuluma naye. Ekugcineni wayeka ukungihlupha.” Uma kwenzeka okufanayo nakuwe, yiba nesibindi sokuxoxa nabazali bakho ngakho. Cishe bayothanda ukukhuluma nothisha nabaphathi besikole ukuze kutholakale ikhambi.

Yiba Nombono Ovulekile

Kuyavunywa, akuzona zonke izinkinga ezixazululeka kalula. Ngezinye izikhathi kudingeka ubekezele. UTanya uthi: “Omunye wothisha bami wayengabathandi abafundi. Wayejwayele ukusithuka, athi siyizilima. Ekuqaleni kwakungikhalisa lokho kodwa ngafunda ukungamnaki. Ngagxila emsebenzini wami futhi ngasebenza kanzima esifundweni sakhe. Ngenxa yalokho, akangihluphanga kangako, futhi ngangiphakathi kwabambalwa ababethola amamaki amahle. Ngemva kweminyaka emibili, lowo thisha waxoshwa.”

Funda indlela yokusebenzelana nothisha olukhuni, uyofunda ikhono elibalulekile eliyokusiza ekuphileni—ikhono eliyoba usizo lapho usunobasi olukhuni. Uyofunda nokwazisa othisha abahle uma ubathola.

ESAHLUKWENI ESILANDELAYO

Ubona sengathi awunaso isikhathi esanele ngosuku? Funda indlela ongalenza ngayo iwashi libe umngane wakho, hhayi isitha.

UMBHALO OYINHLOKO

“Ngakho-ke, zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.”—Mathewu 7:12.

ICEBISO

Uma ucabanga ukuthi uthisha wakho uyisicefe, gxila esifundweni hhayi kuye. Bhala amaphuzu, cela ngenhlonipho amaphuzu engeziwe, ube nomdlandla ngesifundo. Umdlandla uyathelelana.

UBUWAZI . . . ?

Kungenzeka uthisha wakho usefundise izifundo ezifanayo kaninginingi kwamanye amakilasi. Ngakho kungaba yinselele kuye ukuba ahlale enezinga lentshiseko ngesifundo elifana nelasekuqaleni.

ENGIZOKWENZA!

Ukuze ngikwazi ukwenza ikilasi eliyisidina libe mnandi, ngizo- ․․․․․

Uma nginomuzwa wokuthi uthisha wami ungiphatha ngendlela engafanele, ngizo- ․․․․․

Engingathanda ukukubuza umzali wami (abazali) ngale ndaba ․․․․․

UCABANGANI?

● Kungani kubalulekile ukugxila kakhulu esifundweni kunokugxila kuthisha?

● Isimo sakho sengqondo ngesifundo singasithonya kanjani isimo sengqondo sikathisha ngawe?

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 146]

“Ngasebenza kanzima ukuze ngibe umngane nabo bonke othisha bami. Ngiyabazi amagama abo, futhi uma ngihlangana nabo emgwaqweni, ngithi ukuxoxa kancane nabo.’’—UCarmen

[Isithombe ekhasini 145]

Othisha bafana namatshe onyathela kuwo lapho uwela angakusiza usuke ekubeni umuntu ongenalwazi uye ekubeni nokuqonda, kodwa uwena okumelwe uhambe

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela