Lokho Esikufunda Kujesu
Ngendlela Yokuphatha Abanye
Kungani kufanele sibe nomusa?
Ingabe unomusa ngisho nalapho abantu bengenawo umusa kuwe? Uma sifuna ukulingisa uJesu, kumelwe sibe nomusa ngisho nakulabo abasizondayo. UJesu wathi: “Uma nithanda labo abanithandayo, kunanzuzoni kini? Ngoba ngisho nezoni zithanda abazithandayo. . . . Kunalokho, qhubekani nithanda izitha zenu . . . , futhi niyoba amadodana oPhezukonke, ngoba yena unomusa kwabangabongiyo nababi.”—Luka 6:32-36; 10:25-37.
Kungani kufanele sithethelele?
Lapho senza amaphutha, sifisa ukuba uNkulunkulu asithethelele. UJesu wafundisa ukuthi kuyafaneleka ukuba sithandazele intethelelo kaNkulunkulu. (Mathewu 6:12) Kodwa uJesu wabuye wathi uNkulunkulu uyosithethelela ngezinga nathi esibathethelela ngalo abanye kuphela. Wathi: “Uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo osezulwini uzonithethelela nani; kanti uma ningabathetheleli abantu iziphambeko zabo, noYihlo ngeke azithethelele iziphambeko zenu.”—Mathewu 6:14, 15.
Imikhaya ingajabula kanjani?
Nakuba uJesu ayengashadile, singafunda lukhulu kuye ngendlela yokwenza ukuphila komkhaya kujabulise. Ngamazwi nangezenzo zakhe wasibekela isibonelo okufanele sisilingise. Cabangela la maphuzu amathathu alandelayo:
1. Indoda kumelwe ithande umkayo njengomzimba wayo. UJesu wawabekela isibonelo amadoda. Watshela abafundi bakhe: “Ngininika umyalo omusha, wokuba nithandane.” Ngezinga elingakanani? Wathi: “Njengoba nje nami nginithandile.” (Johane 13:34) Lisebenzisa leso simiso emadodeni, iBhayibheli lithi: “Madoda, qhubekani nithanda omkenu, njengoba nje noKristu alithanda ibandla futhi wazinikela ngenxa yalo . . . Ngale ndlela, amadoda kufanele athande omkawo njengemizimba yawo siqu. Lowo othanda umkakhe uzithanda yena, ngoba akekho umuntu owake wazonda inyama yakhe; kodwa uyayondla futhi ayinakekele ngesisa, njengoba noKristu enza kulo ibandla.”—Efesu 5:25, 28, 29.
2. Abashadile kumelwe bathembeke omunye komunye. Ukuba nobuhlobo bobulili ngaphandle komshado kuyisono kuNkulunkulu futhi kuchitha imikhaya. UJesu wathi: “Anifundanga yini ukuthi . . . ‘Ngenxa yalesi sizathu indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo, futhi laba ababili bayoba nyamanye’? Ngakho abasebabili, kodwa sebenyamanye. Ngakho-ke, lokho uNkulunkulu akubophele ndawonye makungahlukaniswa muntu. . . . Ngithi kini noma ubani ohlukanisa nomkakhe, ngaphandle kwesizathu sobufebe, ashade nomunye, uyaphinga.”—Mathewu 19:4-9.
3. Izingane kumelwe zizithobe kubazali bazo. Nakuba uJesu ayephelele kodwa abazali bakhe bengaphelele, wabathobela esewumntwana. IBhayibheli lithi ngoJesu lapho eseneminyaka engu-12 ubudala: “Wehla nabo [abazali bakhe] wafika eNazaretha, waqhubeka ezithoba kubo.”—Luka 2:51; Efesu 6:1-3.
Kungani kufanele sisebenzise lezi zimiso?
Ekhuluma ngezifundo azifundisa abalandeli bakhe, uJesu wathi: “Uma nazi lezi zinto, niyajabula uma nizenza.” (Johane 13:17) Ukuze sibe amaKristu eqiniso, kumelwe sisebenzise iseluleko uJesu asinika sona mayelana nendlela yokuphatha abanye. Wathi: “Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.”—Johane 13:35.
Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 14 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?a
[Umbhalo waphansi]
a Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Isithombe ekhasini 16, 17]
Umfanekiso kaJesu wendodana esaphazayo usifundisa ukubaluleka komusa nentethelelo.—Luka 15:11-32
[Isithombe ekhasini 17]
Abashadile kufanele bathembeke omunye komunye