Ingabe UJesu UnguNkulunkulu UMninimandla Onke?
Izimpendulo ezivamile:
▪ “Yebo, uJesu unguMninimandla onke.”
▪ “UJesu wayewukubonakaliswa kukaNkulunkulu enyameni.”
Wathini uJesu?
▪ “Uma beningithanda, beniyojabula ngokuthi ngiyahamba ngiya kuBaba, ngoba uBaba mkhulu kunami.” (Johane 14:28) UJesu wathi yena noYise abalingani.
▪ “Nginyukela kuBaba noYihlo, kuNkulunkulu wami noNkulunkulu wenu.” (Johane 20:17) UJesu akazange athi unguNkulunkulu kodwa wakhuluma ngaye njengoMuntu ohlukile.
▪ “Angikhulumanga okusuka kimi siqu, kodwa uBaba ngokwakhe owangithuma unginike umyalo ngokuqondene nokuthi yini okumelwe ngiyisho nokuthi yini okumelwe ngiyikhulume.” (Johane 12:49) Izimfundiso zikaJesu zazingaveli kuye; zazivela kuYise.
UJESU wathi uyiNdodana kaNkulunkulu, hhayi uNkulunkulu uMninimandla onke. Ukube uJesu wayenguNkulunkulu, wayethandaza kubani ngesikhathi esemhlabeni? (Mathewu 14:23; 26:26-29) Ngokuqinisekile, uJesu wayengenzi nje sengathi ukhuluma nomunye umuntu!
Lapho abafundi bakaJesu ababili becela izikhundla ezikhethekile eMbusweni wakhe, waphendula: ‘Ukuhlala phansi ngakwesokunene sami nangakwesobunxele sami akukhona okwami ukuba ngiphane ngakho, kodwa kungokwalabo abakulungiselelwe nguBaba.’ (Mathewu 20:23) Ingabe uJesu wayeqamba amanga kubo lapho ethi akanalo igunya lokufeza isicelo sabo? Lutho! Kunalokho, ngokuzithoba wavuma ukuthi uNkulunkulu onegunya lokwenza izinqumo ezinjalo. UJesu waze wachaza nokuthi kwakunezinto yena nezingelosi ababengazazi kodwa ezazaziwa uYise kuphela.—Marku 13:32.
Ingabe uJesu wayengalingani noNkulunkulu ngesikhathi esesemhlabeni kuphela? Cha. Ngisho nangemva kokufa nokuvuswa kwakhe, iBhayibheli limchaza njengozithobayo kuNkulunkulu. Umphostoli uPawulu usikhumbuza ukuthi “UNkulunkulu mkhulu kunoKristu.” (1 Korinte 11:3, Today’s English Version) IBhayibheli lithi esikhathini esizayo “lapho zonke izinto sezibekwe ngaphansi kwakhe, khona-ke neNdodana ngokwayo iyozithoba kuLowo owabeka zonke izinto ngaphansi kwayo, ukuze uNkulunkulu abe yikho konke kuwo wonke umuntu.”—1 Korinte 15:28, TEV.
Kuyacaca ukuthi uJesu akayena uNkulunkulu uMninimandla onke. Yingakho athi uYise ‘unguNkulunkulu wakhe.’—IsAmbulo 3:2, 12; 2 Korinte 1:3, 4.a
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngale ndaba, bheka amakhasi 201-204 encwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 7]
UJesu wathi kwakunezinto yena nezingelosi ababengazazi kodwa ezazaziwa uYise kuphela