Lingisa UJesu Ngokushumayela Ngesibindi
‘Saqunga isibindi ukuba sikhulume kini izindaba ezinhle.’—1 THES. 2:2.
1. Kungani izindaba ezinhle zoMbuso zijabulisa kangaka?
YEKA ukuthi kumnandi kanjani ukuzwa izindaba ezinhle! Izindaba ezinhle kunazo zonke yilezo zoMbuso kaNkulunkulu. Lezi zindaba ezinhle zisiqinisekisa ngokuphela kokuhlupheka, ukugula, ubuhlungu, ukudabuka nokufa. Zisivulela indlela yokuthola ukuphila okuphakade, zembule injongo kaNkulunkulu, futhi zisibonise indlela yokuba nobuhlobo obuhle naye. Ungase ucabange ukuthi wonke umuntu uyokujabulela ukuzwa lezi zindaba uJesu ayezishumayela esintwini. Nokho, kuyadabukisa ukuthi akunjalo.
2. Chaza la mazwi kaJesu: “Ngize ukubangela ukuhlukana.”
2 UJesu watshela abafundi bakhe: “Ningacabangi ukuthi ngizele ukubeka ukuthula phezu komhlaba; angizelanga ukubeka ukuthula, kodwa inkemba. Ngoba ngize ukubangela ukuhlukana, umuntu amelane noyise, nendodakazi imelane nonina, nomalokazana amelane noninazala. Ngempela, izitha zomuntu kuyoba abantu bendlu yakubo.” (Math. 10:34-36) Kunokuba lizamukele izindaba ezinhle, iningi labantu liyazenqaba. Abanye bazenza izitha zalabo abazimemezelayo, ngisho noma bengamalungu omkhaya owodwa.
3. Yini esiyidingayo ukuze sifeze umsebenzi wethu wokushumayela?
3 Simemezela amaqiniso afanayo nalawo ayemenyezelwa uJesu, futhi nanamuhla lapho abantu bewezwa basabela ngendlela efanayo neyabaningi bangaleso sikhathi. Sikulindele lokhu. UJesu wathi kubafundi bakhe: “Inceku ayinkulu kunenkosi yayo. Uma beye bashushisa mina, bayonishushisa nani.” (Joh. 15:20) Emazweni amaningi asishushiswa ngokuqondile, kodwa siyedelelwa futhi singanakwa. Ngenxa yalokho, kudingeka sibe nokholo nesibindi ukuze sikhuthazele emsebenzini wethu wokushumayela izindaba ezinhle.—Funda eyesi-2 Petru 1:5-8.
4. Kungani kwakudingeka uPawulu ‘aqunge isibindi’ ukuze ashumayele?
4 Mhlawumbe ngezinye izikhathi ukuthola kunzima ukuhlanganyela enkonzweni, noma kwesinye isici sayo esibonakala sethusa. Uma kunjalo, awuwedwa. Umphostoli uPawulu wayengumshumayeli onesibindi owayeliqonda kahle kakhulu iqiniso, kodwa ngisho naye ngezinye izikhathi wayekuthola kunzima ukushumayela. Wabhalela amaKristu aseThesalonika: ‘Saqunga isibindi ngoNkulunkulu wethu ukuba sikhulume kini izindaba ezinhle zikaNkulunkulu ngokushikashikeka okukhulu, ngemva kokuba sesihluphekile kuqala futhi seyiswa (njengoba nje nazi) eFilipi.’ (1 Thes. 2:2) Iziphathimandla zaseFilipi zazishaye uPawulu nomngane wakhe uSila ngezinduku, zabaphonsa etilongweni futhi zabophela izinyawo zabo ezingongolweni. (IzE. 16:16-24) Noma kunjalo, uPawulu noSila ‘baqunga isibindi’ ukuze baqhubeke nokushumayela. Singakwenza kanjani okufanayo? Ukuze siphendule lo mbuzo, ake sixoxe ngalokho okwenza ukuba izinceku zikaNkulunkulu ezikhathini zeBhayibheli zikhulume iqiniso ngoJehova ngesibindi nangendlela esingasilingisa ngayo isibonelo sazo.
Babedinga Isibindi Ukuze Babhekane Nobutha
5. Kungani kwakulokhu kudingeka ukuba abantu ababeqotho kuJehova babe nesibindi?
5 Yiqiniso, isibonelo esihle kakhulu sesibindi nguJesu Kristu. Noma kunjalo, kusukela ekuqaleni komlando wabantu, bekulokhu kudingeka isibindi kubo bonke ababeqotho kuJehova. Kungani kunjalo? Ngemva kokuhlubuka e-Edene, uJehova wabikezela ukuthi kwakuyoba nobutha phakathi kwalabo abamkhonzayo nalabo abakhonza uSathane. (Gen. 3:15) Lobu butha basheshe babonakala lapho u-Abela, indoda elungileyo, ebulawa umfowabo. Kamuva, u-Enoke, enye indoda ethembekile eyaphila ngaphambi kukaZamcolo, wazondwa ngokuqondile. Waprofetha ukuthi uNkulunkulu wayezokuza namashumi aKhe ezinkulungwane ezingcwele azokhipha isahlulelo kubantu abangamesabi. (Jude 14, 15) Ngokuqinisekile lesi sigijimi sasingathandeki. Abantu bamzonda u-Enoke futhi kusobala ukuthi babezombulala ukube uJehova akazange akunqamule ukuphila kwakhe. Yeka isibindi esaboniswa u-Enoke!—Gen. 5:21-24.
6. Kungani uMose ayedinga isibindi lapho ekhuluma noFaro?
6 Cabanga nangesibindi esaboniswa uMose lapho ekhuluma noFaro, umbusi owayengabhekwa nje njengomelele onkulunkulu, kodwa owayebhekwa njengonkulunkulu uqobo, indodana kankulunkulu welanga uRa. Kungenzeka ukuthi wayekhulekela isithombe sakhe siqu, njengabanye oFaro. Izwi likaFaro lalingumthetho. Njengoba uFaro ayenamandla, eqhosha futhi enenkani, wayengakujwayele ukutshelwa. UMose, umalusi omnene, wayeya kulo muntu ngokuphindaphindiwe—engabizwanga futhi engamukelekile. Yini uMose ayibikezela? Izinhlupho ezibhubhisayo. Yini ayeyifuna? Wayefuna imvume yokuba izigqila zikafaro eziyizigidi eziningana zihambe kulelo zwe! Ingabe uMose wayedinga isibindi? Ngokuqinisekile!—Num. 12:3; Heb. 11:27.
7, 8. (a) Iluphi uvivinyo abantu abathembekile bezikhathi zasendulo ababhekana nalo? (b) Yini eyenza labo bantu bangaphambi kobuKristu ukuba babonise isibindi sokusekela nokuthuthukisa ukukhulekela okuhlanzekile?
7 Phakathi namakhulu eminyaka alandela, abaprofethi nezinye izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile baqhubeka bekumelela ngesibindi ukukhulekela okuhlanzekile. Izwe likaSathane labaphatha ngonya. UPawulu uthi: “Bakhandwa ngamatshe, baquliswa amacala, banqunywa ngokusahwa, bafa ngokubulawa ngenkemba, bazulazula bembethe izikhumba zezimvu, izikhumba zezimbuzi, beswele, besosizini, bephethwe kabi.” (Heb. 11:37) Yini eyasiza lezo zinceku zikaNkulunkulu eziqotho ukuba ziqine? Emavesini ambalwa angenhla, lo mphostoli waphawula lokho okwanika u-Abela, u-Abrahama, uSara nabanye amandla okukhuthazela. Wathi: ‘Abakutholanga ukugcwaliseka kwezithembiso, kodwa ngokholo bazibona zikude, bazamukela.’ (Heb. 11:13) Akungabazeki ukuthi abaprofethi abanjengo-Elisha, uJeremiya nabanye abantu abathembekile bangaphambi kobuKristu abakumelela ngesibindi ukukhulekela kweqiniso, nabo basizwa ukugxilisa amehlo abo ezithembisweni zikaJehova ukuze bakhuthazele.—Thithu 1:2.
8 Labo bantu abathembekile bangaphambi kobuKristu babebheke phambili ekusaseni elihle neliqhakazile. Lapho bevuswa, inkonzo yobupristi bukaKristu Jesu kanye nabapristi abangaphansi kwakhe abangu-144 000 iyobasiza ukuba ekugcineni bathole ukuphelela futhi ‘bakhululwe ekugqilazweni ukonakala.’ (Roma 8:21) Ngaphezu kwalokho, uJeremiya nezinye izinceku zikaNkulunkulu ezaba nesibindi zezikhathi zasendulo baqiniswa yisiqinisekiso sikaJehova esikulesi sithembiso asenza kuJeremiya: “Ngokuqinisekile bazolwa nawe, kodwa ngeke bakunqobe, ngoba ‘mina nginawe,’ kusho uJehova, ‘ukuba ngikukhulule.’” (Jer. 1:19) Siyaqiniswa nathi namuhla lapho sicabanga ngezithembiso zikaNkulunkulu zekusasa nesiqinisekiso sakhe sokusivikela ngokomoya.—IzAga 2:7; funda eyesi-2 Korinte 4:17, 18.
Uthando Lwashukumisela UJesu Ukuba Ashumayele Ngesibindi
9, 10. UJesu wasibonisa ngaziphi izindlela isibindi lapho ephambi (a) kwabaholi benkolo, (b) kweviyo lamabutho, (c) kompristi ophakeme, (d) kukaPilatu?
9 UJesu, iSibonelo sethu, wabonisa isibindi ngezindlela ezihlukahlukene. Ngokwesibonelo, nakuba ayezondwa abantu ababenegunya nethonya, akazange akuthambise lokho uNkulunkulu ayefuna ukuba abantu bakwazi. Wabadalula ngesibindi abaholi abanamandla benkolo ngenxa yokuzishaya abalungile nangenxa yezimfundiso zabo zamanga. Lawo madoda ayenecala futhi uJesu wawatshela lokho ngokuqondile nangokungagunci. Ngesinye isikhathi wathi: “Maye kini, babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngoba nifana namathuna acakiwe, ngaphandle abonakala emahle ngempela kodwa ngaphakathi agcwele amathambo abantu abafileyo nayo yonke inhlobo yokungcola. Ngaleyo ndlela nani, ngempela ngaphandle nibonakala nilungile kubantu, kodwa ngaphakathi nigcwele ubuzenzisi nokwephula umthetho.”—Math. 23:27, 28.
10 Lapho iviyo lamabutho liza kuye ensimini yaseGetsemane, uJesu waziveza ngesibindi kulo. (Joh. 18:3-8) Kamuva wayiswa phambi kweSanhedrini futhi waphenywa umpristi ophakeme. Ngisho noma ayazi ukuthi lo mpristi wayefuna ibhaxa lokumbulala, uJesu wavuma ngesibindi ukuthi unguKristu nokuthi uyiNdodana kaNkulunkulu. Wanezela nangokuthi babeyombona ‘ehlezi ngakwesokunene samandla eza namafu ezulu.’ (Marku 14:53, 57-65) Ngemva nje kwalokho, wayiswa eboshiwe phambi kukaPilatu owayengamkhulula. Kodwa uJesu wamane wathula lapho bembeka amacala. (Marku 15:1-5) Konke lokhu kwakudinga isibindi esikhulu.
11. Isibindi sihlobene kanjani nothando?
11 UJesu washo nokho kuPilatu ukuthi: “Ngizalelwe lokhu, futhi ngizele lokhu ezweni, ukuba ngifakazele iqiniso.” (Joh. 18:37) UJehova wayethume uJesu ukuba azoshumayela izindaba ezinhle, futhi wakujabulela ukwenza lokho ngoba wayemthanda uYise osezulwini. (Luka 4:18, 19) UJesu wayebathanda nabantu. Wayazi ukuthi ukuphila kwabo kwakunzima. Ngokufanayo, ukufakaza kwethu ngesibindi nangokungesabi kusekelwe othandweni lwethu olujulile ngoNkulunkulu nangomakhelwane.—Math. 22:36-40.
Umoya Ongcwele Usinika Amandla Okushumayela Ngesibindi
12. Yini eyajabulisa abafundi bangekhulu lokuqala?
12 Emasontweni angemva kokufa kukaJesu, abafundi baba nesizathu sokujabula ngoba uJehova wanezela kubo labo abasindiswayo. Phela ngosuku olulodwa nje, kwabhapathizwa amaJuda namaproselithe angaba ngu-3 000 ayevela emazweni amaningi ayeze eJerusalema ukuzogubha iPhentekoste! Kumelwe ukuba lesi senzakalo saba undabamlonyeni kule ndawo eyayiyisizinda sobuJuda! IBhayibheli lithi: “Yonke imiphefumulo yaqala ukwehlelwa ukwesaba, futhi abaphostoli benza izimangaliso eziningi nezibonakaliso.”—IzE. 2:41, 43.
13. Kungani abazalwane bathandazela isibindi, futhi waba yini umphumela?
13 Abaholi benkolo bawoth’ ubomvu babopha uPetru noJohane, babafaka etilongweni ubusuku bonke base bebayala ukuba bangakhulumi ngoJesu. Lapho bekhululwa, babikela abafowabo lokho okwakwenzekile, futhi bonke bathandaza ngenxa yokuphikiswa ababebhekene nakho, bathi: ‘Jehova, nika izinceku zakho ukuba ziqhubeke zikhuluma izwi lakho ngaso sonke isibindi.’ Waba yini umphumela? “Bonke ngothi lwabo bagcwala umoya ongcwele, bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi.”—IzE. 4:24-31.
14. Umoya ongcwele usisiza kanjani lapho sishumayela?
14 Phawula ukuthi wumoya ongcwele kaJehova onamandla owasiza abafundi ukuba bakhulume izwi lakhe ngesibindi. Ukuba nesibindi sokutshela abanye iqiniso, ngisho nalabo abasiphikisayo isigijimi sethu akuncikile emandleni ethu. UJehova angasinika futhi uyosinika umoya wakhe ongcwele uma simcela. Ngosizo lukaJehova, nathi singaba nesibindi esisidingayo ukuze sinqobe noma ikuphi ukuphikiswa.—Funda iHubo 138:3.
AmaKristu Namuhla Ashumayela Ngesibindi
15. Iqiniso libahlukanisa kanjani abantu namuhla?
15 Njengasesikhathini esidlule, iqiniso liyaqhubeka lihlukanisa abantu nanamuhla. Abanye bayakwamukela ukukhulekela kwethu, kuyilapho abanye bengakuqondi futhi bengakwazisi. Abanye bayasigxeka, basihleke usulu, noma baze basizonde, njengoba nje uJesu abikezela. (Math. 10:22) Ngezinye izikhathi imithombo yezindaba ingase isakaze amanga nenkulumo-ze enenzondo ngathi. (IHu. 109:1-3) Noma kunjalo, abantu bakaJehova bamemezela izindaba ezinhle ngesibindi emhlabeni wonke.
16. Ikuphi okuhlangenwe nakho okubonisa ukuthi ukuba nesibindi kungashintsha umbono walabo esibashumayezayo?
16 Ukuba kwethu nesibindi kungenza abantu bashintshe umbono wabo ngesigijimi soMbuso. Udade othile waseKyrgyzstan uthi: “Ngolunye usuku ngisensimini omunye umninikhaya wathi kimi: ‘Ngiyakholelwa kuNkulunkulu kodwa hhayi kuNkulunkulu wamaKristu. Uma uke waphinda walubeka lapha kwami, ngizokusasazela ngenja!’ Ngemva kwakhe kwakunobhova wenja owawuboshiwe. Kodwa phakathi nomkhankaso wokusakaza ipheshana i-Kingdom News No. 37, elithi ‘Ukuphela Kwenkolo Yamanga Kuseduze!,’ nganquma ukubuyela kuleyo ndlu nginethemba lokuthi ngizothola omunye wamalungu omkhaya waleyo ndoda. Kwenzeka kwavula yona. Ngathandaza ngokushesha kuJehova ngabe sengithi: ‘Sawubona, ngiyayikhumbula ingxoxo esibe nayo kuthangi, futhi ngiyayikhumbula nenja yakho. Kodwa akuvumanga ukuba ngidlule ngoba nami ngikholelwa ukuthi kunoNkulunkulu oyedwa weqiniso. Maduze nje uNkulunkulu uzojezisa izinkolo ezimhlambalazayo. Ungafunda okwengeziwe ngalokhu kuleli pheshana.’ Ngamangala lapho ilamukela. Ngabe sengidlulela emzini olandelayo. Ngemva kwemizuzu embalwa, le ndoda yeza kimi igijima iphethe i-Kingdom News. Yathi: ‘Ngiyifundile. Yini okudingeka ngiyenze ukuze ngibalekele ulaka lukaNkulunkulu?’” Kwaqalwa isifundo nale ndoda, futhi yaqala ukuba khona emihlanganweni yobuKristu.
17. Isibindi esaboniswa udade othile samqinisa kanjani umuntu ofundelwayo owayenovalo?
17 Ukuba kwethu nesibindi kungakhuthaza nabanye ukuba babe nesibindi. Udade othile eRussia owayehamba ngebhasi wahambisela omunye wabagibeli umagazini. Kwathi lapho enye indoda eyayihlezi ibona lokhu, yagxuma, yahlwitha umagazini kudade, yawufongqoza yabe isiwulahla phansi. Yamthuka ngezwi elikhulu yabe isifuna ngenkani ikheli lalo dade, yamtshela nokuthi ayeke ukushumayela kuleyo ndawo. Lo dade wathandaza kuJehova ecela usizo futhi wakhumbula amazwi kaJesu athi: “Ningabesabi labo ababulala umzimba.” (Math. 10:28) Engatatazeli, wasukuma futhi wathi kule ndoda: “Ngeke ngikunike ikheli lami, futhi ngizoqhubeka ngishumayela kule ndawo.” Wabe esehla ebhasini. Lo dade wayengazi ukuthi kulo lelo bhasi kwakunomuntu amfundelayo. Lowo wesifazane wayevumele ukwesaba abantu ukuba kumvimbele ukuba aye emihlanganweni yobuKristu. Nokho, ngemva kokubona isibindi salo dade, lo muntu ofundelwayo wanquma ukuthi usezoqala ukuya emihlanganweni.
18. Yini ezokusiza ukuba ushumayele ngesibindi, njengoba kwenza uJesu?
18 Kuleli zwe elihlukanisiwe noNkulunkulu, kudinga isibindi ukushumayela njengoJesu. Yini ezokusiza ukuba ube nesibindi? Cabanga ngekusasa. Gcina uthando lwakho ngoNkulunkulu nangomakhelwane luqinile. Thandaza kuJehova umcele akuphe isibindi. Khumbula njalo ukuthi awuwedwa ngoba uJesu unawe. (Math. 28:20) Umoya ongcwele uzokuqinisa. UJehova uzokubusisa futhi akusekele. Ngakho-ke, kwangathi singaba nesibindi futhi sithi: “UJehova ungumsizi wami; ngeke ngesabe. Umuntu angangenzani?”—Heb. 13:6.
Ungaphendula Kanjani?
• Kungani izinceku zikaNkulunkulu kudingeka zibe nesibindi?
• Ngokuphathelene nesibindi, yini esiyifundayo . . .
kubantu abathembekile abaphila ngaphambi kukaKristu?
kuJesu Kristu?
kumaKristu okuqala?
kwamanye amaKristu namuhla?
[Isithombe ekhasini 21]
UJesu wabadalula ngesibindi abaholi benkolo
[Isithombe ekhasini 23]
UJehova usinika isibindi sokushumayela