Ingabe UNkulunkulu Ufuna Sivume Izono?
Emasontweni amaningi, ukuvuma izono kumpristi noma kumfundisi kuseyingxenye enkulu yokukhulekela. Nokho, kuleli zwe elibekezelela zonke izinhlobo zokuziphatha, ingabe ukuvuma izono kusasebenza? Ingabe kusadingeka?
ABANTU banemibono ehlukahlukene ngale ndaba. Ngokwesibonelo, i-National Post yaseCanada yalandisa ngomuntu owathi nakuba kunzima ukutshela othile into embi oyenzile, “akuve kukhulula ukuba nomuntu ongakulalela, akuthandazele, akutshele nalokho okufanele ukwenze.” Incwadi ethi Bless Me, Father, for I Have Sinned icaphuna indoda ethile eyasho okuhlukile: “Ukuvuma izono kungomunye wemikhuba yeSonto elimaza kunayo yonke. Kwenza abantu bahlale bedliwa unembeza.” IBhayibheli lithini ngale ndaba?
Lokho Okushiwo IBhayibheli
EMthethweni uNkulunkulu awunika isizwe sama-Israyeli, sithola iziqondiso zalokho okwakufanele kwenziwe umuntu owonile. Ngokwesibonelo, lapho umuntu one omunye noma ephule omunye wemithetho kaNkulunkulu, kwakufanele avume isono sakhe kumpristi omisiwe wesizwe samaLevi. Lowo mpristi wayebe esehlawulela lowo muntu ngokwenza umhlatshelo kuNkulunkulu amcelele intethelelo.—Levitikusi 5:1-6.
Emakhulwini eminyaka kamuva, lapho umprofethi uNathani esola iNkosi uDavide ngezono zayo, uDavide wasabela kanjani? Wasivuma ngokushesha isono sakhe. Wathi: “Ngonile kuJehova.” (2 Samuweli 12:13) Wabuye wathandaza kuNkulunkulu, emncenga ukuba ambonise umusa. Umphumela waba yini? Kamuva wabhala: “Ekugcineni ngasivuma isono sami kuwe, nesiphambeko sami angizange ngisifihle. Ngathi: ‘Ngizosivuma iseqo sami kuJehova.’ Wena wasixolela isiphambeko sezono zami.”—IHubo 32:5; 51:1-4.
Ukuvunywa kwezono kwaqhubeka kuyimfuneko kaNkulunkulu ebandleni lobuKristu langekhulu lokuqala eNkathini yethu Evamile. UJakobe, umfowabo kaJesu ngamzali munye nowayengomunye wamadoda ayinhloko ebandleni laseJerusalema, wanxusa amaKristu ayekanye nawo: “Vumani obala izono zenu komunye nomunye futhi nithandazelane, ukuze niphulukiswe.” (Jakobe 5:16) Yiziphi-ke izono amaKristu okulindeleke ukuba azivume, futhi kufanele azivume kubani?
Yiziphi Izono Okufanele Zivunywe?
Njengabantu abangaphelele, nsuku zonke senza izinto singacabanganga noma sikhulumise abanye kabi. (Roma 3:23) Ingabe lokho kusho ukuthi kumelwe sizivume zonke izeqo ezinjalo kumuntu othile omisiwe?
Nakuba zonke izono zizimbi emehlweni kaNkulunkulu, usibonisa umusa ngoba uyazi ukuthi sazuza ukungapheleli njengefa. Umhubi wavuma: “O Jah, ukube ububheka iziphambeko, Jehova ubani obengama? Ngoba unentethelelo yeqiniso, ukuze wesatshwe.” (IHubo 130:3, 4) Yini-ke okufanele siyenze lapho sona abanye, mhlawumbe singaqondile? Khumbula ukuthi umthandazo oyisibonelo uJesu awufundisa abalandeli bakhe unalesi sicelo: “Usithethelele izono zethu, ngoba nathi ngokwethu siyamthethelela wonke umuntu onecala kithi.” (Luka 11:4) Yebo, uNkulunkulu uyosithethelela uma sicela kuye intethelelo ngegama likaJesu.—Johane 14:13, 14.
Phawula ukuthi uJesu wabeka nombandela wokuba nathi sibathethelele ‘abanamacala kithi.’ Umphostoli uPawulu wakhumbuza amakholwa ayekanye nawo: “Yibani nomusa komunye nomunye, ninobubele besisa, nithethelelane ngokukhululekile njengoba nje noNkulunkulu anithethelela ngokukhululekile ngoKristu.” (Efesu 4:32) Lapho sithethelela abanye amaphutha abo, siyoba nesizathu esizwakalayo sokulindela ukuba uNkulunkulu asithethelele awethu.
Nokho, kuthiwani ngezono ezimbi kakhulu njengokweba, ukuqamba amanga ngamabomu, ukuziphatha okubi kobulili, ukudakwa, njalonjalo? Noma ubani owenza lezi zono wephula imithetho kaNkulunkulu, ngakho wona Yena. Yini-ke okufanele yenziwe?
Izono Kufanele Zivunywe Kubani?
UNkulunkulu akabanikanga abantu igunya lokuthethelela izono ezenziwe kuye; nguye kuphela ongazithethelela. IBhayibheli lisitshela ngokucacile: “Uma sizivuma izono zethu, [uNkulunkulu] uthembekile futhi ulungile ukuba asithethelele izono zethu futhi asihlanze kukho konke ukungalungi.” (1 Johane 1:9) Nokho, kufanele zivunywe kubani lezi zono?
Njengoba kunguNkulunkulu kuphela ongathethelela izono, kumelwe zivunywe kuye. Yilokho kanye okwenziwa uDavide, njengoba sibonile ngaphambili. Nokho, umuntu angathethelelwa uma enzani? IBhayibheli liyasitshela: “Ngakho-ke, phendukani futhi niguquke ukuze kusulwe izono zenu, ukuze izinkathi zokuqabuleka zifike zivela ebusweni bukaJehova.” (IzEnzo 3:19) Yebo, ukuthethelelwa komuntu akuxhomekile nje kuphela ekuqapheleni ukuthi wonile bese esivuma leso sono, kodwa kuxhomeke nasekuzimiseleni kwakhe ukushiya leyo nkambo embi. Lesi sinyathelo sivame ukuba nzima. Kodwa lukhona usizo.
Khumbula amazwi omfundi uJakobe esikhulume ngaye ngaphambili: “Vumani obala izono zenu komunye nomunye futhi nithandazelane, ukuze niphulukiswe.” UJakobe wanezela: “Ukunxusa komuntu olungileyo, lapho kusebenza, kunamandla amakhulu.” (Jakobe 5:16) ‘Umuntu olungile’ kungase kube omunye ‘wamadoda amadala ebandla,’ uJakobe akhuluma ngawo evesini 14. Ebandleni lobuKristu, ‘kunamadoda amadala,’ angokomoya, noma abadala, amiselwe ukusiza abantu abafuna ukuthola intethelelo kaNkulunkulu. Lawo “madoda amadala” awanakuthethelela noma asule izono, ngoba akekho umuntu onegunya lokuthethelela omunye umuntu isono esenziwe kuNkulunkulu.a Kodwa ayafaneleka ngokomoya ukusola nokulungisa umuntu owenze isono esibi kakhulu, amsize ukuba abone ukuthi sikhulu kangakanani nokuba abone isidingo sokuphenduka.—Galathiya 6:1.
Kungani Umuntu Kufanele Avume Izono Zakhe?
Kungakhathaliseki ukuthi umuntu wenze isono esibi kakhulu noma cha, ubuhlobo bakhe nabanye abantu kanye noNkulunkulu buyalimala. Yingakho angase azizwe ekhathazekile nomoya wakhe ungaphumuli. Lokhu kubangelwa unembeza esawunikwa uMdali wethu. (Roma 2:14, 15) Yini okufanele ayenze?
Encwadini kaJakobe sithola la mazwi akhuthazayo: “Ingabe ukhona ogulayo [ngokomoya] phakathi kwenu? Makabize amadoda amadala ebandla, amthandazele, amgcobe ngamafutha egameni likaJehova. Umthandazo wokholo uyokwenza ongaphilile kahle aphile, uJehova amvuse. Futhi, uma enzile izono, uyothethelelwa.”—Jakobe 5:14, 15.
Nalapha amadoda amadala, noma abadala, anxuswa ukuba anakekele izidingo zomhlambi. Kanjani? Ngokungagcini nje ngokulalela umuntu evuma isono sakhe. Kunalokho, kudingeka enze okuthile ukuze ‘enze ongaphilile kahle aphile’ ngoba kulesi simo kusuke kuhileleke ukugula okungokomoya. UJakobe wabalula izinto ezimbili ezingase zenziwe amadoda amadala.
Okokuqala, kufanele ‘amgcobe ngamafutha.’ Lokhu kusho ukusebenzisa iZwi likaNkulunkulu elinamandla okuphulukisa. Umphostoli uPawulu wathi “izwi likaNkulunkulu liyaphila, linamandla . . . futhi liyakwazi ukuqonda imicabango nezinhloso zenhliziyo,” kanjalo lingene lijule engqondweni nasenhliziyweni yomuntu. (Hebheru 4:12) Ngokusebenzisa iBhayibheli ngekhono, amadoda amadala angasiza umuntu ogula ngokomoya ukuba abone imbangela yenkinga futhi athathe izinyathelo ezifanele ukuze alungise izinto phambi kukaNkulunkulu.
Okwesibili, kumelwe kwenziwe “umthandazo wokholo.” Nakuba imithandazo yamadoda amadala ingeke iguqule indlela uNkulunkulu abonisa ngayo ubulungisa, ibalulekile kuNkulunkulu olangazelela ukuthethelela isono ngesisekelo somhlatshelo kaKristu wesihlengo. (1 Johane 2:2) Uhlale ekulungele ukusiza noma yisiphi isoni esiphenduka ngobuqotho nesibonisa “imisebenzi efanele ukuphenduka.”—IzEnzo 26:20.
Isizathu esiyinhloko sokuvuma isono—esisenze komunye umuntu noma kuNkulunkulu—ukuba siphinde sibuyisane noNkulunkulu. UJesu Kristu wabonisa ukuthi kumelwe siqale silungise noma yikuphi ukungezwani nabanye abantu, senze ukuthula nabo ngaphambi kokuba sikhulekele uNkulunkulu ngonembeza omuhle. (Mathewu 5:23, 24) IzAga 28:13 zithi: “Omboza izeqo zakhe ngeke aphumelele, kodwa ozivumayo azishiye uyoboniswa isihe.” Lapho sizithoba phambi kukaJehova uNkulunkulu, sicele intethelelo yakhe, uyosibonisa umusa futhi asiphakamise ngesikhathi esifanele.—1 Petru 5:6.
[Umbhalo waphansi]
a Abanye babheka amazwi kaJesu akuJohane 20:22, 23 njengavuna ukuba kube khona abantu okuvunywa kubo izono. Ukuze uthole ingxoxo eningiliziwe ngale ndaba, bheka INqabayokulinda ka-April 15, 1996, amakhasi 28-29.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 23]
UNkulunkulu uyowashalazela amaphutha ethu futhi asinike intethelelo uma siyicela ngegama likaJesu
[Isithombe ekhasini 24]
Isizathu esiyinhloko sokuvuma isono siwukuba siphinde sibuyisane noNkulunkulu