IBhayibheli Lishintsha Ukuphila
YINI eyasiza owesifazane osemusha ukuba abuyele endleleni ayekhuliswe ngayo yokukhulekela uNkulunkulu? Zizwele njengoba echaza.
“Manje Senginenjongo Yangempela Ekuphileni.”—ULISA ANDRÉ
UNYAKA AZALWA NGAWO: 1986
IZWE AZALELWA KULO: ILUXEMBOURG
UMLANDO: INGANE YOLAHLEKO
UKUPHILA KWAMI: Ngakhulela eBertrange, idolobhana elihlanzekile, eliphephile nelichumayo eduze kwedolobha elikhulu laseLuxembourg. Nginguthunjana ezinganeni ezinhlanu. Abazali bami bangoFakazi BakaJehova, futhi basebenza kanzima ukuze bagxilise izimiso zobuKristu kimi, kubafowethu nakodadewethu.
Lapho ngisanda kweva eminyakeni eyishumi nambili, ngaqala ukukungabaza ngempela okufundiswa oFakazi BakaJehova. Ekuqaleni, ngakuziba lokhu, kodwa kancane kancane ukholo lwami lwaba buthaka. Abazali bami benza konke ababengakwenza ukuze bangisize, kodwa ngalwenqaba usizo lwabo. Ngangichitha isikhathi nezingane ezingalihloniphi igunya, abazali bami bengazi. Ngangifuna inkululeko engangiyibona endleleni yabo yokuphila. Sasihamba amaphathi, silala nabafana, sidla izidakamizwa siphuza notshwala. Ngaqale ngakujabulela ukuba nabantu ababebonakala bejabulela ukuphila ngokugcwele.
Kodwa empeleni ngangingajabule ngempela. Ukuphila nalolo hlobo lwabantu kwakungenanjongo; akekho owayecabanga ajule ngezinto. Kodwa mina ngangikhathazwa izinto ezinjengokungabi nabulungisa okugcwele wonk’ umhlaba. Njengoba isikhathi sihamba, ngacindezeleka nakakhulu.
INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI: Ngelinye ilanga sengineminyaka engu-17 ngezwa umzimba wami ushona phansi. Lapho umama ekubona lokhu, wangicela ukuba ngiphinde ngitadishe iBhayibheli. Wangikhuthaza ukuba ngihlole izimfundiso zalo bese ngizinqumela ukuthi ngiyafuna yini ukuphila ngazo noma cha. Yileyo ngxoxo eyashintsha izinto. Ngavuma ukufunda iBhayibheli nodadewethu omdala uCaroline nomyeni wakhe, u-Akif. U-Akif wayengakhuliswanga oFakazi BakaJehova, kodwa waba nguye lapho esemdala. Ngenxa yokuphila kwakhe kwangaphambili, ngaba nomuzwa wokuthi ngingamthululela isifuba sami, okwakuyinto ebalulekile kimi.
Ngangazi ukuthi ukuphila kwami akumfanele umuntu onguFakazi, kodwa ekuqaleni ngangizitshela ukuthi engikwenza ngokuphila kwami kuyindaba yami. Kepha ngokutadisha iBhayibheli, ngaqaphela ukuthi ukuziphatha kwami kuyayithinta imizwa kaJehova. (IHubo 78:40, 41; IzAga 27:11) Ngaqonda nokuthi kuthinta nabanye abantu.
Njengoba ngiqhubeka ngihlola iBhayibheli, ngathola ukuthi kunezizathu ezinengqondo nezikholisayo zokukholelwa ukuthi liyiZwi likaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, ngafunda ngeziprofetho zalo eziningi esezigcwalisekile—ezinembe ngendlela emangalisayo. Lolo lwazi lwangisiza ukuba ngiqede ukungabaza enganginakho.
Cishe ngemva konyaka ngiqale ukufunda iBhayibheli, mina nabazali bami savakashela umfowethu omdala owayeyisisebenzi sokuzithandela ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eJalimane. Lapho ngibona indlela umfowethu ayejabule ngayo, ngathinteka ngokujulile. Yileyo njabulo okwase kuyisikhathi eside ngiyifuna! Ngahlatshwa umxhwele nangabanye oFakazi ababesebenza khona. Babehluke kakhulu kubangane bami abangathembekile nabathanda injabulo. Ngemva nje kwalokho, ngathandaza ngokusuka enhliziyweni kuJehova, ngamthembisa ukuthi ngizomkhonza ukuphila kwami konke. Lapho ngineminyaka engu-19, ngabonakalisa ukuzinikezela kwami kuJehova ngobhapathizo.
INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO: Manje senginenjongo yangempela ekuphileni. Ngithola injabulo ekufundiseni abanye iBhayibheli, ngibasize bafunde ngoJehova nangezithembiso zakhe zekusasa. Umkhaya wakithi nawo uzuzile—awusakhathazeki ngami.
Ngiyawazi amaphutha engawenza esikhathini esidlule, kodwa ngizama ukungahlali ngicabanga ngawo. Kunalokho, ngigxila entethelelweni kaJehova nasothandweni lwakhe ngami. Ngivumelana ngokugcwele namazwi ezAga 10:22, athi: “Isibusiso sikaJehova—yiso esicebisayo, futhi akenezeli ubuhlungu kanye naso.”
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 12]
“Sasihamba amaphathi, silala nabafana, sidla izidakamizwa siphuza notshwala”
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 13]
“Ngiyawazi amaphutha engawenza esikhathini esidlule, kodwa ngizama ukungahlali ngicabanga ngawo”