Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w12 10/15 k. 32
  • Isikhuthazo Esivela “Emlonyeni Wezingane”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isikhuthazo Esivela “Emlonyeni Wezingane”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abantu Abanokuthula Balwela Igama Labo Elihle
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Imibiko Evelele Yonyaka Odlule
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2011
  • Ukukhulisa Abantwana Bakho Ukuba Bathande UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Umbono Wesazi Semfundiso Yenkolo NgoFakazi BakaJehova ERussia
    I-Phaphama!—1997
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
w12 10/15 k. 32

Isikhuthazo Esivela “Emlonyeni Wezingane”

Ngo-December 2009, iNkantolo Ephakeme YaseRussia yasekela isinqumo esaholela ekuvalweni kwenhlangano yenkolo yoFakazi BakaJehova endaweni yaseTaganrog, eRussia, ekuphucweni iHholo LoMbuso nasekumemezeleni ukuthi izincwadi zethu ezingu-34 zibhekwa njengezeqisayo. Lesi senzakalo esimangalisayo safakwa engosini ye-Internet esemthethweni yoFakazi BakaJehova kanye nezithombe zoFakazi abathintwa yilesi sinqumo, kuhlanganise nezingane ezincane.

Ngemva kwezinyangana, iSikhungo Esiqondisayo soFakazi BakaJehova eRussia sathola ibhokisi nencwadi evela emndenini woFakazi eQueensland, e-Australia, owawubone umbiko wesinqumo seNkantolo: “Bafowethu Abathandekayo, Izingane zethu, uCody noLarissa, zithinteke kakhulu ngenxa yokholo nezilingo zabafowethu eRussia. Zibhale amakhadi nezincwadi, futhi senzé iphasela elincane elinezipho esingathanda ukuba nilithumele ezinganeni zaseTaganrog, ukuze nje sizazise ukuthi kule ndawo ekude, kunezingane ezikhulekela uJehova ngokwethembeka njengazo futhi ezicabanga ngazo. Zithumela imikhonzo efudumele neyothando.”

Ngemva kokuthola lezi zipho, izingane zaseTaganrog zabhalela lo mndeni ose-Australia izincwadi zokubonga ezinezithombe. Eshukunyiswa yila mazwi akhuthazayo avela “emlonyeni wezingane,” uFakazi okhonza egatsheni laseRussia wabhalela uCody noLarissa: “Yeka ukuthi kubuhlungu kanjani ezinganeni nakubantu abadala ukujeziselwa into abangayenzanga! Abafowethu nodadewethu baseTaganrog abenzanga lutho olubi, kodwa baphucwe iHholo labo LoMbuso. Lokhu kubazwise ubuhlungu. Kuzobakhuthaza kakhulu ukwazi ukuthi kunabathile kwelinye izwe abacabanga ngabo. Sinibonga kakhulu ngomoya wenu omuhle wokupha!”—IHu. 8:2.

Ngempela, siyingxenye yobuzalwane bomhlaba wonke, futhi uthando lwethu ngomunye nomunye lusisiza ukuba sibhekane nezilingo nezinselele zokuphila. Njengoba izinkantolo ziphikisana ngokuthi izincwadi zoFakazi BakaJehova zikhuthaza inzondo noma cha, izingane zethu zona zibonisa buthule indlela ezikhathalela ngayo inhlalakahle yabanye, azivinjwa yimingcele yobuzwe namasiko futhi zibonisa ukuthi ayiqiniso amazwi kaJesu athi: “Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.”—Joh. 13:35.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela