Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w13 5/1 k. 7
  • Uzomethemba Yini UNkulunkulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uzomethemba Yini UNkulunkulu?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani Abantu Bethi UNkulunkulu Unonya?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • UNkulunkulu Ucela Ukuba Ube Umngane Wakhe
    Ungaba Umngane KaNkulunkulu
  • Ingabe Kufanele Ngimcebe Umngane Wami?
    I-Phaphama!—2008
  • Ungubani UNkulunkulu?
    Lingasifundisani IBhayibheli?
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
w13 5/1 k. 7

Uzomethemba Yini UNkulunkulu?

AKE SITHI unomngane omthanda kakhulu kodwa wenza into ongayiqondi. Abanye bayamgxeka futhi bangabaza izisusa zakhe bethi umngane wakho unonya. Ingabe ungavumelana nabo ngokushesha noma ungalinda uzwe uhlangothi lwakhe?

Ngaphambi kokuba uphendule, ungase ufune ukwazi okwengeziwe. Ungase uzibuze, ‘Ngimazi kahle kangakanani lo mngane futhi yini engenza ngimthande?’ Lokhu kuyafaneleka. Kodwa cabanga ngalokhu: Ngeke yini sikwazi ukwenza okufanayo ngaphambi kokuphetha ngokuthi uNkulunkulu unonya?

Ungase ukuthole kunzima ukuqonda ezinye zezinto eziye zenziwa uNkulunkulu noma udidwe izinto avumela ukuba zenzeke. Kunabantu abaningi abazokutshela ukuthi uNkulunkulu unonya futhi abayofuna nawe umbheke njengabo. Ingabe uzomethemba kuze kube yilapho sewazi okwengeziwe? Impendulo ixhomeke ekutheni umazi kahle kangakanani uNkulunkulu. Zibuze, ‘UNkulunkulu ubelokhu engumngane onjani kimi?’

Uma ubuphila kanzima, ungase ulingeke ukuba uthi uNkulunkulu akazange nakancane abe umngane wakho. Nali iqiniso. UNkulunkulu ukubusisile, akazange akubangele ubunzima ekuphileni kwakho. Njengoba sesibonile, uSathane ‘ongumbusi waleli zwe’ akuyena uJehova. (Johane 12:31) Ngakho uSathane obangela usizi nokungalungi okugcwele kulo mhlaba. Awuvumi yini ukuthi ukungapheleli kwethu nezimo ezingalindelekile kuyimbangela yezinkinga zethu eziningi?

Ingabe uNkulunkulu ukubangele ubunzima ekuphileni kwakho—noma ukubusisile?

Ngakolunye uhlangothi, uNkulunkulu ubelokhu enzani? Cabanga ngalokho okushiwo iBhayibheli: ukuthi uNkulunkulu ‘unguMenzi wezulu nomhlaba; ukuthi imisebenzi yakhe ihlanganisa imizimba yethu ‘eyenziwe ngokumangalisayo; nokuthi uJehova ‘unguNkulunkulu okuphefumula kwakho kusesandleni sakhe.’ (IHubo 124:8; 139:14; Daniyeli 5:23) Kusho ukuthini konke lokhu?

Kusho ukuthi siyaphila futhi sikhona ngenxa yoMdali wethu. (IzEnzo 17:28) Kusho ukuthi isipho sokuphila, ubuhle bezwe lonke obusizungezile, uthando nobungane esibujabulelayo, injabulo esiyithola ngokunambitha, ngokuthinta, ngokuzwa umsindo nangokuhogela—zonke lezi izipho ezivela kuNkulunkulu. (Jakobe 1:17) Awuvumi yini ukuthi lezi zibusiso zimenza abe uMngane okufanelekayo ukuba simethembe?

Kuyavunywa ukuthi ungase ukuthole kunzima ukwethemba uNkulunkulu. Mhlawumbe unomuzwa wokuthi awukamazi ngokwanele ukuze umethembe. Lokho kuyaqondakala. Kulezi zihloko ezimfushane, asikwazanga ukuxoxa ngazo zonke izizathu ezenza abanye bathi uNkulunkulu unonya. Kodwa akufanele yini uzikhandle ukuze wazi uNkulunkulu kangcono?a Siyaqiniseka ukuthi uma wenza kanjalo uyolazi iqiniso ngoNkulunkulu. Ingabe unonya? Lutho neze, “uNkulunkulu uluthando.”—1 Johane 4:8.

a Thola ukwaziswa okwengeziwe mayelana nokuthi kungani uNkulunkulu evumela ububi esahlukweni 11 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela