Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp16 No. 3 k. 8
  • Abafileyo Bayophinde Baphile!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Abafileyo Bayophinde Baphile!
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Themba UJehova”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • Lapho Abagugile Bebuyela Ebusheni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Incwadi YeBhayibheli Ye-18—UJobe
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
  • Amaphuzu Avelele Encwadi KaJobe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
wp16 No. 3 k. 8

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | LAPHO KUSHONA OTHANDEKAYO

Abafileyo Bayophinde Baphile!

Cishe uyakhumbula ukuthi uGail, okukhulunywe ngaye ekuqaleni kwalolu chungechunge, uyangabaza ukuthi ubuhlungu bokushonelwa umyeni wakhe uRob buyoke buphele. Noma kunjalo, ubheke phambili ekumboneni ezweni elisha elithenjiswe uNkulunkulu. Uthi: “UmBhalo engiwuthanda kakhulu isAmbulo 21:3, 4.” Ufundeka kanje: “UNkulunkulu ngokwakhe uyoba nabo. Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”

UGail uthi: “Lesi sithembiso siduduza ngempela. Ngizwelana ngempela nabantu abaye bashonelwa abathandekayo babo kodwa abangalazi leli themba lokuvuswa kwabafileyo.” UGail uphila ngokuvumelana nezinkolelo zakhe ngokuba umshumayeli wesikhathi esigcwele, ufundisa abantu ngesithembiso sikaNkulunkulu ngekusasa lapho ‘ukufa kungeke kusaba khona.’

UJobe namathumba emzimbeni wakhe

UJobe wayeqiniseka ngokuthi uyophinde aphile

Ungase uthi, ‘Akukholakali.’ Kodwa cabanga ngesibonelo sendoda egama layo linguJobe. Yayigula kakhulu. (Jobe 2:7) Nakuba uJobe ayefisa ukufa, wayesenalo ukholo emandleni kaNkulunkulu okumvusa. Ngokuqiniseka wathi: “O ukube ubungangithukusa . . . Uyobiza, futhi mina ngiyokuphendula. Uyolangazelela umsebenzi wezandla zakho.” (Jobe 14:13, 15) UJobe wayeqiniseka ngokuthi uNkulunkulu wakhe uyomkhumbula futhi uyolangazelela ukumvusa.

Maduzane, uNkulunkulu uzokwenza lokho kanye—avuse uJobe nabanye abaningi—lapho lo mhlaba ushintshwa uba ipharadesi. (Luka 23:42, 43) IzEnzo 24:15 zisiqinisekisa ngokuthi, “Kuyoba khona uvuko.” UJesu uyasiqinisekisa, “Ningamangali ngalokhu, ngoba ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni beyokhunjulwa futhi bayolizwa izwi layo baphume.” (Johane 5:28, 29) UJobe uyokubona ukugcwaliseka kwaleso sithembiso. Uyoba nethuba lokuphinde abe ‘nobungqabavu bobusha bakhe,’ nenyama yakhe iyoba ‘yintsha kunasebusheni’ kuze kube phakade. (Jobe 33:24, 25) Kuyokwenzeka okufanayo kubo bonke ababonisa ukwazisa ngelungiselelo likaNkulunkulu lomusa lokuvusela abafileyo emhlabeni.

Uma uye washonelwa umuntu omthandayo, izinto esixoxe ngazo zingase zingaluqedi ngokuphelele usizi lwakho. Kodwa ngokuzindla ngezithembiso zikaNkulunkulu eziseBhayibhelini, ungathola ithemba langempela namandla okuqhubekela phambili.—1 Thesalonika 4:13.

Ungathanda ukuthola okwengeziwe ngendlela ongabhekana ngayo nosizi? Noma ingabe uzibuza imibuzo enjengokuthi, “Kungani uNkulunkulu evumela ububi nokuhlupheka?” Sicela ungene engosini yethu ethi jw.org/zu, ukuze uthole izimpendulo zeBhayibheli eziduduzayo nezisebenzayo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela