Bamba Amathuba Okufakaza Ehlobo
1 ImiBhalo iyasikhuthaza: “Noma nidla, noma niphuza, noma nenzani, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.” (1 Kor. 10:31) Isikhathi sasehlobo sinikeza amathuba okwenza lokhu ngezindlela eziningi.
2 Abaningi bazobe besemaholidini ekupheleni konyaka. Nokho, akekho kithi okufanele adebeselele umsebenzi wethu wokushumayela nokufundisa kungakhathaliseki ukuthi iyiphi inkathi yonyaka. Khona-ke, lapho nisemaholidini, niya emhlanganweni, noma kuphakathi neholide lesikole, shisekelani ukufakaza kwabanye. Singakwenza kanjani lokhu?
LAPHO USEHOLIDINI
3 Ingabe uhlela ukuvakashela izihlobo lapho useholidini? Abaningi bethu bayakujabulela ukuvuselela ubuhlobo bomkhaya. Uma izihlobo zakho zingekho eqinisweni, ungase ukwazi ukuhlanganyela nazo isigijimi soMbuso. Abazalwane abaningi baye baba nempumelelo enhle ngokulinda ngesineke kuze kube isikhathi esifanele sokufakaza ezihlotsheni zabo. Ngalendlela, ezinye zezihlobo zabo ziye zafunda iqiniso.—Bheka INqabayokulinda, February 15, 1990, amakhasi 25-7.
4 Uma uhlela ukuthatha iholide lokuya kude nasekhaya, kungani ungenzi amalungiselelo okuya emihlanganweni futhi usebenze enkonzweni yasensimini nebandla lendawo? ‘Siyabathanda abazalwane,’ futhi ukusebenza nabo enkonzweni yasensimini kusinikeza ithuba lokuzuza kokuhlangenwe nakho kwabo eqinisweni kuyilapho sifinyelela ukubazi kangcono. (1 Pet. 2:17) Ngokuba khona emihlanganweni nokuhlanganyela emsebenzini wokushumayela lapho siseholidini, singazizuzisa futhi sijabulele ukuqabuleka kwangempela nabafowethu.—Math. 11:28, 29.
LAPHO NIYA EMHLANGANWENI
5 Lapho niya emhlanganweni wesigodi, fakazani kwabanye. Ukufaka amabheji ethu kungenza abanye bafune ukwazi futhi kusivulele indlela yokukhuluma nabo ngeqiniso. Funani amathuba okufakaza lapho nithela uphethiloli, nidla ezindaweni zokudlela, noma nigibela izinto zokuhamba zomphakathi. Izingxoxo ezingahleliwe kulezizimo ngokuvamile ziveza imiphumela emihle. Ngakho yiba neBhayibheli kanye nezincwadi ezifanelekile eduzane, futhi ulungele ukunikeza ubufakazi.
UMSEBENZI OWANDISIWE NJENGOMKHAYA
6 Njengoba abaningi bethu bezobe bengayi esikoleni noma bengasebenzi phakathi nenkathi yamaholide, kungani ningabi nesikhathi esengeziwe nisenkonzweni yasensimini ngokungenela ubuphayona obusizayo? Ningayithuthukisa inkonzo yenu yasensimini futhi ‘nanuleke’ othandweni lwenu ngokusebenza nabanye. Kungani ningasebenzi nabaningi ngangokunokwenzeka ebandleni? (2 Kor. 6:11-13) Yonke imikhaya iye yasebenzisa izinyanga zasehlobo ukuba ibe amaphayona asizayo ndawonye. Lokhu kuye kwaqinisa ukholo lwayo futhi kwayisondeza eduze noJehova nakomunye nomunye njengomkhaya. Futhi, lokhu kuyalikhuthaza ibandla, futhi ngenxa yalokho nabanye bangashukumiseleka ukuba benze umsebenzi omkhulu ngokwengeziwe.
7 Isikhathi sasehlobo ngokuvamile sigcwala umsebenzi. Ngenxa yokuthi ziningi izinto ezingathatha isikhathi sethu, sidinga ukuqaphela ukuba sigcine isimiso esihle ukuze sisisebenzise ngokunenzuzo ngokwengeziwe isikhathi sethu. Ngokuhlela manje izinto ezingokomoya eziza kuqala, siyokwenza ‘ukukhanya kwethu kukhanye phambi kwabantu.’ Njengoba bebona imisebenzi yethu emihle, abanye bangase bashukumiseleke ukuba badumise uJehova, ngenxa nje yokuthi sabamba wonke amathuba ukuba sihlanganyele iqiniso nabanye ehlobo.—Math. 5:16.