Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp20 No. 3 k. 13
  • Izibusiso Ezitholwa Yilabo Abasiza Abanye

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izibusiso Ezitholwa Yilabo Abasiza Abanye
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2020
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • OKUSHIWO IMIBHALO ENGCWELE
  • KUSHO UKUTHINI UKUSIZA OMUNYE UMUNTU?
  • Ukusekela Abafowabo BakaKristu Ngobuqotho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Kusho Ukuthini Ukuba “UmSamariya Olungile”?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Funda Emfanekisweni Wamathalenta
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Uyalwamukela Yini Usizo LukaJehova?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2020
wp20 No. 3 k. 13
Indoda isebenzisa ibalazwe ukuze iyalele enye indoda indlela.

Ungabasiza yini abanye ngaphandle kokubheka ubudala, ubuzwe, noma inkolo yabo?

Izibusiso Ezitholwa Yilabo Abasiza Abanye

Abantu abaningi emhlabeni baswele ukudla nendawo yokuhlala. Abanye bamane nje badinga ithemba ngekusasa. Imizamo yethu yokusiza abantu abanjalo, iyosilethela kanjani ukwamukelwa uNkulunkulu nesibusiso sakhe?

OKUSHIWO IMIBHALO ENGCWELE

“Ombonisa umusa ophansi uboleka uJehova, futhi Yena uyombuyisela ngempatho yakhe.”​—IZAGA 19:17.

KUSHO UKUTHINI UKUSIZA OMUNYE UMUNTU?

UJesu waxoxa indaba yendoda eyahlaselwa yizigebengu, zacishe zayibulala. (Luka 10:29-37) Kwaqhamuka umuntu owayengayazi le ndoda eyayilimele kabi, wafike wayisiza. Lokhu wakwenza nakuba ayengowohlanga oluhlukile.

Lo muntu akagcinanga nje ngokuyibopha amanxeba le ndoda eyayilimele nokuyinika izinto eyayizidinga, kodwa futhi wayiduduza ebunzimeni eyayibhekene nabo.

Sifundani kule ndaba? UJesu wayefundisa ukuthi kufanele sisize labo abadinga usizo. (IzAga 14:31) ImiBhalo Engcwele ifundisa ukuthi maduze uNkulunkulu uzobuqeda ubumpofu nokuhlupheka. Nokho, singase sizibuze ukuthi uNkulunkulu uyokwenza kanjani futhi nini lokhu. Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngezibusiso uMdali wakho onothando akugcinele zona.

“UNKULUNKULU AKAKAZE ANGISHIYE”!

Ixoxwa yindoda yaseGambia eyathuthela kwelinye izwe

“Lapho ngifika eYurophu, ngangingenalutho​—ngingasebenzi, ngingenamali, ngingenakhaya. Izimfundiso ezisemiBhalweni Engcwele zingisizile ngakwazi ukuzenzela izinto, ukusebenza ngokuzikhandla, nokusiza abanye kunokuba ngihlale ngicela usizo. UNkulunkulu akakaze angishiye, futhi ubelokhu engibusisa!”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela