Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w22 Disemba k. 14
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJehova Waba ‘Umenzi Wendlela Yokuphunyuka’ Ezikhathini ZeBhayibheli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Thembela Emoyeni KaNkulunkulu Ekubhekaneni Nezinguquko Ekuphileni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • “Ngifundise Ukwenza Intando Yakho”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Masiphakamise Igama LikaJehova Kanyekanye
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
w22 Disemba k. 14

Imibuzo Evela Kubafundi

Njengoba kubhalwe kumaHubo 61:8, ingabe umhubi uDavide wayenza ihaba noma wayesho into engenakwenzeka lapho ebhala ukuthi wayeyodumisa igama likaNkulunkulu “kuze kube phakade”?

INkosi uDavide iyacula njengoba idlala ihabhu.

Cha. Lokho uDavide akubhala lapho kwakunembile futhi kuyiqiniso.

Cabanga ngalokho akubhala kulelo vesi nakwamanye afana nalo: “Ngiyolihubela izindumiso igama lakho kuze kube phakade njengoba ngigcwalisa izifungo zami usuku nosuku.” “O Jehova Nkulunkulu wami, ngikudumisa ngayo yonke inhliziyo yami, ngizolikhazimulisa igama lakho kuze kube phakade.” “Ngizolidumisa igama lakho kuze kube phakade naphakade.”​—IHu. 61:8; 86:12; 145:1, 2.

UDavide wayengenzi ihaba, wayengacabangi ukuthi akasoze afa. Wayazi ukuthi uJehova wayethe isono sabantu sasiyoholela ekufeni futhi uDavide wavuma ukuthi unesono. (Gen. 3:3, 17-19; IHu. 51:4, 5) Wayazi ukuthi ngisho namadoda uNkulunkulu ayewamukele anjengo-Abrahama, u-Isaka noJakobe, nawo ayefile. Wayazi ukuthi naye wayezogcina efile. (IHu. 37:25; 39:4) Kodwa amazwi akhe asencwadini yeHubo 61:8 ayebonisa isifiso nokuzimisela kwakhe ukudumisa uNkulunkulu kuze kube phakade, okungukuthi, uma nje esaphila.​—2 Sam. 7:12.

Ezinye izinto uDavide azibhala zazikhuluma ngokuphila kwakhe, njengoba sibona emibhalweni engenhla yeHubo 18, 51 no-52. Encwadini yeHubo 23, uDavide uchaza uJehova ngokuthi umalusi onikeza isiqondiso, amandla nesivikelo. UDavide wayengumalusi onjalo. Wayefuna ukukhonza uNkulunkulu ‘zonke izinsuku zokuphila kwakhe.’​—IHu. 23:6.

Khumbula nokuthi nguJehova owaphefumulela uDavide ukuba abhale konke akubhala. Akubhala kwakuhlanganisa neziprofetho ezaziyogcwaliseka esikhathini esizayo. Ngokwesibonelo, encwadini yeHubo 110, uDavide wabhala ngesikhathi lapho iNkosi yakhe ‘iyohlala ngakwesokudla [sikaNkulunkulu]’ ezulwini yamukele amandla amakhulu. Ukuze yenzeni? Ukuze inqobe izitha zikaNkulunkulu futhi ‘ikhiphe isahlulelo ngokumelene nezizwe’ emhlabeni. UDavide wayengukhokho kaMesiya, owayeyobusa esezulwini futhi abe “umpristi kuze kube phakade.” (IHu. 110:1-6) UJesu waqinisekisa ukuthi isiprofetho esisencwadini yeHubo 110 sasikhuluma ngaye futhi sasiyogcwaliseka esikhathini esizayo.​—Math. 22:41-45.

Yebo, uDavide waphefumulelwa ukuba abhale ngezinto ezimayelana nesikhathi sakhe nangezinto zesikhathi esizayo lapho eyovuswa khona futhi ajabulele ukudumisa uJehova kuze kube phakade. Lokhu kusisiza sibone ukuthi iHubo 37:10, 11, 29 lingaqondwa njengelichaza izimo zakwa-Israyeli wasendulo nelichaza lokho okuyokwenzeka esikhathini esizayo emhlabeni wonke, lapho uNkulunkulu egcwalisa izithembiso zakhe.​—Bheka isigaba 8 esihlokweni esikulo magazini esithi “Uyokuba Nami EPharadesi.”

Ngakho, iHubo 61:8 namanye amavesi afana nalo libonisa ukuthi uDavide wayefuna ukukhazimulisa uJehova kwa-Israyeli wasendulo aze afe. Libonisa nalokho uDavide ayokwenza esikhathini esizayo lapho uJehova esemvusile.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela