Umbono WeBhayibheli
Ukusebenzisa Izidakamizwa Ngenjongo Yokuzijabulisa—Kungani Kungamelwe?
“NGOKUNOKWENZEKA . . . icocaine iyisidakamizwa esingeyona neze ingozi kunazo zonke izidakamizwa ezingekho emthethweni ezisetshenziswa kabanzi manje . . . futhi ijabulisa kakhulu.”
Washo kanjalo uDkt. Peter Bourne ngo-1974. Eminyakeni emine kamuva enjengomeluleki womshuwalense wezempilo kaMongameli uJimmy Carter eWhite House, uDkt. Bourne waphoqeleka ukuba esule ngenxa yamacala okusebenzisa izidakamizwa ezingekho emthethweni. Njengabanye abaningi, mhlawumbe wayecabanga ukuthi wayengathethelela ukusebenzisa izidakamizwa ngenjongo yokuzijabulisa.
Ngesinye isikhathi icocaine yayitholakala kalula kunoma ubani cishe kuyo yonke indawo—ezitolo zokudla, ezindaweni zokulungisa izinwele, nakubathengisi abathengisa ngokuthumela ngeposi. Phakathi nawo-1880 nawo-1890, yayibhenywa iwugwayi wamahlamvu ecoca. Yayifakwa ezithakweni zamawayini neziphuzo zonamanedi eziningi. Ngisho nomseshi wasenganekwaneni yesiNgisi uSherlock Holmes uvezwa njengosebenzisa icocaine “kathathu ngosuku izinyanga eziningi.”—The Sign of Four, kaMnu. Arthur Conan Doyle.
Icocaine yayihlonishwa ngenxa yezakhi zayo ezivuselelayo futhi yayidunyiswa njengomuthi wobuhlungu bekhanda, isifuba somoya, ihay fever, nobuhlungu bezinyo. Yaba uzifo-zonke owawusetshenziswa emamiseni. Ngokwesibonelo, ngo-1884 uSigmund Freud osemusha wabhala: “Ngiye ngakuhlola lokhu okwenziwa icoca, eqeda indlala, ubuthongo, nokukhathala futhi yenze umuntu azizwe enobuhlakani, izikhathi eziningi kimina siqu . . . Ukuyithi-mbibi okokuqala noma ngisho ngokuphindiwe icoca akwenzi isifiso sokuba uyisebenzise ngokuphindiwe.”—Über Coca.
Eminyakeni edlule, kwashiwo izinkulumo ezifanayo ngensangu, okwaholela abanye abantu ekucabangeni ukuthi ukusebenzisa izidakamizwa kwakungeyona ingozi. Nokho, namuhla ungafunda izintaba zobufakazi bezokwelapha obubonisa okuphambene. Ngempela, ukusetshenziswa kwezidakamizwa ezinjengensangu, icocaine, icrack (uhlobo oluthile lwecocaine,) iheroin, ama-amphetamine, namabarbiturate kuyingozi kakhulu emzimbeni.
Imiphumela Eyingozi Nebulalayo.
Abacwaningi bathi abasebenzisi bensangu bangalindela ukuthola abantwana abancanyana, ukuba nezingozi eziningi, namaphaphu onakele. Icocaine nesakhi esitholakala kuyo, icrack kuye kwahlotshaniswa nokuphazamiseka kwengqondo, nezinye izimpawu zokusangana, ukucindezeleka okukhulu, i-insomnia, ukungakuthandi ukudla, ukungabi namdlandla wobulili, ukucasuka kalula, ukuqhaqhazela komzimba, isifo senhliziyo, ukufa kohlangothi, ukudabuka kwesikhumba noma amabhamuza amakhulu, ukufa kwezinzwa zokuhogela nokufa. Ngokomunye umlobi wesayensi, “ukuba ukusebenzisa kwabesifazane abakhulelwe icocaine bekuyisifo, ekwenzayo ezinsaneni bekuyoba inkinga yezempilo yezwe lonke.”
Ezinye izinhlobo zabasebenzisi bezidakamizwa nazo zisengozini enkulu yokuthola ingculaza. (Bheka ikhasi 25.) Futhi izinkinga eziningi zempilo ziye zahlotshaniswa nokusebenzisa kabi izidakamizwa ezenziwe abantu, ezinjengama-amphetamine, amabarbiturate, izidungamizwa, “nezidakamizwa zekhethelo.”
Nokho, naphezu kwezingozi ezaziwayo, abantu basalingekela ekuzameni izidakamizwa. Abathukela bezisebenzisile bathola izidakamizwa ezinjalo zithakazelisa. Noma kunjalo, izingozi azive zingezingokoqobo. Kunjengokushayela iloli ethwala uphethiloli endaweni eyehlelayo—ngokuqinisekile kungaba nengozi.
Umzimba Wakho—‘Umnikelo ophilayo’
Isimiso esabekwa umphostoli uPawulu kwabaseRoma 12:1 sinokuhlobana okuthile nalendaba. Sithi: “Ngakho ngiyanincenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe-ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu, kube-ngukukhonza kwenu kokuqonda.” AmaKristu kufanele anikele iminikelo ebaluleke kakhulu kuneminikelo yezilwane eyayifuneka esizweni sasendulo sakwaIsrayeli.
Ukusebenzisa kukaPawulu umusho wesiGreki othi (thy·siʹan zoʹsan ha·giʹan) ohunyushwa ngokuthi “umnikelo ophilileyo, ongcwele” kuyaphawuleka. Ngokwezazi zeBhayibheli eziningi, lamagama asho okulandelayo: AmaIsrayeli ayenikela izisulu ezifile zokwenza iminikelo. Yayingasenakunikelwa futhi. Ngokuphambene nalokho, umKristu kumelwe azinikele yena ngokwakhe nawo wonke amandla akhe ephila, “ophilileyo.” (Isenzo sesiGreki esihunyushwe ngokuthi “ophilileyo” ngezinye izikhathi singasho “ukuphila empilweni.”) Futhi njengoba nje umIsrayeli ayenqatshelwe ukunikela ngalokho okwakuqhuga noma kukhubazekile ngandlela-thile, amaKristu anikela kuNkulunkulu okungcono kakhulu kwawo. Futhi njengoba umzimba womKristu uba yinto enza ngayo izenzo zakhe, zonke izenzo zakhe nemicabango nethuluzi lakho—umzimba wakhe—kumelwe kunikelwe ngokuphelele kuNkulunkulu. Lokhu kuba isenzo sokuzinikela ngokuphelele. Akaseyena neze owakhe siqu. Kanjalo, ukuphila kwakhe, hhayi umcikilisho ongokwenkolo, okungumnikelo wangempela.
Khona-ke, uPawulu wayekhuthaza amaKristu ekhulu lokuqala leminyaka, ngesikhathi esaphila emhlabeni, ukuba asebenzise amandla awo, impilo, nanoma iziphi ezinye iziphiwo noma amakhono ayenawo enkonzweni yomphefumulo wonke eya kuNkulunkulu. (Kolose 3:23) Kwakumelwe anikeze uJehova okungcono kakhulu kwayengakunikela ngokomzimba nangokwengqondo. UNkulunkulu wayeyoyijabulela kakhulu iminikelo enjalo.
Nokho, uNkulunkulu wayeyosabela kanjani uma ayehlanganyela ngamabomu emikhubeni eyayinciphisa amandla awo angokomzimba noma angokwengqondo futhi ize ngisho ifushanise nokuphila kwawo? Ingabe amaKristu ayeyofuna ukuphula umthetho futhi azibeke engozini yokunciphisa ukufaneleka kwawo enkonzweni kaNkulunkulu? Imikhuba engcolile yayingawenza angafaneleki njengezikhonzi futhi kuphumele ngisho nasekuxoshweni ebandleni lobuKristu.—Galatiya 5:19-21.
Namuhla, kuwumkhuba ovamile ezweni lonke ukuba abantu basebenzise kabi izidakamizwa. Ingabe umuntu angasebenzisa izidakamizwa ezinjalo ukuze azijabulise kodwa aqhubeke enikela umzimba wakhe ube “umnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu”? Akukhona kuphela ukucwaninga kwezokwelapha nokuhlangenwe nakho okungenakubalwa kwemiphumela ebuhlungu okunikeza impendulo ecacile kodwa nezimiso zeBhayibheli zinika leyompendulo—cha!
[Isithombe ekhasini 26]
“The Opium Smoker”—NgoN. C. Wyeth, 1913