UZamcolo Obhubhisayo EAustralia
CABANGA ngesikhukhula simboze ngamanzi indawo engangeGreat Britain, iFrance, neJalimane kuhlangene. Phela, yilokho okwenzeka ngonyaka odlule eQueensland, eAustralia. ICharleville, idolobha eliseduze nalapho kwenzeka khona lenhlekelele, kwadingeka ishiywe. Izakhamuzi eziyizinkulungwane ezintathu zakhoseliswa ematendeni endaweni ephakeme esikhumulweni sezindiza sasendaweni. Ezinye kwadingeka zihlengwe phezu kwezindlu ngendiza enophephela emhlane.
Iqembu elincane labantu abangu-35 elihlanganyela neBandla LoFakazi BakaJehova LaseCharleville lafuna indawo yokukhosela kuFakazi omuzi wakhe wawusendaweni ephakeme eqhele ngamakhilomitha angu-10 ngaphandle kwedolobha. Lesi kwaba yisikhungo sokusiza labo abasala bengenamakhaya.
Ngokushesha, oFakazi baqala ukuhlela usizo. EDalby, eqhele ngamakhilomitha angu-550, kwabunjwa iqembu lezisebenzi zokuzithandela ukuze lihlanze amakhaya angenwe amanzi. ERoma, eqhele ngamakhilomitha angu-270, oFakazi baqoqa ukudla nezinye izimpahla zokusiza, njengezingubo zokulala nezokugqoka. Ngemva kokuhlolwa kwendawo ukuze kubonakale umonakalo, izisebenzi zokuzithandela zatheleka—abantu abangaphezu kwekhulu.
Bachaza indawo okwenzeka kuyo umonakalalo “njengento ongenakuyicabanga.” Udaka nesihlabathi okungamasentimitha ayisihlanu kwamboza yonke into. Ifenisha ephukile yayisabalele emakamelweni, ukhaphethe wawonakele, izinto ezisebenza ngogesi zicwile emanzini, izimoto zigingqikile. Iphunga lokudla okubolile, amapulangwe amanzi, nemfucumfucu kwakukuyo yonke indawo.
Izisebenzi zokuzithandela zaqala ukusebenza. NgoMgqibelo, ngoApril 28, isonto nje kuphela ngemva kwesikhukhula, amakhaya namagceke oFakazi baseCharleville ayebukeka ecocekile futhi ehloniphekile. Nokho, kwakudingeka okungaphezu nje kokuhlanza. Amaqembu ezisebenzi zokuzithandela aqala ukubuyisela amandla kagesi emakhaya futhi alungisa izimoto nezinto zokusebenza zasekhaya. Abafaka ukhaphethi bafaka ukhaphethi omusha; abenzi bamakhabethe bakha futhi bafaka amakhabethe amasha; ababazi, omapendane, nabasebenza ngamapayipi balungisa okwakonakele.
Umphumela: Emasontweni amabili ngemva kwesikhukhula, bonke oFakazi base bebuyele emakhaya abo alungisiwe. Nokho, izisebenzi zokuzithandela azigcinanga ngokusiza oFakazi ezikanye nabo kuphela. Lapho elinye iqembu lihlanza ikhaya lomKatolika, wabonisa ukumangala kwakhe ngokuphindaphindiwe.
EBrisbane oFakazi babongwa emsakazweni ngomsebenzi wabo ngesikhathi sesikhukhula. Kanti eCharleville, abantu abaningi basedolobheni bamangala ukubona indlela oFakazi abasabela ngayo ngokushesha. Enye indoda eyayibaphikisa ngaphambili yezwakala ithi: “Futhi sinesibindi sokubaxosha emizini yethu.”