Isibonakaliso Sothando—Umbhidlango Womkhankaso Wokusiza
URICHARD VARA, umhleli ongumakad’ ebona we-Houston Chronicle, akahlabeki umxhwele kalula, kodwa wathinteka nyakenye. Wababaza ethi: “Ngiyakweshwama lokhu! Yisimanga.” ULee P. Brown, umphathi-dolobha waseHouston, eTexas, e-U.S.A., wazizwa ngendlela efanayo. Wathi: “Ngifisa sengathi wonke umuntu waseHouston angakubona enikwenzile. Kungihlabe umxhwele kakhulu.” Babekhuluma ngani? Umhleli nomphathi-dolobha babekhuluma ngomkhankaso wokusiza owenziwa ngoFakazi BakaJehova eHouston. Lo mkhankaso wawuhilelani? Kungani wawudingeka? Futhi yini eyawenza wabahlaba umxhwele kangaka abantu? Ukuze sithole, ake silandise indaba kusukela ekuqaleni kwayo.
Isikhukhula Esiyingqopha-mlando
Ekuqaleni kuka-June 2001, isiphepho esinamandla okuthiwa u-Allison sahlasela ithafa laseningizimu-mpumalanga yeTexas. Ekugcineni, ngoLwesihlanu, ngo-June 8, ngesikhathi esingamahora angu-24, isiphepho u-Allison sasesidlive amathantala emvula angaba yimitha elilodwa eHouston—idolobha lesine ngobukhulu ezweni.a Ngesikhashana nje, amanzi aphakamayo angena ezitolo, emahhovisi, nasemizini engamashumi ezinkulungwane. Imigwaqo emikhulu yedolobha yaba imifula ehlokomayo, esibekela izimoto ezaziseshweni namaloli aphakeme. Ukuphakama kwamanzi kwenza kwaba nzima ngisho nangamaloli ezicimamlilo nezinye izinqola zokutakula abantu ukuhamba kweminye yale migwaqo enezikhukhula. Kwacelwa izindiza ezinophephela emhlane nezinqola zamasosha ezingosondo-nzima ukuze kutakulwe abantu.
Makhathaleni, lapho liphenya ngoMsombuluko, ngo-June 11, kwahlaluka ukuthi mkhulu umonakalo owawudalwe yisiphepho u-Allison. Kwakufe abantu abangu-22, kuhlanganise noFakazi BakaJehova ababili: uJeffrey Green, umdala ongumKristu, nomlamu wakhe uFrieda Willis.b Ngaphezu kwalokho, imizi engaba ngu-70 000 yayonakele, okwenza lesi sikhukhula saba ngenye yezinhlekelele zemvelo ezimbi kakhulu kunazo zonke ezake zahlasela idolobha elikhulu. Eqinisweni, ngokubangela umonakalo ocela kuma-dollar ayizigidi eziyizinkulungwane ezinhlanu, isiphepho u-Allison saba isiphepho esinezindleko ezinkulu kunazo zonke emlandweni wase-United States.
Isikhukhula Sezisebenzi Zokuzithandela
Abantu babeshaqekile. Esinye isisebenzi sezosizo sathi: “Imibhede yabo yayimanzi. Ukhaphethi wawumanzi. Izithombe zabo besebancane nezezingane zabo zazingasekho.” Iningi loFakazi BakaJehova abangaphezu kuka-16 000 baseHouston lalahlekelwa. Konakala amaHholo OMbuso angu-8 namakhulu emizi yoFakazi. Eminye yale mizi yangenwa amanzi afinyelela kumasentimitha amaningana; kweminye ayefika ophahleni. Sekukonke, kwathinteka amabandla oFakazi BakaJehova angaphezu kwangu-80. Noma kunjalo, lezi zisulu azishiywanga dengwane. Phakathi nezinsuku ezimbalwa kwafika isikhukhula—kodwa manje kungesezisebenzi zokuzithandela—zizobasiza. Kwenzeka kanjani lokhu?
Ngisho nangaphambi kokuba amanzi ezikhukhula aqale ukubohla, abadala abangamaKristu bamabandla oFakazi BakaJehova eHouston bathatha isinyathelo. Umdala othile walandisa: “Sathinta abafowethu nodadewethu ngocingo futhi sabavakashela. Sabe sesihlola umonakalo, futhi ngoMsombuluko, ngo-June 11, sase sinombiko ogcwele obonisa abantu abathintekile, isibalo sezindlu ezonakele, nezinga lomonakalo. Lo mbiko wathunyelwa endlunkulu yoFakazi BakaJehova eBrooklyn, eNew York.” Ezinsukwini ezimbalwa kamuva, ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova lase-United States lamisa ikomiti yosizo yabadala abangamaKristu abangu-8 baseHouston futhi lakhipha nemali yokusiza. Le komiti yayinasiphi isabelo? Ukusiza izisulu ukuba zilulame ngokomzwelo nokulungisa imizi yoFakazi eyayonakele—imizi engaphezu kwengu-700!
Amalungu eKomiti Yosizo YoFakazi BakaJehova BaseHouston Ka-2001 eyayisanda kwakhiwa ayezibuza, ‘Kazi sizowuqalaphi lo msebenzi omkhulu kangaka?’ Asebenza amahora amaningi kusihlwa akha isu lokuqala futhi acela usizo emabandleni oFakazi angaphezu kuka-160 aseHouston. “Ukusabela kwawo kwakuyisimanga,” kulandisa usihlalo wekomiti. “Kwabhalisa oFakazi abangaphezu kuka-11 000, benikela ngesikhathi sabo, izandla namakhono abo ngesihle.”
Izisebenzi Zokuzithandela Zilwa Nesikhunta
Ezinsukwini ezimbalwa ngemva kwesikhukhula, izisebenzi zokuzithandela zasebenza emizini yezisulu, zikhipha okhaphethi abamanzi te, iphansi elonakele, izindonga ezonakele, amakhabethe avokomele ngenxa yamanzi, nezicabha ezisontene, nakho konke okunye okwakungcoliswe amanzi ezikhukhula ayehlangene nawetshe lentaba. Esinye isisebenzi sokuzithandela salandisa: “Sasingakhathazekile ngokulungisa imizi yabafowethu kuphela, kodwa futhi sasikhathazeke nangokuvikela impilo yabo.” Njengoba isikhunta esinobuthi sasizoqala ukukhula ngokushesha ezindongeni nangaphakathi emakhabetheni, kwakudingeka ukuba kuqalwe ngokubulala isikhunta ngokuphelele.
Ukuze bafunde ukwenza lo msebenzi ngokuphepha, oFakazi abaningana bacela i-Federal Emergency Management Agency (FEMA), uphiko lukahulumeni oluphathelene nezinhlekelele ngokukhethekile ukuba ibaqeqeshe. Ngemva kwalokho, uFakazi ngamunye owayeqeqeshwe yi-FEMA wayethatha izisebenzi zokuzithandela eziyishumi aye nazo emzini owonakele, lapho zazifundiswa khona ukubulala isikhunta ngokuphelele. Ngosuku olulandelayo ngamunye wezisebenzi eziyishumi ezisanda kuqeqeshwa wayethatha ezinye izisebenzi eziyishumi asebenze nazo. “Ngezinsuku ezimbalwa nje, isibalo sabantu abase bekwazi ukwenza lo msebenzi sanda saba amakhulu ambalwa,” kulandisa esinye isisebenzi sokuzithandela. Inani elandayo lezisebenzi zokuzithandela lasiqothula isikhunta esasisabalala! Asebethathe umhlalaphansi nentsha eyayivalile esikoleni babesebenza emini. Ebusuku, kwakungena ezinye izisebenzi zokuzithandela ziqhubeke. Engakapheli amasonto ayisithupha yonke imizi yoFakazi eyayinesikhunta yayisihlanzekile futhi iphephile.
Isizinda Esisodwa Nezikhungo Eziyisikhombisa
Ngesikhathi esifanayo, ikomiti yosizo yathenga amabhodi amaningi namathani ezinye izinto zokwakha. Kodwa kwakuzogcinwaphi? Umkhulumeli wekomiti yosizo walandisa: “Lapho imenenja yenkampani ethile izwa ngezidingo zethu, yasivumela ukuba sisebenzise ishede—elalinendawo engamamitha-skwele angu-5 000—mahhala!” Ngaphandle kokugcina izinto zokwakha, leli shede laba nendawo yamahhovisi. Kungakabiphi, laba isizinda sokuqondisa umkhankaso wosizo, lapho izisebenzi zokuzithandela ezingaba ngu-200 kuya kwezingu-300 zasebenzela khona ubusuku nemini nangezimpelasonto.
Njengoba imizi eyonakele yayisabalele, kwamiswa izikhungo ezincane emaHholo OMbuso angu-7. Ngezimpelasonto isikhungo ngasinye sasiphithizela izisebenzi zokuzithandela. (Bheka ibhokisi elithi “Isikhungo Somsebenzi.”) Eziningi zazo zazike zasebenza ndawonye ekwakheni amaHholo OMbuso kule ndawo. Empeleni, izisebenzi zokuzithandela ezinamakhono okwakha zamaKomiti Okwakha Ezifunda angu-11 ase-Arkansas, eLouisiana, e-Oklahoma, naseTexas zasiza.c Esikhungweni ngasinye, ababazi, omapendane, abasebenza ngamapayipi, nezinye izisebenzi ezinamakhono zahola ekuqeqesheni abanye.—Bheka ibhokisi elithi “Izinhlelo Zokuqeqesha Abanye.”
Isu Lokusebenza Namarekhodi Okwaziswa
Izisebenzi zokuzithandela zazilandela isu lokwakha elalihlelwe ngezigaba ezingu-7. Izinto zokwakha zazidilivwa emizini ngezigaba ezine, kanti umsebenzi wokulungisa umuzi ngamunye wawuhlelwe ukuba wenziwe ngezimpelasonto ezintathu. Ngale ndlela, wonke umkhankaso wokusiza wawuzoqedwa ngezinyanga ezingaba yisithupha.
Ukuze leli su lisebenze, ikomiti yamisa iminyango engu-22, kuhlanganise nowokugcina imininingwane, owokuthenga, owezindawo zokulala, nowokuthutha impahla. Yonke le minyango yayisizwa ukwaziswa okuningi okwakugcinwe yizisebenzi zokuzithandela kuyi-computer. Ngaphambi kokuba umsebenzi wokulungisa uqale, izisebenzi zasebenza izinsuku eziyishumi zifaka lokhu kwaziswa. Umbiko wezindaba wathi: “Kwakuwumbhidlango ukufaka lokhu kwaziswa.” Nokho, ekupheleni kwalowo ‘mbhidlango,’ kwase kunomtapo wokwaziswa okuwusizo. Lapho nje ucindezela inkinobho, wawukwazi ukubona ukuthi izisebenzi ezingu-11 000 zaziyotholakala nini, ukuthi yimaphi amakhono ezinawo, nokuthi ungaxhumana kanjani nazo. Wawukwazi ukubona nokuthi umsebenzi wokulungisa usuhambe ibanga elingakanani, ukuthi yiziphi izimvume zokwakha ezazidingeka, neminye imininingwane yemizi eyonakele. Lokhu kwaziswa kwasebenza ‘njengomnyombo womkhankaso wosizo.’
Bachichima Injabulo Nokubonga
Izisebenzi zokuzithandela ezazinamakhono okwakha zahambela imizi eyayingenaso isikhunta futhi eyayingangenwanga amanzi ziyothola ukuthi kwakuzodingekani ukulungisa umonakalo. Umkhulumeli wathi: “Lezi zisebenzi zazibala zonke izinto zokwakha ezidingekayo ngisho nesibalo sezipikili imbala. Sasingafuni ukusaphaza izimali noma izinto zokwakha ezinikelwe.” Ngesikhathi esifanayo, ezinye izisebenzi zazicela izimvume zokwakha ezidingekayo ezikhulwini zedolobha.
Ngokulandelayo, imikhaya ethintekile yacelwa ukuba ize eshede izokhetha okhaphethi, amakhabethe, omata, nezinye izinto kwezazikhona ezilinganiselwe ukuze zivale isikhala sokulahlekelwa. Izisulu zezikhukhula zeqiwa yinjabulo futhi zakhala lapho zibona konke ezazikunikezwa. Lezi zisulu zathola namacebiso ezisebenzi zokuzithandela ezazinolwazi kwezemishuwalense nezinhlelo zikahulumeni. Khona-ke, kwabe sekuhlelwa ukulungiswa kwemizi, futhi ngalo kanye usuku abalungisayo abadinga ngalo izinto zokwakha, ezinye izisebenzi zaziziletha ngamaloli. Umuntu othile ongeyena uFakazi owalungiselwa indlu yakhe eyayonakele wathi kumkakhe onguFakazi: “Abafowenu bayisimanga. Kuphuma elinye iqembu, kungene elilandelayo. Basebenza njengezintuthwane!”
Kwathatha izimpelasonto ezintathu ukulungisa izinto ezinkulu ezazidinga ukulungiswa emzini ngamunye. “Kodwa, ngezinye izikhathi kwakuthatha amasonto amahlanu noma ngisho angu-8,” kusho usihlalo wekomiti. Lapho zidiliza izindonga emizini emidala, izisebenzi zaphawula ukuthi kwakunomonakalo omdala, futhi zazingathandi ukufaka izindonga ezintsha ngaphambi kokulungisa lo monakalo. Esinye isisebenzi esinekhono sathi: “Ngezinye izikhathi sasiphawula ukuthi izinsika zazidliwe umuhlwa, ngakho sasiqiniseka ukuthi siyawubulala. Kuningi esakwenza silungisa izinto. Sashiya imizi isesimweni esihle.” Omunye wezisulu zezikhukhula wezwakalisa imizwa yabaninimizi abaningi lapho etshela isivakashi esithile egcwele ukubonga ukuthi: “Indlu yami isingcono kunangesikhathi engayithenga ngaso!”
Ukulungisa Ukudla Ngokushesha
Ukuze liphekele lezi zisebenzi eziningi zokuzithandela, iqembu loFakazi lashintsha ishede elingemva kweHholo LoMbuso laba yindawo yokulungisa nokwaba ukudla. OFakazi kulo lonke izwe banikela ngeziqandisi, imishini yokugeza izitsha, izitofu, nezinye izinto zasekhishini. Njalo ngoMgqibelo nangeSonto, abapheki abangu-11 nezisebenzi zokuzithandela ezingaba ngu-200 zazipheka ukudla kwezinkulungwane zabantu kule ndawo. Isisebenzi sokuzithandela esasengamele leli khishi, sathi: “Sekuyiminyaka engu-19 sipheka ukudla phakathi nemikhankaso yokwakha amaHholo OMbuso, kodwa sasingacabangi ukuthi lo mkhankaso uzoba mkhulu kangaka.”
Lokhu kudla kwakupakishwa emabhokisini amakhulu angu-120. La mabhokisi ayelayishwa ezimotweni ezingu-60 ezazimi ngomumo, ezazikudiliva kuzo zonke izikhungo nasesizindeni sokuqondisa. Ngesikhathi esifanayo, iqembu ngalinye elisebenza emzini lalithumela isisebenzi esisodwa esikhungweni elabelwe kuso ukuba siyolanda ukudla kwalo lonke iqembu. Izisebenzi zazidlela kulowo muzi bese ziphindela emsebenzini ngokushesha.
Kufeziwe!
Ekugcineni, ngo-April 2002, izisebenzi zokuzithandela ezingu-11 700 zaqeda omunye wemikhankaso yokusiza emide kunayo yonke eyake yenziwa oFakazi BakaJehova. Izisebenzi zokuzithandela zasebenza amahora angu-1 000 000 zilungisa noma zivuselela amaHholo OMbuso angu-8 nemizi engu-723. Esinye isisulu sezikhukhula sakhulumela abaningi lapho sikhuluma sihlengezela izinyembezi zenjabulo: “Ngiyambonga uJehova nezisebenzi zokuzithandela ngalo lonke usizo abasinikeze lona. Ukuba yingxenye yobuzalwane obunothando kuyinduduzo enkulu!”
[Imibhalo yaphansi]
a Idolobha laseNew York, laseLos Angeles nelaseChicago anabantu abaningi. Idolobha laseHouston linezakhamuzi ezingaba ngu-3 500 000 futhi lingaphansi kancane kwesifundazwe saseGauteng ngobukhulu.
b Kwakunabangane abangu-1 300 enkonzweni yesikhumbuzo kaJeffrey noFrieda. Lokho kusekela kwabo kwamduduza kakhulu u-Abigail—umkaJeffrey futhi ongudadewabo kaFrieda.
c AmaKomiti Okwakha Ezifunda ngokuvamile akha izindawo oFakazi BakaJehova ababa nemihlangano kuzo.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 15]
ISIKHUNGO SOMSEBENZI
KungoMgqibelo, ngo-7:00 ekuseni, eSikhungweni No. 4 enyakatho-mpumalanga yeHouston. Izisebenzi zokuzithandela ezibuthene eHholo LoMbuso zidla ingevu, ezinye ziphuza ikhofi, zidla namagwinya. Ezinye zihambe amakhulu amakhilomitha zisuka emakhaya ziza lapha. Kodwa ngo-7:30 ekuseni, inhlokomo yezingxoxo iyanqamuka, futhi umbonisi walesi sikhungo, uqhuba ingxoxo yetekisi leBhayibheli. Umemezela nokuthi ngeSonto ekuseni ngo-7:30 kuzoba neSifundo Se-Nqabayokulinda, ngaphambi kokuba izisebenzi zokuzithandela zihlakazeke ziye ezindaweni ezisebenza kuzo, futhi uzikhuthaza ukuba zonke zihlanganyele kuleso sifundo ngokuphendula ngesiNgisi noma ngeSpanishi. Udlulisela imikhonzo evela endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova, eyamukelwa ngehlombe elihlokomayo.
Umbonisi wesikhungo ube esenikeza umbiko wosekwenziwe ngomkhankaso wokusiza futhi azibonge kakhulu izisebenzi zokuzithandela ngomoya wazo wokuzinikela. Ube esebuza: “Ukhona yini ongazi ukuthi kumelwe enzeni noma ayephi namuhla?” Akukho sandla esiphakamayo. “Bangaki abazodinga ukudla?” Ziphakama zonke izandla, kuthi ngquzu uhleko. Ekugcineni, kuyathandazwa, bese izisebenzi zokuzithandela ezingu-250—amadoda, abesifazane, abancane nabadala—ziyaphuma, zilungele olunye usuku olude lokusebenza ngokuzikhandla.
Kwenzeka okufanayo nakwezinye izikhungo eziyisithupha naseshede. Ngesikhathi esifanayo, ezinye izisebenzi zokuzithandela ezisebenza ekhishini elinakekela zonke izikhungo, sezimatasa zigoqoza amabhodwe—kakade, emini namuhla izisebenzi ezingaphezu kuka-2 000 ezilambile kulo lonke elaseHouston zizobe zilindele isidlo esishisayo!
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 16]
IZINHLELO ZOKUQEQESHA ABANYE
Phakathi nomkhankaso wokusiza, izisebenzi zokuzithandela ezinamakhono zavula amakilasi okuqeqesha izisebenzi zokuzithandela ezingenawo amakhono emisebenzi ethile. Ezinye zaqeqeshelwa ukuba zibulale isikhunta ezindlini. Ezinye zafunda ukwakha izindonga namakhabethe. Kanti ezinye zafunda ukupulasitela nokupenda. Lezi zifundo ezaziqhutshwa izisebenzi ezinamakhono zaqoshwa nge-video, la ma-video abe esesetshenziswa ezikhungweni ukuze kuqeqeshwe izisebenzi zokuzithandela ezengeziwe. “Ngalezi zifundo, saqinisekisa ukuthi kwenziwa umsebenzi wokulungisa wezinga eliphakeme,” kuphawula ilungu lekomiti yokusiza.
[Isithombe]
Izisebenzi ezinekhono zafundisa abanye
[Ibhokisi ekhasini 18]
‘ISENZO SIKANKULUNKULU NGEMPELA’
Ilungu elithile lekomiti yosizo lathi: “Izinkampane zomshuwalense zibiza izinhlekelele zemvelo ngokuthi izenzo zikaNkulunkulu.” Lanezela: “Nokho, izisebenzi zokuzithandela ezasebenza lapha phakathi nazo zonke lezi zinyanga yizo eziyisenzo sikaNkulunkulu ngempela. Ubuzalwane bethu buyisimangaliso!” Phakathi nalo mkhankaso wokusiza, kwakufika izisebenzi zokuzithandela ezingu-2 500 noma ngaphezulu ngezimpelasonto zizosebenza. Usihlalo wekomiti wathi: “Lezo zisebenzi zokuzithandela ezazingatholi holo zahlehlisa ukuya emaholidini ezaziwahlelile, zahlela kabusha izimiso zemikhaya, futhi zahlehlisa ezinye izindaba zomuntu siqu ukuze zisize komunye wemikhankaso yokusiza emikhulu kunayo yonke kweyake yenziwa oFakazi BakaJehova.”
Umkhankaso wokusiza owathatha isikhathi eside wawudinga ukuzidela. Esinye sezisebenzi zokuzithandela esaba neqhaza kulo msebenzi kusukela uqala waze wayophela sasisebenza amahora angu-50 ngesonto emsebenzini wokuziphilisa. Noma kunjalo, sasisebenza amahora angu-40 isonto ngalinye emsebenzini wokusiza. Sathi: “UJehova wanginika amandla. Abangaziyo bangibuza ukuthi, ‘Uyahola yini kulo msebenzi?’ bese ngibatshela, ‘Ayikho imali ebingenela ukungikhokhela ukwenza lo msebenzi.’” Ngezimpelasonto, ngemva kokusebenza isonto lonke emsebenzini wokuziphilisa, umkhaya othile wasesifundazweni saseLouisiana wawuhamba amakhilomitha angu-800 ukuya nokubuya ukuze uzosiza kulo msebenzi. Abaningi babesebenza kusukela ekuseni kuze kuhlwe bese begoduka. Elinye iqembu lezisebenzi zokuzithandela ezingu-30 ezinamakhono, ezazihambe amahora angu-7 kuya kwayishumi ukuza lapha, lathi: “Asizisoli.” Esinye isisebenzi sokuzithandela sasishayisa emsebenzini ngo-3:30 ntambama bese siza sizosebenza esikhungweni sokuqondisa kuze kushaye u-10:00 ebusuku. Sasisiza nangezimpelasonto. Sathi: “Kuyavuza.”
Ngempela, lezi zisebenzi zokuzithandela kanye nazo zonke ezinye zazizimisele ukusiza ngoba zinothando lobuzalwane—uphawu olubonakalisa amaKristu eqiniso. (Johane 13:35) Ngemva kokuvakashela isikhungo sokuqondisa umkhankaso wokusiza, umphathi-dolobha waseHouston washukunyiselwa ukuba athi eqenjini elithile loFakazi: “Nikholelwa ekwenzeni lokho uNkulunkulu asitshela ukuba sikwenze. Niyazisebenzisa izinkolelo zenu.”
[Isithombe ekhasini 14, 15]
IHouston ihlaselwa yizikhukhula, ngo-June 9, 2001
[Umthombo]
© Houston Chronicle
[Isithombe ekhasini 15]
Imigwaqo emikhulu yaba imifula
[Isithombe ekhasini 15]
Amanzi angena ezindlini
[Izithombe ekhasini 17]
Abanye boFakazi abayizinkulungwane ababeyizisebenzi zokuzithandela
[Isithombe ekhasini 18]
Izisebenzi zasekhishini zaphekela abantu abangaphezu kuka-250 000!
[Umthombo Wesithombe ekhasini 13]
NOAA