Usizo Lukuyo Yonke Indawo
UBAXTER, umfundi osesikoleni esiphakeme oneminyaka engu-15 ubudala, unendlela ethakazelisayo achitha ngayo uMgqibelo ntambama. Uvakashela iqembu lasebekhulile, adlale umculo futhi bahlabelele ndawonye ekhaya lasebethathe umhlalaphansi. “Ubenza bahleke, bajabulele ukuphila abantu abahlala lapha,” kusho uthisha kaBaxter. ULucille, oneminyaka engu-78 ubudala, wenza umsebenzi ofanayo womusa. Wabela abampofu ukudla futhi avakashele iziguli ezinesizungu esibhedlela. Umngane kaLucille uthi ngaye: “Uma kunesidingo futhi ekwazi ukusiza, uzoba khona.”
Ukuchaza Umsebenzi Wokuzithandela
Le ndlela yokuphila—‘Ukusiza uma kunesidingo’—ihlanganyelwa yizigidi eziningi zabantu emhlabeni wonke. Basiza ezindaweni zokwakha nasemahhovisi, emafektri, emakhaya okunakekela abagulayo, ezibhedlela, emakamu ababaleki, ezikhungweni zabaswele amakhaya, eminyangweni yomlilo, ezikhungweni zenhlekelele, ezindaweni zezilwane nakwezinye izindawo. Batholakala cishe kuyo yonke indawo! Basebenzisa amakhono abo emisebenzini esukela ekwakheni izinqolobane zokudla kuya ekuqongeleleni imali, kusukela ekunakekeleni izingane ezilahliwe kuya ekuthobeni izinhlungu zabagulela ukufa. Bayizisebenzi zokuzithandela—abantu abenza umahluko ekuphileni kwalabo abaswele.
Umsebenzi wokuzithandela uchazwa ngokuthi “umcabango omuhle ofezwa ngesenzo.” Uhilela izici ezinjengokuzibophezela enkambweni ethile, umoya wokuzinikela, ukungafuni mbuyiselo nokuzidela. Izisebenzi ezimbili zokuzithandela ezingomakad’ ebona zithi: “Inkonzo yokuzithandela iwukuzidela: ukuphana ngesikhathi sethu, izandla nezinyawo zethu, imiqondo yethu, ikhono lethu lokusiza omunye umuntu, amakhono ethu okuxazulula izinkinga nolwazi lwethu lobuchwepheshe.” Kuyathakazelisa ukuthi ukupha ngale ndlela kuzuzisa nezisebenzi zokuzithandela ngokwazo.—Bheka ibhokisi elithi “Izisebenzi Zokuzithandela Ziyazuza Nazo.”
Inani Elikhulayo—Isidingo Esikhulayo
E-United States, kunabantu ababalelwa ezigidini eziyikhulu abenza umsebenzi wokuzithandela—futhi inani labo liyanda. UKathleen Behrens, umqondisi ophethe inhlangano yezisebenzi zokuzithandela i-New York Cares, utshele i-Phaphama! muva nje ukuthi: “Inhlangano yethu iyaqhubeka ikhula ngezinga elimangalisayo. Nyakenye kuphela, saba nezisebenzi ezintsha zokuzithandela ezingaphezu kuka-5 000 ezajoyina inhlangano yethu.” Amaqembu ezisebenzi zokuzithandela eYurophu nawo anda ngendlela efanayo. Ngokwesibonelo, eFrance inani lezisebenzi zokuzithandela belilokhu landa ngamaphesenti ayisithupha ngonyaka phakathi namashumi amabili eminyaka adlule. Nokho, isidingo sezisebenzi ezengeziwe zokuzithandela asikanciphi. Ngokuphambene nalokho, i-United Nations Volunteers (inhlangano ye-UN) ithi uma kubhekwa emhlabeni kabanzi, “isidingo sezisebenzi zokuzithandela ezengeziwe sikhulu namuhla kunanini ngaphambili.” Umqondisi womnyuziyamu othile uthi: “Izisebenzi zokuzithandela ziwukuphila kwethu.”
Kodwa kunesimo esiyindida. Ngisho nakuba abaqondisi, abaphathi nabaxhumanisi abaningi abasebenza nezisebenzi zokuzithandela benomuzwa wokuthi abantu abanjalo “bayigugu kakhulu,” umsebenzi omningi wezisebenzi zokuzithandela awushaywa mkhuba. Ukuze ziqale ukushintsha leso simo, iZizwe Ezihlangene zanquma ukusebenzisa unyaka ka-2001 njengesikhathi sokugxilisa ukunaka ezisebenzini zokuzithandela. Ibhokisi elithi “UNyaka Womhlaba Wonke Wezisebenzi Zokuzithandela” lichaza eminye yemigomo i-UN enethemba lokuyifinyelela.
Okwamanje, kunezinguquko emsebenzini wokuzithandela emhlabeni wonke eziyinselele ezisebenzini ngokwazo nakulabo abaqondisa umsebenzi wazo. Noma kunjalo, kusenabantu abaningi emhlabeni wonke abazimisele ukwenza umahluko. Bashukunyiswa yini ukuba benze kanjalo? Yini abayifezayo? Futhi bakuthinta kanjani ukuphila kwakho?
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 4]
Izisebenzi Zokuzithandela Ziyazuza Nazo
“Ukusiza abanye kuye kwaletha umvuzo ojulile, ocebile nengiwujabulela kakhulu kunalokho ebengingakufinyelela ngokuqhubeka ngigxile ngokuphelele emsebenzini wami webhizinisi,” kusho uMichael, oyisisebenzi sesikhashana sokuzithandela. UMichael akayedwa. USharon Capeling-Alakija, umxhumanisi oyinhloko we-United Nations Volunteers, uthi: “Emhlabeni wonke abantu . . . abasiza abanye ngokuzithandela bayaqaphela ukuthi bazuza kakhulu kangakanani ngokwenza kanjalo.” UDkt. Douglas M. Lawson, onguchwepheshe emisebenzini yokuzithandela, ufakazela ukuthi abacwaningi baye bathola ukuthi “ngokuvamile phakathi namahora nje ambalwa umuntu ezinikele ngokuzithandela, isimo sakhe somzimba nenhlalakahle engokwengqondo kuthuthuka kangangokuba kuye kwabizwa ngokuthi ‘Isasasa Labasizi.’” Futhi “isasasa labasizi” aliwona nje umuzwa odlulayo. Abacwaningi baseCornell University e-United States bahlola iqembu labantu abathile iminyaka engaphezu kwengu-30 futhi bathola ukuthi “labo abazinikela ekusizeni abanye ngokuzithandela babejabule futhi bephile kangcono kunalabo abangazange benze kanjalo.” Ngokuthakazelisayo, iBhayibheli lithi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunekhona ekwamukeleni.”—IzEnzo 20:35; IzAga 11:25.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 5]
UNyaka Wezisebenzi Zokuzithandela Womhlaba Wonke
Ngo-November 20, 1997, uMkhandlu-jikelele WeZizwe Ezihlangene wamemezela ukuthi unyaka ka-2001 uzoba “UNyaka Wezisebenzi Zokuzithandela Womhlaba Wonke,” (IYV [International Year of Volunteers] 2001). Ngokwe-UN, kunezinhloso ezine okufanele zifinyelelwe phakathi nalo nyaka.
Ukuqashelwa kakhudlwana Ohulumeni bakhuthazwa ukuba baqaphele ukubaluleka kwezisebenzi zokuzithandela ngokucwaninga nangokugcina umbiko walokho ezikufinyelele nokuziklomelisa ngemisebenzi yazo evelele.
Ukugqugquzela okuthé xaxa Amazwe anxuswa ukuba akhuthaze umoya wokusebenza ngokuzithandela, ngokwesibonelo, ngokwamukela inkonzo yokuzithandela esikhundleni senkonzo yezempi noma ngokukhulula izisebenzi zokuzithandela ekukhokheni izintela ezithile.
Ukuthuthukisa ezokuxhumana Abemithombo yezindaba bamenywa ukuba basize ngokusakaza imibiko yemisebenzi yokuzithandela eyimpumelelo. Ngokwenza kanjalo, imisebenzi enjalo inganda, “kugwenywe ukuba imiphakathi yendawo iqale phansi isungule izindlela zokwenza imisebenzi eseyaziwa kakade.”
Ukukhangisa Izinhlangano zezisebenzi zokuzithandela zikhuthazwa ukuba zihlele imibukiso yokwazisa umphakathi ngezinzuzo ozitholayo ngomsebenzi wokuzithandela.
I-UN ithemba ukuthi i-IYV 2001 iyophumela ezicelweni ezengeziwe zezinkonzo zezisebenzi zokuzithandela, ezicelweni zabantu abengeziwe abafuna ukuba yizisebenzi zokuzithandela nasekuxhasweni ngezimali nokwakhiwa kwezikhungo ezengeziwe zezinhlangano zezisebenzi zokuzithandela ezisingatha izidingo ezikhulayo zomphakathi. Ohulumeni abangu-123 baye bahlanganyela ekuxhaseni izinhloso zalesi sinqumo se-UN.