Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g91 8/22 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1992
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1992
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1991
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1991
g91 8/22 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ukudlala Ngothando Isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Yini Engalungile Ekudlaleni Ngothando?” sangikhanga. (May 8, 1991) Nginomngane odlala njalo ngothando nababobulili obuhlukile, futhi ngokuvamile kubonakala kunjengokuzijabulisa. Ngakhululeka ukwazi ukuthi ‘kumane nje kungokwemvelo ukufuna ukuthandwa.’ Kodwa manje ngiyaqaphela ukuthi ukudlala ngothando kuyingozi, futhi kunalokho ngifuna ukubonisa isithakazelo esiqotho kubo bonke abantu.

S. I., Japan

Umuntu Nesilo Ngifuna ukuzwakalisa ukwazisa kwami okusuka enhliziyweni ngesihloko esithi “Lapho Umuntu Nesilo Behlala Ngokuthula.” (April 8, 1991) Sekuyisikhathi esingangonyaka manje ngingumfundi weBhayibheli, futhi ngiye ngafunda ngenjongo kaJehova yokwenza umhlaba ube ipharadesi laphakade. Lesihloko salukhulisa kakhulu uthando lwami ngoJehova kanye nesifiso sami sokuhlala ngokuthula nezilwane ezweni lakhe elisha.

A. S., Brazil

Ngingumuntu ozithandayo izilwane. Ngaze ngisho ngafuna ukuya eyunivesithi futhi ngithathe izifundo zesayensi yezilwane. Nokho, yini engangiyoyizuza ngokuchitha sonke isikhathi sokuphila ngifunda ngezinhlobo ezimbalwa nje zezilwane? Ezweni elisha likaJehova, ngiyokwazi ukufunda ngazo zonke izilwane​—⁠phakade! Ukufunda lesihloko kwangenza ngakhala izinyembezi zenjabulo, ngokwazi ukuthi ngolunye usuku lesosifiso siyofezeka.

L. M., United States

Imikhuba Emibi Isihloko esithi “Ukugwema Ukubuya Kwemikhuba Emibi” (April 8, 1991) sasinjengencwadi ebhalelwe mina ngokukhethekile. Nakuba lesihloko singakhulumanga ngomkhuba wami omubi ngokuqondile, ngikholelwa ukuthi iziqondiso esazinikeza zizoba yinzuzo. Ngosizo lukaJehova ngizowunqoba unomphela lomkhuba!

S. M., United States

Eminyakeni engu-11 edlule, ngaphumelela ukuncipha [ngamakhilogremu angu-36], kodwa ngaphinde ngakhuluphala futhi. Ngikugadile ukuzimuka futhi, futhi lapho ngiqala ukuhluleka, ngiphinde ngifunde lesihloko. Ngasisebenzisa kwabanye futhi abasanda kuqalisa ukufunda iBhayibheli abalwela ukuyeka ukubhema.

E. T., United States

Kwakuyisihloko esihle kakhulu kangangokuba ngakhala izinyembezi. Okwangithinta kakhulu kwakuyingxenye ethi: ‘Ngehlulekile, angivele ngiyeke.’ Ngaso sonke isikhathi ngangicabanga kanjalo. Kodwa lesihloko sangisiza ukuba izinto ngizibone ngelinye iso.

S. H. S. N., Brazil

Izingane Zesehlukaniso Umagazini wenu onesihloko esithi “Usizo Ngabantwana Besehlukaniso” (April 22, 1991) wawungefike ngesikhathi esingcono kunalesi owafika ngaso. Manje ngilungiselela ukwehlukanisa. Ngosuku olwandulela olokufika kwalomagazini, ngasho izinto ezihlabayo kumyeni wami phambi kwezingane. Kamuva ngaxolisa kuye ngase ngimnika lomagazini wePhaphama! Ngiyanibonga ngosizo lwenu neseluleko.

C. L., United States

Lapho ngineminyaka eyisishiyagalolunye, abazali bami bahlukanisa. Eminyakeni emithathu kamuva baphinda bashada. Ngajabula kakhulu. Muva nje, ngithole ukuthi bayaphinda bayehlukanisa futhi. Ukwazi ukuthi bayangithanda futhi nginoJehova engingaphendukela kuye kuyangisiza ukuba ngingazitholi ngikhungatheka. Isihloko senu safika ngesikhathi engangisidinga ngaso kakhulu. Ngiyanibonga ngokucabangela izingane. Sidinga konke ukusekelwa esingakuthola!

A. J., United States

Ukuphathwa Kabi Ngokobulili Ngiyabonga ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingamenza Kanjani Angiyeke?” (May 22, 1991) Ngosuku umama anginikeza ngalo lowomagazini, ngathola incwadi yokweshela ivela kumfana engifunda naye ekilasini. Lesihloko sangifundisa ukuthi lapho abafana benza ukweshela okungafunwa, singenza izinkolelo zethu ezingokwenkolo zicace. Siyanibonga ngokunikeza thina-ntsha usizo lothando.

M. K., Japan

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela