Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g91 12/22 k. 3
  • Bajabula EMpumalanga Yurophu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Bajabula EMpumalanga Yurophu
  • I-Phaphama!—1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Bamangala Ngalokho Abakubona
    I-Phaphama!—1991
  • Ukwanda Okuphawulekayo
    I-Phaphama!—1991
  • OFakazi BakaJehova EMpumalanga Yurophu
    I-Phaphama!—1991
  • ‘Kwase Kuba Ukuwa Kodonga’
    I-Phaphama!—1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1991
g91 12/22 k. 3

Bajabula EMpumalanga Yurophu

KULELIHLOBO elidlule amashumi ezinkulungwane zabantu athutheleka emadolobheni ayinhloko eMpumalanga Yurophu. Imigwaqo yaseBudapest enhle, iPrague, iZagreb, namanye amadolobha angaphezu kuka-20 yayigcwele abantu abagqoke amabheji aluhlaza nokumhlophe. Lamabheji ayebachaza njengabathandi benkululeko yokwesaba uNkulunkulu ababesemihlanganweni yesigodi yoFakazi BakaJehova.

Ngokokuqala ngqá, imihlangano yesigodi yaqhutshwa ngokukhululekile emariphabhuliki aseYurophu eSoviet Union, kanye naseSiberia eqhele kakhulu naseriphabhuliki yaseSoviet eseAsia iKazakhstan. Sezizonke, izihambeli zomhlangano ezingu-370 000 zajabulela ubudlelwane obufudumele eCzechoslovakia, eHungary, eYugoslavia, ePoland, eRomania, naseSoviet Union.

Kulabo ababengekho, kungase kube nzima ukucabanga ngenjabulo eyaba khona lapho abangu-74 252 behlangana eSoviet Union ukuze bakhulekele uJehova uNkulunkulu obala nangaphandle kokwesaba. Nokho, injabulo yabo enkulu yayingeke neze yedlule leyo yabangu-74 587 ePrague neyabangu-40 601 eBudapest ababehlangene ezinkundleni zemidlalo ezinkulu kakhulu eCzechoslovakia naseHungary, noma yabangu-14 684 ababehlangene eZagreb, eYugoslavia.

Lokhu kuphawuleka kakhulu ngoba eminyakeni nje embalwa ngaphambili, oFakazi BakaJehova babevinjelwe emazweni amaningi aseMpumalanga Yurophu. Babehlukanisiwe neNtshonalanga ngesikhathi seMpi Yomshoshaphansi. Ngisho nokuhlangana ngamaqembu amancane ukuze bakhulekele uNkulunkulu kwakuphambene nomthetho. Yingakho kwaba nokujabula okunjalo ngokukwazi ukuhlangana ngokukhululekile emihlanganweni yesigodi emikhulu!

Omunye uFakazi waseCzechoslovakia oneminyaka engu-59 ubudala, owayechithe izinyanga eziyisishiyagalombili evalelwe yedwa cishe eminyakeni engu-40 edlule ngenxa yokukholelwa kwakhe kuNkulunkulu, wathi: “Iningi lethu thina esasihlala ePrague laliphupha ngomhlangano wesigodi omkhulu owawungahlelwa kulenkundla, kodwa sasingakukholelwa ukuthi leliphupho laliyogcwaliseka ngendlela emangalisa kangaka.”

Emasontweni amabili ngaphambi komhlangano wesigodi wasePrague, ngoAugust 9 kuya ku-11, iphephandaba ledolobha, iVečerník Praha, laphawula: “Bethweswa icala lokugumbuqela uhulumeni nelokuphazamisa isimiso sokusebenzela uhulumeni, oFakazi BakaJehova bagqunywa emajele obuKhomanisi iminyaka eminingi.” Ngemva kokuchaza ukuthi lelidolobha ngokushesha lalizoba indawo yokwamukela amashumi ezinkulungwane oFakazi, lesihloko saphetha: “Cishe ngeke uhlangane nabantu abaningi kangaka abanomusa nabamoyizelayo ePrague nganoma isiphi esinye isikhathi ngaphandle kwangesikhathi salempelasonto yesibili ka-August.”

Nokho, ungase ubuze: ‘Ingabe oFakazi BakaJehova bake bashushiswa ngesizathu esifanele? Ingabe bake baba usongo emagunyeni ezombangazwe amazwe ababehlala kuwo? Ayevelaphi amakhulu ezinkulungwane ezihambeli zomhlangano eMpumalanga Yurophu? Njengoba babecindezelwe futhi behlukanisiwe iminyaka engu-40 noma ngaphezulu ukuze bangathintani ngokukhululekile nezwe laseNtshonalanga, bakwazi kanjani ukwanda babe baningi kangaka?’

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela