Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g93 12/8 k. 15-k. 17 isig. 7
  • Ubani Ongangisiza Ngixazulule Izinkinga Zami?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubani Ongangisiza Ngixazulule Izinkinga Zami?
  • I-Phaphama!—1993
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ontanga—Ingabe Bawumthombo Ongcono Kakhulu Weseluleko?
  • Ukubaluleka Kwabazali Abesaba UNkulunkulu
  • ‘Abangiqondi!’
  • Zizuzele Ukuhlakanipha Okuwusizo!
  • Ingabe Kufanele Ngitshele Othile Ukuthi Ngicindezelekile?
    I-Phaphama!—2000
  • Ngingabazi Kanjani Kangcono Abazali Bami?
    I-Phaphama!—2009
  • Indlela Intsha Engathola Ngayo Usizo
    I-Phaphama!—2009
  • Yini Okufanele Ngiyenze Uma Abazali Bami Bexabana?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1993
g93 12/8 k. 15-k. 17 isig. 7

Intsha Iyabuza . . .

Ubani Ongangisiza Ngixazulule Izinkinga Zami?

“UMUNTU uzalelwa ukuhlupheka.” Yasho kanjalo indoda eyayicindezelekile okuthiwa uJobe eminyakeni engaba yizinkulungwane ezine edlule. (Jobe 5:7) Cishe ukuphila kwakho akulusizi njengokukaJobe. Kodwa akungabazeki ukuthi unezakho izinkinga nobunzima.

Lapho elinye iqembu lentsha yaseMelika libuzwa ukuthi, “Yini enikhathaza kakhulu?” iningi lathi isikole, abazali, imali, abangane, nezelamani kuyimbangela yokukhathazeka. Kuthiwani ngawe? Ingabe ubhekene nokucindezela kontanga, izinkinga zemali, noma izinkinga zasesikoleni? Ingabe ukuthola kunzima ukubhekana nezinkinga ezingokomzimba nezingokomzwelo zenkathi yokuthomba? Ingabe ukhathazekile nge-kusasa lakho?

Njengoba ucabanga ngazo zonke lezizinkinga, kulula ukudangala nokucindezeleka. Eqinisweni, uma ungagcina zonke lezinkathazo kuwe, ungase uzithole uhlukanisiwe nabanye ngokomzwelo. (Qhathanisa nezAga 18:1.) Khona-ke, kufanele uzixazulule kanjani izinkinga zakho? Ingabe kudingekile ngempela ukuba ubhekane nazo wedwa?

Cha, ngoba izinkinga zakho—nakuba zingase zibonakale zizinkulu—aziyona ingqayizivele. Ngemva kokuhlola ukuziphatha komuntu ngokucophelela, iNkosi ehlakaniphile uSolomoni yaphetha ngokuthi “akukho okusha phansi kwelanga.” (UmShumayeli 1:9) Yebo, abanye baye babhekana nezinkinga ezinjengezakho futhi bazixazulula ngokuphumelelayo. Ngakho akudingekile ukuba uzixazululele izinto ngokwakho ngaso sonke isikhathi; ngezinye izikhathi ungathola usizo kothile oseke wazixazulula. Phela, ukuba ubuya endaweni ongayazi, ubungeke yini uzame ukuthola iziqondiso kothile oseke waya lapho kakade? Umbuzo uwukuthi, Kufanele uphendukele kubani ukuze uthole usizo olunjalo?

Ontanga—Ingabe Bawumthombo Ongcono Kakhulu Weseluleko?

Abasha abaningi bakhetha ukuxoxa ngezinkathazo zabo nontanga yabo. “Ngezinye izikhathi ngiyaye ngicabange ukuthi ezinye zezinguquko engibhekana nazo ziyingqayizivele,” kuchaza u-Anita osemusha. “Ngiyaye ngithi, ‘Ingabe ukhona omunye umuntu obhekana nalokhu?’ Ngiyazibuza ukuthi ingabe ngiyahlanya yini ngokuzizwa ngalendlela.” Ungase ube nomuzwa wokuthi othile onguntanga yakho angayiqonda imizwa yakho nokuthi umuntu omdala—ikakhulukazi umzali—angase ahlulele, noma agxeke ngokweqile.

Kodwa nakuba ontanga yakho bengase baqonde, babe nobubele, futhi babe nozwela, bangase banganikezi iseluleko esinengqondo ngaso sonke isikhathi. Njengoba iBhayibheli lichaza, ‘abakhulileyo . . . banomqondo osulungele ukwahlukanisa okuhle nokubi.’ Kanjani? IBhayibheli liyaphendula: “Ngokusetshenziswa isikhathi eside,” okungukuthi, okuhlangenwe nakho! (Heberu 5:14; The New English Bible) Njengoba bengenakho okuhlangenwe nakho okunjalo, abantu abasebasha abakakuthuthukisi “ukuhlakanipha namasu” abo kuze kufinyelele ezingeni lomuntu omdala. (IzAga 3:21) Ngakho-ke, ukulalela iseluleko sosemusha onguntanga kuyingozi. IzAga 11:14 ziyaxwayisa: “Lapho kungekho iziluleko, abantu bayawa.”

Ukubaluleka Kwabazali Abesaba UNkulunkulu

Ngokuvamile abantu abadala basesimweni esingcono sokunikeza isiqondiso esihlakaniphile. UJobe olungile wakubeka ngalendlela: “Ezimpungeni kukhona ukuhlakanipha, nasebudeni bezinsuku ukuqonda.” (Jobe 12:12) Cishe abantu abakufanelekela kangcono kakhulu ukukusiza kulendaba abazali bakho abesaba uNkulunkulu. Phakathi kokunye, bakwazi kangcono kunanoma ubani omunye. Njengoba bake babhekana nezinye zezimo ezinjengalezi obhekene nazo manje, bangakusiza kakhulu ukuba ugweme izinkathazo. Ekhuluma njengomzali, uSolomoni weluleka: “Zwanini, madodana ami, ukulaya kukayise, nilalele, ukuze nazi ukuqonda. Ngokuba ngiyaninika izifundiso ezinhle.”—IzAga 4:1, 2.

Cabangela insizwa yaseGhana okuthiwa uSamuel. Lapho isesesikoleni esiyisekhondari (isikole esiphakeme), kwadingeka ukuba inqume ukuthi yayizophishekela imfundo yezwe noma umsebenzi wokuba isikhonzi sesikhathi esigcwele soFakazi BakaJehova. “Njengoba umkhaya wakithi wawusondelene futhi ukukhulumisana kukuhle,” uyachaza, “kwakulula ukuthulula isifuba kubazali bami.” Abazali bakaSamuel bamkhuthaza ukuba angenele inkonzo yesikhathi esigcwele—umsebenzi asaqhubeka ethuthuka kuwo. USamuel utusa ukuba intsha ihilele abazali bayo ekuxazululeni izinkinga zayo ngoba “banokuhlangenwe nakho okwengeziwe ekuphileni futhi kungenzeka baye babhekana nezinkinga ezifanayo . . . futhi basesimweni esingcono sokunikeza umbono ocacile wohlangothi oluhle nolubi lwendaba.”

Ngokuthakazelisayo, ngokokuhlola kwamuva nje kwe-Gallup, intsha eningi ifuna isiqondiso sabazali—ngisho nasezindabeni ezinjengezidakamizwa, isikole, nobulili.

‘Abangiqondi!’

Nokho, ngokudabukisayo abasha abaningi bayazihlukanisa nabazali babo lapho beva eshumini nambili. Abanye bazizwa njengomfana owevé eshumini nambili owathi: “Ngiye ngazama ukuxoxa nabazali bami ngendlela enginovalo ngayo ngamamaki nokuthi ngicabanga ukuthi kunzima kakhulu kulesisikole, kodwa bamane bangitshele ukuthi ngiyavilapha futhi kufanele ngitadishe ngokwengeziwe.” Intombazane engumKristu esentsha yase-Afrika yaveza ukukhathazeka okufanayo, ithi: “Ekujuleni kwenhliziyo yami, ngiyazi ukuthi nginezinkinga engidinga usizo kuzo, kodwa ngesaba ukuthi abazali bami ngeke bangiqonde.”

Yiqiniso, ngisho nabazali abesaba uNkulunkulu bayashiyeka ngezinye izikhathi. Bangase basabele ngokweqile ezintweni, bahluleke ukulalela, bangakuqondi, noma bahlulele. Nokho, lokhu akusho ukuthi kufanele ubakhiphe ekuphileni kwakho. UJesu Kristu wakhuliswa abazali abangaphelele. Nokho, iBhayibheli libonisa ukuthi uJesu “wabathobela.” Akungabazeki ukuthi ithonya labo lamsiza ukuba athuthuke “ekuhlakanipheni, . . . nasemseni kuNkulunkulu nakubantu.”—Luka 2:51, 52.

Ingabe uyazuza ekuhlakanipheni nakokuhlangenwe nakho kwabazali bakho? Uma kungenjalo, cabangela lokho okushiwo encwadini ethi Adolescence, ka-Eastwood Atwater: “Lapho intsha ithonywa ontanga bayo ngokungafanele, cishe kubangelwa okuthile okuntulekayo ebuhlotsheni bomzali nengane kunokuba kubangelwe ukukhanga kakhulu kontanga.” Bunjani ubuhlobo bakho nabazali bakho? (Galathiya 6:5) Kungenzeka yini ukuthi uye wagwema ukukhulumisana nabo muva nje? Khona-ke kungani ungenzi konke okusemandleni akho ukuze uthuthukise izinto?a Lokhu kuyingxenye yalokho uSolomoni akubiza ngokuthi ukuba ‘yindodana noma indodakazi’ kubazali bakho.—IzAga 4:3.

UMalcolm, osemusha waseGhana osehlala e-United States, wake wacabanga ukuthi abazali bakhe babengayiqondi imizwa yakhe. Kodwa baphikelela ekudluliseleni kuye okuhlangenwe nakho kwabo ekuphileni nokuyala kweZwi likaNkulunkulu. Encwadini yamuva nje ayeyibhalele abazali bakhe, uMalcolm wathi: “Ngiyazi ukuthi siye saba nokungavumelani esikhathini esidlule. Kodwa uma ngicabanga ngesikhathi esidlule, iyangimangaza indlela enanikubekezelela ngayo ukuba nenkani kwami nokuzamukela ngobumnene ezinye zezinqumo engangilokhu ngizenza. Ngikholweni uma ngithi ngiyakwazi okwenzeka kweminye imikhaya, futhi ngokuqinisekile iBhayibheli lenza umehluko [kowakithi]. Ngiyaphinda ngiyabonga futhi.”

Zizuzele Ukuhlakanipha Okuwusizo!

Njengoba kungakuphazamisi ukukhula kwakho, ukwamukela isiqondiso sabazali bakho kungase kube yindlela esheshayo yokufinyelela ukuvuthwa njengomuntu omdala. Ngokuhamba kwesikhathi nawe ungahlakulela ‘ukuhlakanipha, ulwazi, nekhono lokucabanga.’ (IzAga 1:4, qhathanisa ne-NW.) Uyohlonyiselwa ukuhlaziya izinkinga futhi ufinyelele iziphetho ezinengqondo zokuzixazulula.

Kuyavunywa ukuthi akuyona yonke intsha ebusiswe ngokuba nabazali abesaba uNkulunkulu. Nokho, bekungaba yiphutha ukuphetha ngokuthi akufanele ukulalele lokho okushiwo abazali bakho ngoba nje kungenzeka ukuthi abawona amaKristu. Basengabazali bakho, futhi kufanele baziswe ngendlela efanayo. (Efesu 6:1-3) Ngaphandle kwalokho, uma ubanikeza ithuba, ungase uthole ukuthi bangakunikeza izeluleko eziningi eziwusizo. Lapho udinga isiqondiso esingokomoya, zama ukuthulula isifuba elungwini elinokwethenjelwa lebandla lobuKristu. Lapho akufanele kube nzima ukuthola umuntu omdala owesaba uNkulunkulu oyolalela ngenjongo yokusiza, onenhliziyo eqondayo nenozwela.

Futhi khumbula ukuthi umoya kaJehova uwumthombo wosizo namandla ohlala utholakalela abawucelayo. (Luka 11:13) UJehova futhi uye walungiselela ingcebo yokwaziswa ongayithola eBhayibhelini nasezincwadini ezisekelwe eBhayibhelini ze-Watch Tower Society. Phela, lona kanye loluchungechunge luye lwasiza izinkulungwane zentsha ukuba zithole amakhambi awusizo ezinkingeni zazo! Ngokufunda ukuhlola nokucwaninga, ungase ukwazi ukuzixazululela izinkinga eziningi.—IzAga 2:4.

Yiqiniso, ukubhekana nezinkinga kuyingxenye yokuphila. Kodwa kuyasiza ukuba nombono oqondile umhubi ayenawo. Wabhala: “Kwangilungela ukuba ngihlushwe, ukuze ngifunde izimiso zakho.” (IHubo 119:71) Yebo, ukuxazulula izinkinga kungakulolonga futhi kukuqeqeshe. Kodwa akudingekile ukuba ubhekane nazo uwedwa vó. Funa usizo. Ngokuvamile bayaluthola abalucelayo.

[Umbhalo waphansi]

a Ukuze uthole ukusikisela okuningi okuwusizo okuphathelene nalokhu, bheka isahluko 2 sencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, ekhishwa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

[Isithombe ekhasini 16]

Ukwamukela isiqondiso sabazali kungase kube yindlela eshesha kakhulu yokufinyelela ukuvuthwa njengomuntu omdala

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela