Intsha Iyabuza . . .
Ngingazijabulisa Kanjani?
“Ngicabanga ukuthi siyasithola isikhathi sokwenza izinto eziningi ezijabulisayo. Ebandleni lakithi senza umzamo omkhulu wokuba sihlangane ndawonye. Sithola ithuba lokuzijabulisa ngendlela eyakhayo. Izingane eziningi ezweni azinakusho kanjalo.”—UJennifer.
UKUZILIBAZISA—wonke umuntu uyakudinga ngezikhathi ezithile. I-World Book Encyclopedia ithi ukuzilibazisa kungase kube “naneqhaza elibalulekile empilweni yomuntu engokwengqondo neyomzimba.” Phela, iBhayibheli ngokwalo lithi kukhona ‘isikhathi sokuhleka,’ okuwukuthi, isikhathi sokuzijabulisa!—UmShumayeli 3:1, 4.a
Igama lesiNgisi elithi “recreation [ukuzilibazisa]” lisuselwa egameni lesiLatini elisho “ukwakha kabusha, ukubuyisela, ukuqabuleka.” (Webster’s New Collegiate Dictionary) Ngokudabukisayo, izinto eziningi intsha ezenzayo ukuze “izijabulise”—njengemibuthano enobudlwangudlwangu noma ukusebenzisa kabi izidakamizwa notshwala noma ubulili obungemthetho—azikulethi neze ukuqabuleka, kodwa ziyalimaza. Ngakho-ke ukuthola izinto zokuzilibazisa ezijabulisayo nezakhayo kungaba inselele ngempela. Kodwa njengoba kubonisa uJennifer ocashunwe ekuqaleni, zingatholakala!
Ukwenza Izinto Ndawonye
Muva nje i-Phaphama! ixoxe nedlanzana lentsha ngalendaba. Eningi yathi iyakujabulela ukuhlangana ndawonye. Ingabe uzizwa ngendlela efanayo—kodwa ngokuvamile uzithole ungamenywa? Khona-ke kungani ungathathi isinyathelo kuqala? Ngokwesibonelo, intombazane yaseNingizimu Afrika okuthiwa uLeigh ithi: “Uma ngilangazelela ukubona ibhayisikobho ethile, ngishayela omunye wabangane bami ucingo, bese sitshela abanye abangane bethu.” Ngokuvamile baya ebhayisikobho yantambama. Ngemva kwalokho, abazali babo bayabalanda bese beyodla ndawonye endaweni yokudla yendawo.
Ezemidlalo nazo zinikeza amathuba okuvivinya umzimba okunempilo nobudlelwane obakhayo. (1 Thimothewu 4:8) URoelien osemusha uthi: “Ngiqale ngixoxe nomkhaya wakithi ngendawo engifuna ukuya kuyo, bese simema iqembu elincane ukuba lihambe nathi.” Ngempela, intsha engamaKristu iye yathola imidlalo eminingi ekhangayo neyakhayo engahlanganyela kuyo nabanye: ukushibilika eqhweni, ukugibela amabhayisikili, ukugijima, nokudlala ithenisi, i-baseball, ibhola likanobhutshuzwayo, ne-volleyball, uma sibala nje ezimbalwa.
Cha, akudingekile ukuba uchithe imali eningi noma uthenge izinto ezibizayo ukuze uzijabulise. “Mina, abazali bami, nabangane bethu siye saba nesikhathi esijabulisayo sicaca ezintabeni eziseduze nasezindaweni eziyihlane,” kusho intombazanyana engumKristu. “Ukushaywa umoya oqabulayo nabangane abakhayo kujabulisa kakhulu!”
Imibuthano Yokuzijabulisa Eyakhayo
Nokho, entsheni eningi, ukuzijabulisa kusho ukuya emibuthanweni yokuzijabulisa. “Siyakujabulela ukumemela abangane esidlweni nokuzolalela umculo,” kusho u-Aveda osemusha. Imibuthano yokuzijabulisa inendawo yayo phakathi kwamaKristu. UJesu Kristu ngokwakhe waya ezidlweni ezikhethekile, emishadweni, nakweminye imibuthano yokuzijabulisa. (Luka 5:27-29; Johane 2:1-10) Ngokufanayo amaKristu okuqala ayezijabulela izikhathi lapho ayehlangana ndawonye ukuze adle futhi ajabulele ukudla nobudlelwane obakhayo.—Qhathanisa noJude 12.
Uma abazali bakho bekuvumela ukuba wenze umbuthano, yini ongayenza ukuze ugweme izinkinga futhi uqiniseke ukuthi wonke umuntu uyajabula? Ukuhlela kahle kuyisihluthulelo. (IzAga 21:5) Ngokwesibonelo: Kunengqondo ukumema inani labangane oyokwazi ukuliqondisa kahle. Imibuthano emincane cishe ayinakuphenduka “imibuthano yokuxokozela,” noma “imibuthano enobudlwangudlwangu.”—Galathiya 5:21; Byington.
AmaKristu ekhulwini lokuqala axwayiswa ukuba agweme ukuzihlanganisa nalabo ‘abahamba ngokungahlelekile.’ (2 Thesalonika 3:11-15) Futhi indlela eqinisekile yokonakalisa umbuthano namuhla iwukumema intsha eyaziwa ngokushinga nangokungalawuleki. Nakuba ufuna ukuqikelela ukuthi obani obamemayo, ungazilinganiseli eqenjini labangane elifanayo. ‘Yanuleka,’ futhi wazi nabanye, kuhlanganise nasebekhulile ebandleni.—2 Korinte 6:13.
Ingabe kuyoba khona okudliwayo nokuphuzwayo? Uma kunjalo, akudingekile ukuba kube insada noma okubizayo ukuze izivakashi zakho zikujabulele. (Luka 10:38-42) “Ngezinye izikhathi siyaye siyodla i-pizza kusihlwa,” kusho uSanchia, intombazane yaseNingizimu Afrika. Ngokuvamile izivakashi ngokuzithandela ziyophatha izinto ezithile ezidliwayo.
Yiziphi ezinye izinto eningazenza embuthanweni—ngaphandle kokumane nibuke i-TV, nilalele umculo, noma nixoxe? “Ngokuvamile sizihlela kusengaphambili izinto esizozenza ngalolo suku kusihlwa,” kusho uSanchia. “Siye sadlala imidlalo noma sacela othile ukuba asidlalele uphiyano, ukuze sicule izingoma ndawonye.” Osemusha wase-Afrika okuthiwa uMasene uthi: “Ngezinye izikhathi sidlala amakhadi, i-draught [i-checkers], ne-chess.”
UJennifer, ocashunwe ekuqaleni, watshela i-Phaphama!: “Kunomdala ebandleni lakithi osimemela ukuba sizodlala imidlalo yeBhayibheli. Kudingeka ulazi kahle iBhayibheli ukuze ukwazi ukudlala kahle.” Ummeleli we-Phaphama! wabuza enye intsha: “Anicabangi yini ukuthi ukudlala imidlalo yeBhayibheli sekuphelelwe isikhathi?” Cishe yamemeza kanye kanye iphendula, “Cha!”
“Kuyinselele,” kusho intombazanyana ethile. “Kumnandi!” kusho enye. Lapho imidlalo yeBhayibheli idlalwa ngenjongo yokuzijabulisa, nomoya wokuncintisana ugwenywa, ingajabulisa futhi ibe efundisayo!—Bheka esithi “Ukwenza Ukuhlangana Kujabulise Nokho Kube Nenzuzo,” kumagazini i-Phaphama! ka-December 22, 1972.
Ukuzijabulisa Njengomkhaya
Ezikhathini zeBhayibheli kwakungeyona into engavamile ukuba imikhaya izijabulise ndawonye ngohlobo oluthile lokuzilibazisa. (Luka 15:25) Nokho, abalobi abasebasha be-Kids’ Book About Parents baphawula ukuthi “abazali nezingane bamatasa kakhulu namuhla kangangokuba akekho onesikhathi sokuhlela imisebenzi ethile yokuzijabulisa . . . Sicabanga ukuthi kubalulekile ukuba abazali nezingane baqiniseke ukuthi bachitha isikhathi ndawonye isonto ngalinye ngokuyinhloko benza imisebenzi yokuzijabulisa.”
“ULwesihlanu usuku lomkhaya wakithi,” kusho osemusha wase-Afrika okuthiwa uPaki. “Ngokuvamile sidlala imidlalo ndawonye.” Futhi asingazikhohlwa izingane zakini. UBronwyn osemusha uthi: “Ngiyakujabulela ukudweba nokwenza ezinye izinto zobuciko nodadewethu omncane.” Ingabe ungasithatha isinyathelo kuqala futhi usikisele umsebenzi othile wokuzijabulisa nomkhaya wakini?
Lapho Uwedwa
Kuthiwani uma uwedwa? Lokho akusho ukuthi kufanele ube nesithukuthezi nesizungu. Kunezindlela eziningi ezinomvuzo, nezijabulisayo zokusebenzisa izikhathi ezinjalo. Ngokwesibonelo, imisebenzi yokuzilibazisa. Kusukela ezikhathini zeBhayibheli amadoda nabesifazane baye bathola ukuthi ukufunda umculo kuyacebisa. (Genesise 4:21; 1 Samuweli 16:16, 18) “Ngidlala uphiyano,” kusho uRachel. “Kungokuthile ongakwenza uma unesithukuthezi.” Uma ungeyena umuntu othanda umculo, ungase ukujabulele ukufunda ukuthunga, ukunakekela ingadi, ukuqongelela izitembu, noma ukufunda ulimi ongalwazi. Ngaphezu kwalokho, ungase uthuthukise ngisho namakhono athile ayoba usizo eminyakeni yakamuva.
IBhayibheli lisitshela ukuthi amadoda okholo, njengo-Isaka, ayezifuna izikhathi zokuba wodwa ukuze azindle. (Genesise 24:63) Insizwa yase-Austria okuthiwa uHans ithi: “Ngezinye izikhathi, ngimane ngiye endaweni ethulile engadini ngihlale phansi ngibuke ukushona kwelanga. Lokhu kungijabulisa kakhulu futhi kungenza ngizizwe ngisondelene noNkulunkulu wami, uJehova.”
“Intokozo” Enkonzweni KaJehova
IBhayibheli labikezela ukuthi uKristu wayeyothola “intokozo” ekukhonzeni uJehova uNkulunkulu. (Isaya 11:3) Kodwa nakuba inkonzo engcwele kuNkulunkulu ingekhona ukuzilibazisa, ingaletha ukuqabuleka futhi ijabulise.—Mathewu 11:28-30.
UHans, osanda kucashunwa, ukhumbula okunye okuhlangenwe nakho okujabulisayo. Uthi: “Mina nabangane bami sivame ukukhumbula lezo zimpelasonto esazichitha sisebenza esakhiweni seHholo Lomhlangano [lokukhulekela]. Safunda indlela yokusebenza ndawonye, futhi sathola ithuba lokwazana kangcono. Uma sibheka emuva, siba nomuzwa wokwaneliseka ngokuthi senza okuthile okuzuzisayo futhi okwakujabulisa.”
Ubufakazi balentsha engamaKristu bulikhanyisa bhá leli phuzu: Akumelwe uphuthelwe ukuzijabulisa. Landela izimiso zeBhayibheli. Yiba neso lengqondo! Thatha izinyathelo ezakhayo kuqala! Uyothola ukuthi ungazijabulisa ngezindlela eziyokwakha kunokuba zikulimaze.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Enye Intsha Ijabula Ngokuphelele?” kumagazini wethu ka-July 22, 1996.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 22]
“Ukushaywa umoya oqabulayo nabangane abakhayo kujabulisa kakhulu!”
[Isithombe ekhasini 23]
Akudingekile ukuba uchithe imali eningi ukuze uzijabulise nabangane