Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ukuguliswa Ukuhamba Ngineminyaka eyishumi ubudala futhi ngifisa ukunibonga ngendaba ethi “Ukuguliswa Ukuhamba” esihlokweni esithi “Ukubuka Okwezwe.” (January 22, 1996) Ngakuzama ukusikisela okukulesi sihloko, futhi kwaphumelela! Sizani niqhubeke ninyathelisa izihloko ezinjalo.
J. C. S., Brazil
Ethunzini Lokufa Ngibhala ngokuqondene nesihloko esithi “Odokotela Bafunda Ekusindeni Kwami Ethunzini Lokufa.” (December 22, 1995) Ingabe i-erythropoietin exutshwe nengcosana ye-albumin ayiyona iprotheni yegazi?
R. P., United States
Kwezinye izimo, kunjalo, futhi umKristu ngamunye kumelwe azinqumele ukuthi uyoyamukela yini noma cha imithi enengcosana ye-“albumin.” Ukuze uthole ingxoxo eningiliziwe, siza ubheke esithi “Imibuzo Evela Kubafundi” kuyi-“Nqabayokulinda” ka-October 1, 1994 neka-June 1, 1990.—ED.
Ukuzamazama Komhlaba Ngasifunda isihloko esithi “Inhlekelele Engalindelekile YaseJapane—Indlela Abantu Ababhekana Ngayo Nayo.” (August 22, 1995) Ngiyazibuza ukuthi kungani nasiza oFakazi kuphela? Umuntu wayengase acabange ukuthi oFakazi babezobonisa uthando koFakazi nakulabo abangebona oFakazi.
V. C. E., Nigeria
Eqinisweni, abaningi abangebona oFakazi basizwa. Ngokuvamile, ukudlulisa izinto zosizo ngamabandla oFakazi BakaJehova kuye kwabonakala kuyindlela eshesha kakhulu yokuthumela izinto kulabo abaswele. Kwesinye isenzakalo amaveni amabili athwele ukudla athunyelwa esikhungweni sababaleki sendawo. Kungacashunwa izibonelo eziningi ezinjalo. Ngokuvamile, oFakazi basiza kuqala amalungu ebandla, njengoba sikhuthazwa eBhayibhelini: ‘Sebenzani okuhle kubo bonke, kodwa ikakhulukazi kulabo abahlobene nathi okholweni.’ (Galathiya 6:10)—ED.
Ukuncintisana Kwezemidlalo Isihloko senu esithi “Ingabe Ukuncintisana Kwezemidlalo Akulungile?” (December 8, 1995) sangidida kakhulu, ngoba sasebenzisa eyabaseGalathiya 5:26. Incwadi yabaseGalathiya ihlangene ngani nezemidlalo? UPawulu uqhathanisa umoya nenyama kanye nenkululeko nobugqila. I-King James Version ilihumusha ngalendlela lelo vesi: “Masingafuni udumo oluze, siqalana.”
P. O., United States
Kuyiqiniso ukuthi umphostoli wayengacabangi ngokuqondile ngemincintiswano yezemidlalo lapho ebhala lawo mazwi. Nokho, ngokusobala amanye amaKristu ayeziqhathanisa ngokungafanele namanye. Lokhu kwabangela isimo sengqondo ‘senyama,’ ‘njengobutha, ukuxabana, umhawu, imibango, nokuhlukana.’ (Galathiya 5:20, 21; 6:3, 4) Yingakho uPawulu axwayisa amaKristu ukuba ‘angabhebhezeli ukuncintisana.’ Ngokwe-“New Thayer’s Greek-English Lexicon,” igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “ukuncintisana” lisho “ukubekela umuntu inselele yokulwa noma yokuqhudelana.” Ngokuqinisekile lesi simiso singasebenza kwezemidlalo noma kunoma imuphi umsebenzi ongenza amaKristu ancintisane ngendlela engafanele.—ED.
Ukuvilapha Ukufunda Ngasifunda isihloko esithi “Gwema Ukuvilapha Ukufunda” (January 22, 1996) futhi ngasijabulela kakhulu kangangokuba ngashukumiseleka ukuba ngibhale nginibonge ngokwaziswa okufundisayo enikunikezayo. Ukufunda kusinikeza ithuba lokwazi uMdali wendawo yonke ngeZwi lakhe eliyigugu, iBhayibheli. Khona-ke kunokuhlobana okuthile phakathi kobuthakathaka ngokomoya nokuvilapha ukufunda.
R. R., United States
Nakuba sekuyiminyaka engu-28 ngingumKristu obhapathiziwe nomfundi wasikhathi sonke wezincwadi zeNhlangano, ngangivame ukuzindela futhi nganginomuzwa wokuthi ngiphelelwa isifiso sokufunda. Isihloko senu sayiveza inkinga yami! Umbono wenu kulendaba wanginikeza isisusa sokufunda ukuze ngizizuzise.
A. O., Canada