Ukugcina Ezemidlalo Zisendaweni Yazo Efanele
LAPHO abantu bedlala imidlalo yabo abayithandayo, bazizwa beqabulekile njengoba imizimba yabo isabela futhi yenza izenzo zekhono noma ukukhuthazela. UNkulunkulu wasidalela ukuba sikujabulele ukushukumisa umzimba. Mhlawumbe abantu abaningi ngisho nangokwengeziwe bathola injabulo ekubukeleni abanye bedlala. Ngakho ezemidlalo zifana kakhulu nezinto eziningi ezinhle uma zibekwa endaweni yazo efanele.
Ngokwesibonelo: Lapho abantu beya ebhishi ukuze bajabulele ilanga, kwenzekani lapho belithola ngokweqile? Baphathwa ukushiswa ilanga okubuhlungu okona lesosikhathi esimnandi futhi ngisho nokunezingozi ezingathi sína. Kungokufanayo nangezemidlalo. Okuncane kuhle, kodwa ukukuthola kakhulu kungaba okulimazayo.
Ezemidlalo zingaba impumuzo enhle ngokukhethekile futhi zijabulise, kodwa akumelwe zibe into eyinhloko. Azikulethi ukwaneliseka kweqiniso noma injabulo ehlala njalo. Ngeshwa ngezinye izikhathi kudingeka inhlekelele ukuze umuntu akuqaphele lokhu. “Zonke izindebe zami nezimendlela, zimane nje azisho lutho,” kuchaza uMary Wazeter, umdlali wesifazane owagxuma esuka ebhulohweni futhi wakhubazeka.
“Ngiye ngafunda amaqiniso amaningi ngokuphila,” ebika. “Elinye liwukuthi ukwaneliseka kweqiniso akufinyelelwa ngezindlela abantu abaningi kangaka abalwela ngazo ukuba ompetha nokuphumelela. Kimina ukwaneliseka akuzange kuze ngokuba umfundi ophuma phambili, umsubathi ongumpetha wombuso noma onokuma komzimba okukhangayo.”
Sibeka izindaba ngendlela engagwegwesi, isazi sezenhlalo uJohn Whitworth saphawula: “Ekupheleni komdlalo, onakho nje uhlu lwalokho okufezile. Konke kubonakala kungenasisekelo. Nokho, ngicabanga ukuthi lokho kufanelana nomphakathi wakithi.” Ukubaluleka okungadingekile okugxiliswe kwezemidlalo namuhla kwenza konke kulahlekelwe injongo yakho.
Ngemva kokuwina umncintiswano wokusubatha wamamitha angu-200 kumaOlympic ka-1964, uHenry Carr wachaza: “Njengoba ngangiphindela emuva eMizini YamaOlympic, ngayibhekisisa ngokokuqala imendlela yami yegolide. . . . Eqinisweni ngazibuza: ‘Kuyini kona lokhu? Ingabe kuyo yonke leminyaka bengikhandlekela ukuthola lokhu nje?’ Ngangithukuthele, esikhundleni sokuba ngijabule. Ngangiphoxeke ngempela.” UMarlon Starling wazizwa ngendlela efanayo ngemva kokuwina umncintiswano wewelterweight weWorld Boxing Association ngo-1987. “Isicoco,” ephawula, “asinakuqhathaniswa nokusho komntwana wami ukuthi, ‘Ngiyakuthanda, Baba.’”
Ngakho isifundo esibalulekile singafundwa: Umsebenzi okhiqizayo, umkhaya, futhi ikakhulukazi ukukhulekela uNkulunkulu kumelwe ngokufanelekile kuze kuqala. IBhayibheli liqinisile uma lithi: “Ukujwayeza umzimba [okunikezwa ezemidlalo] kusiza ingcosana.” (1 Thimothewu 4:8) Lokho kubonisa indawo efanele yezemidlalo ekuphileni kwethu. Kumelwe zize kamuva. Njengoba ezemidlalo zingajabulisa kakhulu, umuntu kumelwe ahlale eqaphile ukuthi izinto ezibaluleke kakhudlwana zingadebeselelwa.
Ngakho-ke, ngokuhlakanipha yiba osheshayo ukusabela uma amalungu omkhaya ekhononda ngokuthi unikela ngesikhathi esiningi kakhulu ukhuluma, ubukele, noma udlala imidlalo. Omunye wesifazane, omyeni wakhe wenza ukulungisa ekunakeni kwakhe ezemidlalo, waphawula ebonga: “Manje usebenzisa isikhathi esengeziwe enabantwana kanye nami. Ngezinye izikhathi umkhaya wethu ubukela umdlalo kuthelevishini, kodwa ngokuvamile ntambama sihamba ndawonye futhi sikhulume ngezenzakalo zasemini. Lokhu kujabulisa kakhulu futhi kusisiza ukuba sihlale sijabule.”
Ngenxa yezinkinga ezingenzeka, kungani ungabhekani ngobuqotho nombuzo othi: Kungenzeka yini ukuthi nginikela isikhathi esiningi nokunakekela kwezemidlalo kunokuba kufanele? Nokho, kunezinye izici kulendaba yokugcina ezemidlalo zisendaweni efanele.
Kuthiwani Ngokuncintisana?
Ukuze imidlalo izuzise kunokuba ilimaze, isimo sengqondo esifanele ngokuncintisana sibalulekile. “Abaqeqeshi, abafundisi bokuzivivinya, abazali, nabantwana ngokwabo baye bagxila kakhulu ekuwineni kangangokuthi bayakhohlwa ukuthi iyini injongo yezemidlalo [ngentsha],” kukhalaza isazi sezokwelapha seqembu elikhokhelwayo lehockey. Injongo yezemidlalo, sisho, kumelwe ibe “ukwakha ukubambisana kweqembu nokuqeqesheka, ukwakha ubungqabavu obungokomzimba, futhi, ngaphezu kwakho konke, ukuzijabulisa.”
Nokho, ngokudabukisayo, ukugcizelelwa kokuwina kuye konakalisa injabulo yabaningi. Isazi sokusebenza kwengqondo emkhakheni wezemidlalo uBruce Ogilvie saphawula: “Ngake ngaxoxa nabadlali bonyaka wokuqala ezinkanjini ezingu-10 eziyinhloko zenhlangano yebaseball futhi abangamaphesenti angu-87 babo bathi babefisa sengathi babengazange bayidlale ibaseball yeLittle League ngoba yayiphanga injabulo kulokho okwakumelwe kube umdlalo ojabulisayo.” Inkinga ehlobene naleyo iwukuthi ukuncintisana okweqile kunengxenye enanini eliphakeme lokulimala.
IBhayibheli linikeza iziqondiso, lithi: “Masingabi abaqhoshayo, sivusa ukuncintisana, sifelana umona.” (Galathiya 5:26, NW) Ngokwezichaza-mazwi zesiGreki nesiNgisi, igama lesiGreki lapha elihunyushwe ngokuthi “vusa ukuncintisana” lisho “ukubiza,” “ukubekela inselele yokulwa noma ukuncintisana.” Kanjalo iAmerican Translation ilihumusha kanje: “Masingacelani inselele ebuzeni bethu.” Futhi umbhalo waphansi weNew World Translation unikeza okunye ukuhumusha: “Siphoqelelana ekuqhudelaneni.”
Khona-ke, ngokucacile, ukuvusa ukuncintisana akuhlakaniphile. Akudali ubuhlobo obuhle. Uma uphoqelelwa ukuba uqhudelane bese uhlulwa, okuhlulile abese eqhosha ngomphumela, lokho okuhlangenwe nakho kungadumaza. Isimo sengqondo esincintisana kakhulu asisona esothando. (Mathewu 22:39) Ngesikhathi esifanayo, uma ukuncintisana kugcinwa kusezingeni lobungane, lohlobo oluhle, kungaba nengxenye ekuthakazeliseni nasekujabuliseni komdlalo.
Abanye bangase bafune ukuzama ukudlala imidlalo ngendlela yokunciphisa isici sokuncintisana. “Ngikholelwa ngokuqinile ukuthi ubumsulwa bezemidlalo buphela lapho umuntu eneminyaka yobudala engu-13 noma engu-14,” kusho umunye umqeqeshi waseNgilandi webhola likanobhutshuzwayo. Watusa ukungayigcini imibhalo yemiphumela noma eyokuma kwamaqembu—“uma engekho amazinga ashiyanayo neminqamula-juqu ngeke ibe khona.” Yebo, ukugcizelelwa kokuwina kumelwe kuncishiswe ngokufanelekile noma kuqedwe ngokuphelele.
Isimo Sengqondo Ngabadlali
Ukugcina ezemidlalo zisendaweni yazo efanele kuyohilela futhi isimo sethu sengqondo ngabadlali abanesiphiwo nabadumile. Kuyaqondakala ukuthi singase siwazise amakhono abo okudlala nezenzo ezimangalisayo. Kodwa ingabe kumelwe bakhulekelwe? Intsha ngokuvamile ibonakala ichoma izithombe zabadlali abanjalo emakamelweni ayo. Ingabe okufezwa abantu abanjalo ngempela kubenza bafanelwe udumo? Mhlawumbe khona kanye okuphambene kuyiqiniso.
Umdlali omusha eqenjini lomncintiswano weNational Football League ekuqaleni wayebabheka ngokwazisa abaningi beqembu lakhe. Kodwa ukuziphatha nesimo sabo sengqondo, wathi, “kwamane kwayishabalalisa ngokuphelele yonke imizwa nenhlonipho enganginayo ngabo.” Wachaza: “Ngokwesibonelo, babevame ukuthi: ‘Heyi, ngiye ngaba nobuhlobo bobulili namantombazane amahlanu ngesonto elidlule, ngaphandle komkami.’ Futhi ngangibheka lomuntu bese ngicabanga: ‘Ngakho yilensizwa engangiyikhulekela.’”
Ngempela, akulungile ukukhulekela noma imuphi umuntu, futhi lokhu bekuyoba njalo ikakhulukazi ngalabo abachwephesha emsebenzini iBhayibheli elithi unenzuzo encane noma elinganiselwe. Izinceku zikaNkulunkulu zinxuswa ukuba ‘zibalekele ukukhonza izithombe.’—1 Korinte 10:14.
Indlela Ezemidlalo Eziyinzuzo Ngayo
Njengoba siye saphawula, iBhayibheli lithi ukuzivivinya ngokomzimba, njengalokho okuqashelwa kwezemidlalo, “kusiza ingcosana.” (1 Thimothewu 4:8) Kungaziphi izindlela lokhu kunjalo? Ungazuza kanjani kwezemidlalo?
Isazi sezokwelapha esingumGreki sekhulu lesibili leminyaka uGalen, esasiyisazi sezokwelapha somuntu siqu sombusi waseRoma uMarcus Aurelius, sagcizelela ukubaluleka kokuzivivinya ngenjongo yempilo evamile. Futhi satusa imidlalo yebhola, njengoba ivivinya wonke umzimba ngendlela engokwemvelo. Futhi ngokuvamile imidlalo yebhola kuyajabulisa ukuyidlala, ngakho umuntu uyothambekela ngokwengeziwe ekudlaleni lemidlalo ayijabulelayo kunokuba ahlanganyele kwezinye izinhlobo zokuzivivinya.
Abaningi bathola ukuthi ukuzivivinya okutholakala kwezemidlalo kubenza bazizwe beyimiqemane. Ngemva komsebenzi noma umdlalo oshukumisayo, bazizwa bevuselelekile futhi beqabulekile. Kodwa lokhu akumelwe kube okumangazayo, ngoba, njengoba uDkt. Dorothy Harris esho, “ukuzivivinya kuyisidakamizwa semvelo esingcono kakhulu.”
Ukuzivivinya okungokomzimba, njengalokho okunikezwa icalisthenics, ukugijima, nemidlalo, ngokuvamile namuhla kuqashelwa njengokubalulekile ukuze umuntu abe nempilo enhle. “Abantu abanobungqabavu obungokomzimba benza imisebenzi yabo evamile kalula ngaphandle kokukhathala futhi babe nawo amandla okufeza ezinye izithakazelo.” kuphawula iWorld Book Encyclopedia. “Bangase futhi bakwazi ukulwisana nemiphumela yokuguga kangcono kunalabo abangenabo ubungqabavu ngokomzimba.”
Nokho, kungakhathaliseki ukuthi ezemidlalo zingamsiza kanjani umuntu ukuba abe nobungqabavu ngokomzimba, inzuzo ilinganiselwe. Ukuguga nokufa akunakukwazi ukubhuntshiswa ngemizamo yabantu. Nokho, ngemva kokuthi “ukujwayeza umzimba kusiza ingcosana,” iBhayibheli lithi: “Ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, kunesithembiso salokhukuphila nalokho okuzayo.”—1 Thimothewu 4:8.
UJehova uNkulunkulu, uMdali wethu, kuphela, ongasinika ukuphila. Ngakho-ke, akukho okubaluleke ukwedlula “ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu,” okuwukuthi, ukuhlonipha, ukukhulekela, nenkonzo eya kuNkulunkulu. Ngakho labo abenza ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu kube umkhuba bayokwenza intando kaNkulunkulu ibe yinto eza kuqala. Bayozikhandla enkonzweni kaNkulunkulu, besebenzisa ubusha babo njengoba uJesu Kristu enza, batshele abanye ngezinto ezinhle ngoNkulunkulu nangoMbuso wakhe.
Yebo, ngokubeka izithakazelo zikaNkulunkulu kuqala, abantu bangazuza umusa wakhe futhi bazuze ukuphila okuphakade ezweni lakhe elisha lokulunga. Lapho uNkulunkulu ojabulayo, uJehova, uyobanika injabulo nokwaneliseka kweqiniso nokuhlala njalo.