‘Kungokwesikhashana Nje!’—Ukuphila Nesifo Sezinso
Ngisalukhumbula lolo suku ekuqaleni ngo-January 1980 njengokungathi izolo. Umama wayengicele ukuba ngimyele esitolo ngiyothenga isinkwa, kodwa lapho nje ngiphuma, kwakhala ucingo. Kwakungudokotela wami eshayela ukusitshela imiphumela yokuhlolwa engangenziwe khona. Ngingazelele, umama wasidinda isililo. Njengoba ekhala, wangitshela izindaba ezimbi. Izinso zami zase zihluleka ukusebenza. Ngangisalelwe unyaka owodwa, noma okungenani emibili ngaphambi kokuba ziyeke ngokuphelele ukusebenza. Udokotela wayeqinisile —ngemva konyaka ngase ngelashwa ngokukhishwa ukungcola egazini (“dialysis”).
NGAZALWA ngo-May 20, 1961, ngiyizibulo ezinganeni eziyisithupha. Lapho nginezinyanga ezingaba isithupha ubudala, umama wabona igazi emchamweni wami emanabukenini. Ngemva kokuhlolwa okunzulu, kwathiwa ngine-Alport’s syndrome, isici esingavamile engazalwa naso. Ngezizathu ezingaziwa, abesilisa abanalesi sifo ngokuvamile izinso zabo ziyehluleka ukusebenza ngemva kwesikhathi. Mina nabazali bami asizange sikutshelwe lokhu, ngakho angizange ngizikhathaze ngesifo sezinso.
Kwase kuthi ngehlobo lika-1979, ngaphawula iphunga elinjengele-ammonia emoyeni wami ekuseni. Angizange ngikunake kakhulu lokho, kodwa-ke ngabe sengiqala ukuzizwa ngikhathele. Ngacabanga ukuthi ngangimane ngibuthakathaka ngokomzimba, ngakho ngakuchilizela eceleni. Ngo-December ngaya kokwenziwa ukuhlolwa kwaminyaka yonke, kwathi ngo-January ngathola ucingo okukhulunywe ngalo ngenhla.
Njengoba ngihamba ngemoto ngiya esitolo—ngoba vele umama wayesasidinga isinkwa—ngangishaqekile. Angizange ngikholwe ukuthi kwenzeka kimi lokhu. Ngakhala: “Ngineminyaka engu-18 kuphela!” Ngamisa imoto eceleni. Kwasa ngokunye lapho ngiqaphela ubunzima balokho okwakwenzeka.
“Kungani Kuyimina?”
Njengoba ngihleli eceleni komgwaqo, ngaqala ukukhala. Izinyembezi zehla ebusweni, ngakhuluma ngokufutheka: “Kungani kuyimina, Nkulunkulu? Kungani kuyimina? Ngicela ungazivumeli izinso zami ziyeke ukusebenza!”
Njengoba izinyanga zika-1980 zidlula, ngagula nakakhulu; futhi imithandazo yami yaba engenathemba negcwele izinyembezi ngokwengeziwe. Ekupheleni konyaka, ngase ngiquleka futhi ngihlanza izikhathi eziningana ngenxa yokunqwabelana kokungcola okunoshevu egazini, izinso zami ezase zihluleka ukusebenza ezazingasakukhiphi. Ngo-November ngathatha uhambo lokugcina lokuyokhempa nabanye abangane bami. Kodwa ngangigula kakhulu kangangokuba ngazihlalela emotweni impelasonto yonke, ngiqhaqhazela. Ngangingafudumali, kungakhathaliseki ukuthi ngenzani. Ekugcineni, ngo-January 1981, lwafika olungaliyo—izinso zami zayeka ngokuphelele ukusebenza. Kwakumelwe ngiqale ukusebenzisa umshini okhipha ukungcola egazini noma ngife.
Ukuphila Ngokukhishwa Ukungcola Egazini
Ezinyangeni ezimbalwa ngaphambili, udokotela womkhaya wakithi wayengitshele ngendlela entsha yokukhipha ukungcola egazini engazisebenzisi izinaliti futhi ehlanza igazi ngaphakathi emzimbeni. Lenqubo ibizwa ngokuthi i-peritoneal dialysis (PD). Yavele yangikhanga, ngoba angizithandi nhlobo izinaliti. Ezinye iziguli ezikhishwa ukungcola egazini seziye zakhetha lendlela ephumelelayo.
Kuyamangalisa ukuthi imizimba yethu inolwelwesi olungasebenza njengenso yokufakelwa. I-peritoneum—ulwelwesi olushibilikayo olukhanya ngalé olwemboze izitho okugaywa kuzo ukudla—ingase isetshenziswe njengesisefo sokuhlanza igazi. Uhlangothi olungaphakathi lwalolu lwelwesi lwakha isikhwama esibizwa ngokuthi i-peritoneal cavity. I-peritoneum injengeshubhu elingenamoya, iphakathi kwezitho eziphakathi kwesifuba nesisu.
I-PD isebenza kanje: Uketshezi olukhethekile lokukhipha ukungcola egazini lufakwa kule-peritoneal cavity nge-catheter (ithunjana) efakwa ngokuhlinzwa mangezansi nesisu. Lolu ketshezi lune-dextrose, futhi ngenqubo okuthiwa i-osmosis, ukungcola noketshezi olungadingeki egazini kumuncwa i-peritoneum kungene oketshezini olukhipha ukungcola egazini, olukuyi-peritoneal cavity. Ukungcola ngokuvamile obekuzophuma kuwumchamo manje sekukulolu ketshezi olukhipha ukungcola egazini. Kane ngosuku kufanele ulushintshe—ukhiphe uketshezi oselusebenzile bese ugcwalisa lesi sikhwama ngolusha. Lokhu kushintsha kuthatha imizuzu engu-45. Kuthi akufane nokushintsha uwoyela—ukhipha omdala ufake omusha ukuze wandise ibanga ozolihamba futhi usize umzimba wakho usebenze ngokushelela!
Ekuqaleni kuka-January 1981, ngafakwa i-catheter edingekayo kwesingezansi ngakwesokudla. Ngabe sengiqeqeshelwa lenqubo amasonto amabili. Uma lenqubo ingenziwa ngendlela efanele, usebenzisa izindlela ezingeke ziwangenise nhlobo amagciwane, umuntu angangenwa i-peritonitis—ukulimala kwe-peritoneum okungathi sína nokungabangela ukufa.
Ehlobo lango-1981, cishe ngemva kwezinyanga eziyisithupha ngiqale i-PD, abazali bami bathola olunye ucingo olwaluzokuthinta kakhulu ukuphila kwami.
Ukufuna Inso Entsha
Kusukela ngo-January 1981, ngangilokhu ngisohlwini lwezwe lwabantu abazofakelwa inso.a Ngangithemba ukuthi uma ngifakelwa inso ukuphila kwami kuzophindela endleleni okwakuyiyo. Ngangingazi ukuthi ngilindelwe yini!
Ucingo olwafika phakathi no-August lwasitshela ukuthi wayesetholakele umuntu onikela ngenso. Lapho ngifika esibhedlela, cishe ngo-10 ebusuku, kwathathwa igazi ukuze kuqinisekwe ukuthi ngiyakufanelekela ukufakelwa lenso. Lenso yanikelwa umkhaya wensizwa eyayishonele engozini ethile ngalolo suku ekuseni.
Kwahlelwa ukuba ngihlinzwe ngakusasa ekuseni. Ngaphambi kokuba ngihlinzwe, kwadingeka kubhungwe indaba ebalulekile, ngoba ngingomunye woFakazi BakaJehova futhi unembeza wami oqeqeshwe ngeBhayibheli ngeke ungivumele ukuba ngamukele ukumpontshelwa igazi. (IzEnzo 15:28, 29) Ngalobo busuku bokuqala udokotela wezibulala-zinzwa wafika ezongibona. Wanginxusa ukuba ngivume ukuba igazi libe khona egunjini lokuhlinzela, uma kuvela ingozi. Ngenqaba.
Wabuza: “Yini okumelwe ngiyenze uma kukhona okonakalayo? Ngikuyeke ufe?”
“Ubokwenza konke okunye okumelwe ukwenze, kodwa akukho gazi elizofakwa kimi, kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani.”
Esehambile, kwangena odokotela abahlinzayo. Ngaxoxa nabo ngendaba efanayo, futhi ngakhululeka lapho bevuma ukungihlinza ngaphandle kwegazi.
Ukuhlinzwa okwathatha amahora amathathu nengxenye akubanga nazihibe. Udokotela ohlinzayo wathi ngilahlekelwe igazi elincane kakhulu. Lapho ngiphaphama egunjini labalulamayo, zintathu izinto engaziqaphela—okokuqala kwaba indlala nokoma kwase kuba izinhlungu! Kodwa konke lokho kwashabalala lapho ngibona isikhwama phansi, sigcwele uketshezi oluthi alube phuzi. Kwakuwumchamo owawuphume ensweni yami entsha. Ekugcineni ngase ngikwazi ukuchama! Lapho kukhishwa i-catheter esinyeni sami ngakwazi ukuchama njengawo wonke umuntu, ngajabula kakhulu.
Nokho, injabulo yami kwakungeyesikhashana. Ngemva kwezinsuku ezimbili ngathola izindaba ezidumazayo—inso yami entsha yayingasebenzi. Kwakuzodingeka ngiqale phansi ngikhishwe ukungcola egazini ngethemba lokuthi kuzonikeza inso entsha isikhathi sokusebenza. Ngaqhubeka nokukhishwa ukungcola egazini amasonto amaningana.
Manje kwase kuphakathi no-September, futhi ngase nginesikhathi esingangenyanga ngisesibhedlela. Isibhedlela sasiqhele ngamakhilomitha angu-80 ukusuka ekhaya, ngakho kwakunzima ngabafowethu nodadewethu abangamaKristu ukungivakashela. Ngangilikhumbula kakhulu ibandla lakithi. Ngangithola imihlangano yebandla eqoshiwe, kodwa lapho ngiyilalela, ngangibindwa into emphinjeni. Ngachitha amahora amaningi ngingedwa ngikhuluma noJehova uNkulunkulu ngomthandazo, ngimcela ukuba angiphe amandla okuqhubeka ngikhuthazela. Ngangingazi ngaleso sikhathi, kodwa kwakuseza uvivinyo olunzima ngokwengeziwe.
Angikwesabi Ukufa
Kwase kungamasonto ayisithupha wonke kusukela ngafakwa inso entsha, futhi manje kwakungicacela kabuhlungu ukuthi umzimba wami wawungayifuni lenso. Isisu sami sasikhukhumele ngendlela engavamile; odokotela bangitshela ukuthi kwakuzodingeka ikhishwe lenso engafunwa umzimba. Kwaphinda kwaphakama indaba yegazi. Odokotela bachaza ukuthi manje ukuhlinzwa kwase kubucayi nakakhulu, ngoba umthamo wegazi lami wawuphansi kakhulu. Ngachaza ukuma kwami okusekelwe eBhayibhelini ngesineke nokho ngokuqina, futhi bagcina bevumile ukungihlinza ngaphandle kwegazi.b
Ngemva kokuhlinzwa, izinto zaba zimbi ngokushesha. Ngenkathi ngisegunjini labalulamayo, amaphaphu ami aqala ukugcwala uketshezi. Ngemva kobusuku bonke kukhishisiswa ukungcola egazini, ngaba ngconywana. Kodwa ngemva kwezinsuku ezimbili amaphaphu ami aphinde agcwala. Kwalandela obunye ubusuku bokukhishwa kokungcola egazini. Akukuningi engikukhumbulayo ngalobo busuku, kodwa ngiyamkhumbula ubaba eseceleni kwami, ethi: “Phinda uphefumule futhi, Lee! Phefumula bandla. Kuzolunga! Phinda futhi. Nakho-ke, qhubeka uphefumula!” Ngangikhathele ngiyingcuba, ngikhathele ngendlela engingakaze ngikhathale ngayo. Ngangifuna kudlule bese ngiphaphama ezweni elisha likaNkulunkulu. Ngangingakwesabi ukufa.—IsAmbulo 21:3, 4.
Ngakusasa ekuseni kwakwembulwa kwembeswa. Isilinganiso samangqamuzana abomvu asegazini sasehle saba u-7,3—esikahle singaphezu kuka-40! Odokotela base bedelile. Bazama ngokuphindaphindiwe ukungenza ngamukele ukumpontshelwa igazi, abathi kudingekile ukuze ngilulame.
Ngayiswa egunjini lababangwa nezibi, isilinganiso samangqamuzana asegazini sehla saba u-6,9. Kodwa ngosizo lukamama, saqala ukukhuphuka kancane kancane. Ekhaya wayesebenzisa umshini wokuhlanganisa izinto, enze iziphuzo ngokudla okugcwele okusansimbi angilethele zona. Wayeze aziphuze kanye nami ukuze angikhuthaze. Uthando lukamama ngezingane zakhe luyinto emangalisayo.
Lapho ngidedelwa esibhedlela phakathi no-November, isilinganiso samangqamuzana egazini sasingu-11. Ekuqaleni kuka-1987, ngaqala ukusebenzisa i-EPO (erythropoietin), i-hormone eyakhiwe eshukumisa umnkantsha wethambo ukuba uthumele egazini amangqamuzana egazi abomvu amasha, futhi manje isilinganiso samangqamuzana egazini sicishe sibe ngu-33.c
‘Kungokwesikhashana Nje, Lee!’
Ngaqhubeka nokunye ukuhlinzwa okukhulu ngo-1984, 1988, 1990, 1993, 1995, nango-1996—konke kubangelwa ukuhluleka kwezinso zami ukusebenza. Phakathi naleminyaka eminingi yokuphila nesifo sezinso, umqondo oye wangisiza ngaqhubeka ngiphila yilona, ‘Kungokwesikhashana nje.’ Kungakhathaliseki ukuthi izinkinga zethu ziyini, zingokwenyama noma cha, ziyolungiswa ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu ezweni elisha elizayo. (Mathewu 6:9, 10) Noma nini lapho ngibhekene nenselele entsha futhi ngiqala ukucindezeleka, ngimane ngizitshele ukuthi, ‘Kungokwesikhashana nje, Lee!’ futhi kuyangisiza ngibheke izinto ngombono ofanele.—Qhathanisa neyesi-2 Korinte 4:17, 18.
Unyaka ka-1986 wawungiphathele isimangaliso esikhulu kunazo zonke—ngashada. Ngangiye ngacabanga ukuthi angisoze ngishade. Ngangiye ngizibuze ukuthi ‘Ubani nje ongafuna ukushada nami?’ Kodwa-ke ngabe sengibona uKimberly. Wabona umuntu enginguye ngaphakathi, hhayi lona ongaphandle owohlokayo. Wabona nokuthi isimo sami singesesikhashana nje.
Ngo-June 21, 1986, mina noKimberly sashadela eHholo LoMbuso lakithi ePleasanton, eCalifornia. Sinqume ukungabi nezingane, ngoba isifo sami sidluliselwa ngofuzo. Kodwa mhlawumbe nakho lokhu okwesikhashana. Ezweni elisha likaNkulunkulu, siyothanda ukuba nezingane uma kuyintando kaJehova.
Nginelungelo lokukhonza njengomdala eBandleni LaseHighland Oaks eCalifornia, uKimberly ukhonza njengomshumayeli wesikhathi esigcwele. Uvivinyo olunzima lwango-1981 lwawukhahlaza umzimba wami futhi lwangishiya ngingenamandla. Kusukela ngaleso sikhathi, udadewethu uye wangenwa uhlobo olulula lwe-Alport’s syndrome, abafowethu ababili, nabo abanalesi sifo, izinso zabo azisasebenzi futhi nabo bakhishwa ukungcola egazini. Abanye abafowethu ababili bayimiqemane.
Ngisaqhubeka ngikuyi-peritoneal dialysis, futhi ngiyabonga ngokuthi ingenza ngikwazi ukunyakaza. Ngibheke phambili ngethemba nangokuqiniseka ngoba, vele, izinkinga zanamuhla—kuhlanganise nesifo sezinso—zingezesikhashana nje.—Njengoba ilandiswa uLee Cordaway, owafa ngaphambi kokuba sinyatheliswe lesi sihloko.
I-Phaphama! ayitusi noma iyiphi indlela yokwelapha. Lesi sihloko asihlosile ukugxeka ezinye izindlela zokwelapha, njenge-hemodialysis. Ngayinye yalezi zindlela inezinzuzo nezinkinga zayo, umuntu ngamunye kumelwe azenzele esakhe isinqumo esibuswa unembeza wakhe ngokuthi iyiphi indlela azoyamukela.
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuthi umKristu uyakwamukela yini ukufakwa isitho esithile noma cha kuyisinqumo sakhe siqu.—Bheka INqabayokulinda ka-November 1, 1980, ikhasi 30.
b Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngokuhlinza okukhulu ngaphandle kwegazi, bheka ethi Igazi Lingakusindisa Kanjani Ukuphila Kwakho?, enyatheliswe i-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania, amakhasi 16-17.
c Ukuthi umKristu uyayamukela yini i-EPO noma cha kuyisinqumo sakhe siqu.—Bheka INqabayokulinda ka-October 1, 1994, ikhasi 31.
[Umdwebo ekhasini 13]
Indlela esebenza ngayo i-“peritoneal dialysis”
Isibindi
Ithumbu elincane
I-catheter (yamukela uketshezi oluhlanzekile; ikhiphe oludala)
I-peritoneum
I-peritoneal cavity
Isinye
[Isithombe ekhasini 12]
Nginomkami, uKimberly