Ukususa Imibono Engeyona NgoFakazi BakaJehova
LAPHO besemsebenzini wabo wokushumayela endlini ngendlu, oFakazi BakaJehova ababili bathola indoda eyathi ayinasithakazelo. Labo Fakazi bahamba ngokuthula, kodwa njengoba babehla ngomgwaqo, baphawula ukuthi lendoda iyabalandela. “Ngicela nime!” kumemeza lendoda. “Ngifuna ukuxolisa. Angazi lutho ngoFakazi, futhi ngikholelwa ukuthi abantu abaningi baye batshelwa okungeyikho ngani.”
Lendoda yabe isizethula ithi inguRenan Dominguez, usihlalo wohlelo lwe-Rotary Club yaseSouth San Francisco, eCalifornia. Yabuza ukuthi uFakazi othile angeza yini kulenhlangano anikeze inkulumo ngezinkolelo nemisebenzi yoFakazi BakaJehova. Kwahlelwa izinto okuzoxoxwa ngazo. LoFakazi wayezokhuluma isigamu sehora abese evula ithuba lokuphendula imibuzo yezilaleli. U-Ernest Garrett, oseneminyaka eminingi enguFakazi endaweni yaseSan Francisco, wacelwa ukuba ethule inkulumo kuyi-Rotary Club ngo-August 17, 1995, futhi wasitshela lokhu okulandelayo:
“Ngazibuza futhi ngathandazela ukuthola ukuthi yini engingayisho emalungwini e-Rotary Club angabaholi bezamabhizinisi nabomphakathi, njengabagcini bezimali, abameli, nodokotela. Ngenza ukucwaninga okuncane ngathola ukuthi umgomo obhalwe phansi we-Rotary Club uwukuqinisa umphakathi. Ngakho ngakhuluma ngokwaziswa okunesihloko esithi ‘Usizo Olungokoqobo Lwezindaba Ezinhle Emphakathini Wakini,’ okusekhasini 23 lencwajana engangomagazini ethi OFakazi BakaJehova Ekhulwini Lamashumi Amabili.a
“Ngachaza ukuthi oFakazi BakaJehova bayithonya kulokhu. Zonke izinsuku zesonto, oFakazi BakaJehova basuke bephumile bengqongqoza eminyango yomphakathi wakubo. Isifiso sabo ukuthonya omakhelwane babo ukuba babe nomkhaya oqinile—futhi umkhaya oqinile wakha umphakathi oqinile. Lapho oFakazi BakaJehova bethonya abantu nemikhaya eyengeziwe ukuba iphile ngezimiso zobuKristu, buyoncipha ubuhlongandlebe, ukuziphatha okubi, nobugebengu emphakathini. Lokhu kwaziswa kwamukelwa ngezandla ezimhlophe amalungu ngoba kwakuhambisana nemigomo ye-Rotary Club.”
“Kungani Ningahileleki Kwezombangazwe?”
“Lapho kuvulwa ithuba lemibuzo emhlanganweni, omunye wemibuzo yokuqala wawuthi: ‘Kungani ningahileleki kwezombangazwe nakuhulumeni?’ Incwasimende eyabuza lombuzo yabe seyinezela: ‘Uyazi, iNcwadi Enhle ithi: “Buyiselani izinto zikaKesari kuKesari.”’ Ngayitshela ukuthi sivumelana ngokugcwele nalawo mazwi futhi siyawamukela impela. Ngaveza ukuthi iningi labantu engiye ngabezwa becaphuna lowo mbhalo abalokothi bacaphune enye ingxenye yawo, ethi: ‘Buyiselani izinto zikaNkulunkulu kuNkulunkulu.’ (Mathewu 22:21) Ngakho-ke, kumelwe siphethe ngokuthi akuzona zonke izinto ezingezikaKesari. Kunezinye izinto ezingezikaNkulunkulu. Sibhekene nodaba lokuthola ukuthi yini engekaKesari nengekaNkulunkulu.
“Ngayibonisa ukuthi lapho uJesu ebuzwa umbuzo othi, ‘Ingabe kungokomthetho ukukhokha intela yekhanda kuKesari noma cha?’ akaphendulanga ngokuthi yebo noma cha. Wathi: ‘Ngiboniseni uhlamvu lwemali yentela yekhanda,’ udenariyu wamaRoma. Wabuza: ‘Okabani lomfanekiso nombhalo oqoshiwe?’ Bathi: ‘OkaKesari.’ Wabe esethi: ‘Ngakho-ke, buyiselani izinto zikaKesari kuKesari.’ (Mathewu 22:17-21) Ngamanye amazwi, khokhani intela kuKesari ngoba sithola izinkonzo ezithile kuye futhi sizikhokhela intela kufanele. Ngachaza ukuthi oFakazi BakaJehova bayayikhokha intela yabo futhi abamkhwabaniseli uhulumeni kulokho okungokwakhe.
“Ngabe sengithi oFakazi BakaJehova abakholelwa ukuthi ukuphila kwabo bakukweleta uKesari. Bakholelwa ukuthi ukukhulekela kwabo bakukweleta uNkulunkulu, futhi lokhu bakuyisa kuye ngokufanele. Ngakho lapho sithatha lokhu kuma, sisuke singahlosile ukwedelela uKesari. Siyilalela yonke imithetho kaKesari, kodwa lapho kunokungqubuzana, ngenhlonipho sikhetha ukulalela uNkulunkulu njengombusi kunabantu. Indoda eyayibuze lombuzo yabe isithi phambi kwalo lonke iqembu: ‘Ngeke ngikuphikise lokho!’
“Sakwazi nokuphendula imibuzo eminingi ngomsebenzi wethu wokushumayela. Amalungu amaningi eza kimi ngemva komhlangano angixhawula futhi athi avumelana ngokugcwele nathi—ukuthi umkhaya uwumgogodla womphakathi oqinile. Sabe sesinika ilungu ngalinye incwajana ethi OFakazi BakaJehova Ekhulwini Lamashumi Amabili.
“Ngemva kwalomhlangano usihlalo wohlelo, uMnu. Dominguez, wangishayela ucingo wangibuza ukuthi ngingeza yini ehhovisi lakhe, ngoba unemibuzo afuna ukuyibuza ngezinkolelo zethu. Saba nengxoxo enhle ngemibhalo eminingana. Wayefuna ngimchazele ngokukhethekile ngokuma kwethu endabeni yegazi. Wazikhethela ukuthi yena ngeke alifake igazi, futhi kwakumhlabe umxhwele kakhulu ukwaziswa engangimnikeze khona okusencwajaneni engangomagazini ethi Igazi Lingakusindisa Kanjani Ukuphila Kwakho? kangangokuba wangimema ukuba ngibuye ngizokhuluma namalungu alenhlangano ngokuma kwethu endabeni yegazi. Ngacela omunye uFakazi, uDon Dahl, ukuba sihambe naye siye kulomhlangano. Uhambela izibhedlela eyoxoxa ngalendaba nodokotela lapho oFakazi bezohlinzwa. Sinaye, sayichazisisa indlela esisebenzelana ngayo nodokotela nabaphathi bezibhedlela ukuze sicacise ukuma kwethu okungokomBhalo futhi sisikisele ezinye izindlela eziphumelelayo kunokumpontshelwa igazi.”—Levitikusi 17:10-12; IzEnzo 15:19-21, 28, 29.
‘Usho Ukuthi Ungavumela Indodana Yakho Ife?’
“Ngemva komhlangano incwasimende ethile yeza kimi futhi yangibuza ngasese: ‘Usho ukuthi ungavumela indodana yakho ife uma ibisengozini futhi yalethwa egunjini labadinga ukunakekelwa ngokushesha yopha kakhulu?’ Ngayiqinisekisa ukuthi ngiyakuqonda ukukhathalela kwayo, ngoba nganginayo indodana futhi yangilahlekela engozini yokuqhuma kwendiza eLockerbie, eScotland, ngo-1988. Ngiphendula umbuzo wayo, ngaqale ngayitshela ukuthi ngeke ngithande indodana yami ife.
“Asimelene nodokotela, nemithi, noma nezibhedlela. Aselaphi ngokuthandazela. Siyazidinga izinkonzo zochwepheshe bezokwelapha. Sithembela kuNkulunkulu futhi siyaqiniseka ukuthi iziqondiso zakhe endabeni yegazi zingokwenzuzo yethu ehlala njalo. EBhayibhelini uNkulunkulu uchazwa ngokuthi ‘ukufundisa okukusizayo, ukuhola ngendlela omelwe ukuhamba ngayo.’ (Isaya 48:17) Unikeze iNdodana yakhe amandla okuvusa abafileyo. UJesu wathi: ‘Mina ngingukuvuka nokuphila. Lowo obonisa ukholo kimi, ngisho noma efa, uyophila; futhi wonke umuntu ophilayo futhi abonise ukholo kimi akasoze afa. Uyakukholelwa yini lokhu?’—Johane 11:25, 26.
“Simane sicela odokotela ukuba baqonde ukuthi ukuma kwethu kuyindaba kanembeza nokuthi asinakuyekethisa kukho. Asinakuyekethisa kulendaba njengoba nje singenakuyekethisa emthethweni kaNkulunkulu ngokuphinga. Ngeke sibonisane noNkulunkulu sithi, ‘Nkulunkulu, sikhona yini isimo engingaphinga kuso?’ Ngabe sengithi kulomlisa: ‘Ungibuze ukuthi ngingayivumela yini indodana yami ife ngokwenqaba ukumpontshelwa igazi. Ungadinwa, ngicela ukubuza ukuthi ubungayivumela yini indodana yakho ukuba ifele enkonzweni yezempi yanoma isiphi isizwe?’ Waphendula ngokushesha nangokugcizelela, ‘Yebo! Ngoba isibopho sayo leso!’ Ngathi: ‘Ungavumela indodana yakho ifele into oyikholelwayo. Ngivumele ngisebenzise ilungelo elifanayo ngendodana yami.’
“Okuthakazelisayo kukho konke lokhu ukuthi usihlalo wohlelo, uMnu. Dominguez, wamema mina nomkami esidlweni sakusihlwa sinaye nomkakhe. Wayenomuzwa wokuthi umkakhe wayeyisisulu sokwaziswa nemibono engeyona ngoFakazi BakaJehova. Wayeqinisile. Wayetshelwe okungeyikho. Saba nesikhathi sakusihlwa esimnandi, futhi umkakhe wabuza imibuzo eminingi ngathi nomsebenzi wethu, asivumela ukuba simphendulele yona ngokuningiliziwe. Ngakusasa washaya ucingo wathi umkakhe ukujabulele kakhulu ukubona mina nomkami futhi ucabanga ukuthi singabantu abakahle kakhulu.
“Ngiye ngaqhubeka ngihambela uMnu. Dominguez, futhi ubonisa isithakazelo esiqotho eBhayibhelini. Washo kimi wathi: ‘Ngeke ngithandabuze ukukukhuthaza ukuba uthintane nosihlalo balolu hlelo bawo wonke ama-Rotary Club endaweni yaseGreater San Francisco Bay futhi ucele ukunikeza inhlangano yabo inkulumo efana nosinikeze yona enhlanganweni yethu. Ungasebenzisa igama lami njengomuntu abangamthinta, futhi lapho bengithinta, ngiyokujabulela ukukutusa kakhulu ukuba umenywe ube isikhulumi sosuku.’
“Ama-Rotary club atholakala kuwo wonke amazwe. Kungenzeka yini ukuba ezinye izinhlangano e-United States nasemhlabeni wonke zamukele izinkulumo zoFakazi BakaJehova?”
[Umbhalo waphansi]
a Inyatheliswe i-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania, ngo-1989.
[Isithombe ekhasini 18]
UMnu. Renan Dominguez, kwesobunxele, noMfoweth’u-Ernest Garrett