Intsha Iyabuza . . .
I-rock Yohlobo Oluhlukile—Ingabe Ingilungele?
“Ngingawalalela amaculo aphathelene nezinkinga nokuhlangenwe nakho okuhlukahlukene esibhekana nakho thina bantu abasha.”—UGeorge oneminyaka engu-15.a
“Ayiwona umculo wokuqhashaqhasha noma wesigqi esinamandla, iphakathi nje.”—UDan oneminyaka engu-19.
“Yintsha. Ihlukile. Ayiwona umculo kawonk’uwonke, okhiqizwa ngobuningi.”—UMaria oneminyaka engu-17.
I-ROCK yohlobo oluhlukile (alternative rock). Intsha eningi iyakujabulela ukuyilalela. Abanye abantu abadala iyabaphazamisa. Futhi abazali abaningi cishe banolwazi oluncane noma abazi nhlobo ngokuthi iyini.
Kuyavunywa, akulula ukuchaza ngokuqondile ukuthi iyini i-rock yohlobo oluhlukile. Ekuqaleni, yayiwumculo wentsha eyayifuna okuthile okuhlukile, okungafani nomculo kawonk’uwonke ozwakala emsakazweni. Abanye bathi konke kwaqala lapho iziteshi zomsakazo zekolishi lendawo zidlala umculo wamaqembu athile angavamile—amaqembu omculo aziqhayisa ngokungazidayisi ezimbonini ezihweba ngomculo. Lolu hlobo olusha lwabaculi lwazigwema izimpawu zezinkampani ezinkulu eziqophayo nezindlela zokuthengisa ezivamile, ezinjengama-video omculo. Futhi, lwabhala ngezihloko okungavamile ukuba kukhulunywe ngazo emaculweni angu-40 Adl’ubhedu.
Ngokungafani nomculo onesigqi esinamandla noma we-rap, i-rock yohlobo oluhlukile ayiqapheleki noma ihlanganiswe nesigaba esithile kalula ngaso sonke isikhathi. Ngisho nochwepheshe bezimboni zomculo abavumelani ngokuthi iyini ngempela le-rock yohlobo oluhlukile. Lokho kungenxa yokuthi, njengoba igama layo lisikisela, ihlanganisa indlela ezwakala ngayo, imizwelo, nemizwa ehlukahlukene. Enye insizwa yathi: “Kunzima kakhulu ukuyifaka esigabeni esithile. Ihlanganisa ingxenye ebanzi yomculo wanamuhla.” Omunye osemusha wanikeza lencazelo: “Ayibi ngenamandla noma epholile ngaso sonke isikhathi, ayisheshi noma inense, ayinasigqi esiphakeme noma esiphansi.” Omunye osemusha waze wavuma: “Angiqiniseki ukuthi ngingasho yini ukuthi ngiyayithanda i-rock yohlobo oluhlukile ngoba angiqiniseki ukuthi iyini.”
Noma kunjalo, ukuthandwa kwale-rock kuye kwakhula kwaze kwafinyelela ezingeni lapho abaculi bayo abaningi abathandwa kakhulu sebebhekwa njengengxenye yabaculi bomculo olalelwa uwonk’uwonke. Futhi, abazali babonakala bengathambekele ekumelaneni nayo njengomculo wesigqi esinamandla noma ezinye izinhlobo ze-rock ezivala izindlebe. Yiqiniso, bambalwa abazali ababonakala bazi ukuthi yimaphi amaqembu noma izihloko ze-albhamu okuthiwa okohlobo oluhlukile. Noma kunjalo, kunesidingo sokuba uqaphe ngesilinganiso esithile lapho kuziwa kulomculo.
Yini Ekhangayo?
Ngokwesibonelo, cabangela isizathu esenza intsha eningi ikhangwe yilomculo. Iningi layo limane nje lihambisana nabangane. Futhi wenza kube nokuthile okufanayo okungaxoxwa ngakho noma kwenziwe, njengokushintshana ngamakhasethi nama-CD.
Nokho, entsheni eningi yindlela ezwakala ngayo nomyalezo wale-rock okwenza ikhange kangaka. Ngokukhethekile, intsha eningi ithola ukuthi inokuhlangenwe nakho nemizwa efanayo neyabalobi bamaculo. Uchungechunge lwezihloko zesembozo sikamagazini i-Time lwachaza: “Njengoba amaculo okuqhashaqhasha ngokuvamile ephathelene nothando, izosha [ze-rock] yohlobo oluhlukile ngokuvamile ziphathelene nemizwa ethe ukushuba: ukuphelelwa ithemba, inkanuko, ukudideka. . . . Uma wevile eshumini nambili noma useminyakeni yawo-20, kungenzeka ukuthi umkhaya wakini uye wabhekana nesahlukaniso. Umculo [we-rock] yohlobo oluhlukile uye waba umculo othinta umzwelo, okhuluma ngokuqondile ngezindaba ezingaxazululiwe zokushiywa dengwane nokubandlululwa.” Ngakho, umsakazi womsakazo wasekolishi oneminyaka engu-21 uthi: “Yayikhanga kimi nakubangane bami ngoba isizukulwane sethu asinandaba neze nokwenzeka ezweni. Ayikho into esizoyenza lapho siqeda esikoleni.”
Intsha ethile engamaKristu nayo iye yayithanda le-rock yohlobo oluhlukile. Njengoba kulindelekile, iningi liye lawagwema amaculo amabi, anokuvukela, ubudlova, noma ukuziphatha okubi. Noma kunjalo, enye yalentsha engamaKristu iye yazwakalisa ukuwalahla amaculo abonakala engenangozi. UDan osemusha waphawula: “Abanye balaba baculi baziwa njengongqingili besilisa nabesifazane noma njengabasebenzisi bezidakamizwa, futhi izosha zabo zibonisa indlela yabo yokuphila.” Omunye osemusha, okuthiwa uJack, uthi: “Amanye alamaqembu anombono wokuthi akekho onendaba nawo, nezinkinga zawo, noma nekusasa lentsha yanamuhla, ngakho azwakalisa lokhu emaculweni awo. Amaningi awanawo amandla ashukumisayo noma ithemba.”
Izwi Lesixwayiso
IBhayibheli lisitshela ukuthi “lonke izwe lisemandleni omubi,” uSathane uDeveli. (1 Johane 5:19) Khona-ke, akumelwe kukumangaze ukuthi umculo ungenye yezindlela uSathane azisebenzisayo ukuze adukise abantu abasha. Izihloko ezandulelayo zalomagazini nomngane wawo, INqabayokulinda, ziye zalibonisa ngokuphindaphindiwe leli qiniso.b Izixwayiso eziye zanikezwa ngomculo wesigqi esinamandla ne-rap ziyafaneleka nalapho kuziwa kuyi-rock yohlobo oluhlukile. Njengoba iBhayibheli lisho, “oqondileyo uyaqaphela ukunyathela kwakhe.”—IzAga 14:15.
Ngokwesibonelo, akunangqondo ukulandela isixuku lapho kuziwa ohlotsheni lomculo oluthandayo. Phawula lesi simiso seBhayibheli, esingasebenza ekuvumeleni abanye bakwenzele izinqumo: “Anazi yini ukuthi uma niqhubeka nizethula kunoma ubani njengezigqila ukuba nimlalele, niyizigqila zakhe ngoba niyamlalela?” (Roma 6:16) UmKristu osemusha akakhathazeki ngokuthi yikuphi okwamukelekayo kontanga kodwa ukhathazeka ngokuthi yikuphi “okwamukelekayo eNkosini.” (Efesu 5:10) Ngaphandle kwalokho, hlobo luni lwentsha ekhangwa yi-rock yohlobo oluhlukile? Ingabe yintsha ebonakala ijabulile, ilinganisela, futhi inesithakazelo ezintweni ezingokomoya? Noma ingabe ibonakala ithola izilaleli zayo ngokuyinhloko entsheni enganelisekile, engajabule, noma ngisho nethukuthele?
Yiqiniso, intsha ethile eyeneme nenombono oqondile ngekusasa isengakhangwa yile-rock. Kodwa cabanga ngalokhu: AmaKristu, amancane namadala, anekusasa eliqhakazile eliwalindele. (2 Petru 3:13) Umphostoli uPawulu usikhumbuza ngokuqiniseka kokugcwaliseka kwezithembiso zikaNkulunkulu, ethi: ‘Akunakwenzeka ngoNkulunkulu ukuba aqambe amanga.’ (Heberu 6:18) Khona-ke, kuzuzisa ngani ukuzichaya embonweni ofiphele nongenathemba ngekusasa ozwakaliswa amaculo athile e-rock yohlobo oluhlukile? Ngeke yini ukungena shí emculweni ozwakalisa ukwesaba, nokuphelelwa ithemba kululaze ukholo lwakho? Ngaphezu kwalokho, imuphi umphumela ukuqhubeka ungenisa umculo onjalo okungase kube nawo esimweni sakho esingokomzwelo?
Khetha
Lokhu akusho ukuthi wonke umculo okuthiwa “owohlobo oluhlukile” uyalimaza noma ungonengekayo ngempela. Kodwa ake sithi uzwe ukuthi othile ubezama ukukudlisa ushevu. Nakuba ungeke uyeke ukudla, ngokungangabazeki ubungakuhlola ngokucophelela ukudla kwakho, akunjalo? Ukwazi ukuthi uSathane uzama ukonakalisa umbono wakho ngekusasa nesimo sakho sengqondo kufanele kukwenze uqaphe ngendlela efanayo ngokuphathelene nomculo owukhethayo. Njengoba iBhayibheli lisho, “indlebe iyavivinya amazwi, njengokuba ulwanga luzwa ukudla.” (Jobe 34:3) Kunokuba ulandele isixuku ngokuphumputheka, wuhlole umculo owuthandayo.
Ungakwenza kanjani lokho? Ibhokisi elinesihloko esithi “Isiqondiso Sokukhetha Umculo” linokusikisela okuthile okuwusizo ongase ukuzame. Futhi, zama ukubuza abazali bakho abangamaKristu ngalokho abakucabangayo ngomculo wakho. (IzAga 4:1) Zingase zikumangaze izimpendulo zabo! Yiqiniso, abazali bakho badala kunawe. Ngokuqondakalayo, bangase bangaluthandi uhlobo lwakho lomculo. Kodwa uma bengawuthandi umculo wakho kuze kube sezingeni lokuwuthola unengeka, wonakalisa, noma wenyanyeka, ingabe kufanele ukushaye indiva lokho abakushoyo? IBhayibheli lithi: ‘Ohlakaniphileyo uyezwa, aqhubeke ekufundeni.’—IzAga 1:5.
Cabangela indlela lomculo okuthinta ngayo. Ingabe ukwenza uzizwe uthukuthele, unomoya wokuvukela, noma ucindezelekile? Uma kunjalo, lezi izimpawu zesixwayiso okungafanele uzishaye indiva! Kungani ungatholi umculo okwenza uqabuleke noma ukhululeke noma ujabule?
Ukuthambekela emculweni kushintsha njalo. Ngokushesha, kuyobe sekuthandwa olunye uhlobo lomculo. Kodwa ungaphiki nalokhu kushintshashintsha. Yiba oqondayo nokhethayo lapho kuziwa emculweni owulalelayo. Qiniseka ukuthi lokho okulalelayo kuhle futhi kuyakha. (Filipi 4:8) Khona-ke umculo ungaba ingxenye eyigugu nejabulisayo yokuphila kwakho!
[Imibhalo yaphansi]
a Amanye amagama ashintshiwe.
b Bheka izihloko ezithi “Intsha Iyabuza . . .” ezikuyi-Phaphama! ka-February 8, February 22, no-March 22, 1993. Bheka nesihloko esikuyi-Nqabayokulinda ka-April 15, 1993, esithi “Gwema Umculo Owonakalisayo!”
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 22]
“Njengoba amaculo okuqhashaqhasha ngokuvamile ephathelene nothando, izosha [ze-rock] yohlobo oluhlukile ngokuvamile ziphathelene nemizwa ethe ukushuba: ukuphelelwa ithemba, inkanuko, ukudideka.”—Umagazini i-Time
[Ibhokisi ekhasini 23]
Isiqondiso Sokukhetha Umculo
◆ Hlola i-albhamu yomculo. Ngokuvamile lokhu kuzokutshela okuningi ngomculo nangabaculi ngokwabo. Qaphela izembozo zama-albhamu ezibonisa ubudlova, izimpawu zobudemoni, ukugqoka nokuzilungisa okuxakayo, noma abantu abanqunu.
◆ Cabangela umyalezo wezosha. Lokhu kubonisa imicabango nendlela yokuphila yabaculi. Imiphi imibono abafuna ukuba uyamukele?
◆ Ukuzwakala komculo kuphawula imizwelo nemizwa abaculi abangathanda ube nayo—ukucindezeleka, injabulo, ukuvukela, ukuvuka kwenkanuko yobulili, ukuthula kwengqondo, noma ukuphelelwa ithemba.
◆ Cabangela uhlobo lwabantu olukhangwa yilelo qembu lomculo. Ingabe ungathanda ukuhlanganiswa nalelo qembu labantu nesimo salo sengqondo?
[Isithombe ekhasini 23]
Izosha zamaculo anamuhla zifanelana nentsha eningi