Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g96 11/22 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1996
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1996
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1997
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2000
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1996
g96 11/22 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ukuntuleka Kwemisebenzi Ngibonga kakhulu ngochungechunge oluthi “Ukuntuleka Kwemisebenzi—Likhona Ikhambi.” (March 8, 1996) Lwafika ngesikhathi engangifuna ngaso umsebenzi, kodwa ngingawutholi. Ngazama ukuvula imisebenzi ekhaya, njengoba nasho ekhasini 11, futhi kuyaphumelela. Ngiyambonga uJehova ngenxa yenu!

J. M., French Guiana

Lezi zihloko zachaza isimo engizithole ngikuso muva nje. Ezinyangeni ezimbalwa, kuye kwadingeka ngijwayele ukwenza “imisebenzi enhlobonhlobo,” njengoba nje esinye salezi zihloko sasho. Kodwa angizange ngidumale. Ngiye ngazama ukuba nombono oqondile, futhi ekugcineni ngiye ngathola umsebenzi oqondile. Phakathi naleso sikhathi, ngangisizwa umkami, owayonga kakhulu lapho ethenga. Ngiyaphinda ngiyabonga ngokwaziswa okusisiza ukuba sisebenzise izimiso zeBhayibheli ezimweni ezinzima.

U. C., Italy

Ngithande kakhulukazi ibhokisi lenu elithi “Ukuvula Imisebenzi Ekhaya.” Ngiyiphayona elivamile, umshumayeli wesikhathi esigcwele, futhi ngangenza umsebenzi wokunakekela izingane phakathi nosuku ekhaya ngokusemthethweni iminyaka emibili. Ngangigada izingane ngaphambi nangemva kwesikole futhi ngangithola imali enhle. Kwakungivumela ukuba ngishumayele phakathi nosuku, futhi ngangisebenza amahora amane nje kuphela usuku ngalunye. Abazali abaningi babejabula ngoba kunzima ukuthola ukunakekela okuhle. Nginethemba lokuthi nabanye bangawuthola umsebenzi ozobasiza ukuba bakhonze uJehova.

T. K. L., United States

Nasikisela ukuthi abantu abantula imisebenzi bangathunga izihlalo, bagunde izinwele, bangazenzela ibhizinisi lokuhlanza nokunakekela izakhiwo, nokunye. Futhi nathi ngaphansi kwezimo ezithile bangakhangisa ngezinkonzo zabo mahhala noma ngemali ephansi. Ingabe lokhu ngeke yini kube okungemthetho eJalimane?

R. T., Germany

Imithetho ayifani ezweni ngalinye, futhi mhlawumbe lokhu kusikisela kungaba okungemthetho emazweni athile. Yingakho ekhasini 9 saveza isidingo sokwazi nokuhlonipha imithetho yentela ngaphambi kokuqala umsebenzi onjalo. AmaKristu anesibopho sokulalela imithetho yamazwe ahlala kuwo. (Roma 13:1)—ED.

I-Zoo Ngasijabulela ngempela isihloko esithi “Ukufunda IBhayibheli—E-Zoo!” (March 8, 1996) Ngakuthanda ukwaziswa okuphathelene nezilwane okukhulunywa ngazo eBhayibhelini. Ngangingazi ukuthi kuyakhulunywa ngamadube eBhayibhelini. Ngathanda nesigaba esikhuluma ngezintuthwane. Lesi sihloko siye sangikhuthaza ukuba ngicwaninge ngesilwane esihlukile inyanga ngayinye.

M. F., United States

Umngane Wami Othandekayo Ngithanda ukuzwakalisa ukwazisa kwami okuqotho ngesihloko esijabulisa kakhulu esithi, “Umngane Wami Othandekayo.” (February 22, 1996) Kwakujabulisa ukufunda ukuthi ubungane obuhle kangaka baba khona naphezu kokushiyana okungaka ngeminyaka. Kubonisa ukuthi akudingekile ukuba intsha ibe nabangane abaseduze abangontanga yayo kuphela. Kunabantu abakhulile abaningi abanokuningi abangakunikeza ngokuhlangenwe nakho, ukuhlakanipha, namahlaya.

S. T., England

Lesi sihloko sabonisa ukuthi abasha nasebekhulile bangazwana nokuthi abantu abasha bangazuza kokuhlangenwe nakho okucebile kwesizukulwane esikhulile. Nami ngiye ngachitha amahora amaningi athakazelisayo najabulisayo nomngane osekhulile. Uye wangisiza kakhulu ukuba ngibhekane nezinkinga ezinjengokucindezela kontanga.

W. S., Austria

Kuze kube manje bengingakaze ngizame ukufunda kubantu asebekhulile. Ngosizo lwalesi sihloko, manje sengiyazi ukuthi iziphi izinto engingazifunda kwabanjalo. Ngikufuna kakhulu ukuba umngane oseduze wabantu abathile asebekhulile abacebile ngokuhlakanipha.

R. K., Japan

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela