Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 10/22 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
  • I-Phaphama!—2000
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2000
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2000
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 10/22 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Imikhaya Engenababa Ngiyabonga ngochungechunge oluthi “Ukushintsha Isimo Semikhaya Engenababa”! (February 8, 2000) Lapho ngihlukanisa ngangiphatheke kabi kangangokuba ngangifuna ukulwela ilungelo lokuwina indodakazi yami ngokuphelele. Kodwa lezi zihloko zangenza ngaqaphela ukuthi indodakazi yami kufanele ilondoloze ubuhlobo obuhle noyise ngangokunokwenzeka. Ukulwela ukuwina umntwana akulona ikhambi.

L. D., Guam

Njengomama ongenamyeni, bengilokhu ngilwa kanzima njalo ukuze ngikhulise indodana yami ngezimiso zeBhayibheli. Umyeni wami wangaphambili ungomunye wabantu enabachaza ngokuthi ‘abakhathaleli’; akanamsebenzi nendodana yakhe. Noma kunjalo, ngiye ngafundisa indodana yami ukuba imthande uyise futhi imhloniphe, njengoba kwasikisela isihloko senu. Kwakukhuthaza kakhulu ukwazi ukuthi ngihamba endleleni.

R. S., Brazil

Abazali bami bahlukana lapho ngineminyaka emihlanu ubudala. Ubaba wayengenandaba nezingane zakhe. Ngezinye izikhathi ngiba nomuzwa wokuthi kwakuyoba ngcono kakhulu ukungamazi nhlobo kunokuba ngibone indlela angasikhathaleli ngayo. Ngosizo lukaJehova, ngaqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova ngisemncane. Ukufunda amaqiniso eBhayibheli kuye kwangisiza ukuba ngibhekane nale mizwa yokulahlwa nentukuthelo.

C. B., Puerto Rico

Sekucishe kube yiminyaka engu-7 manje ngikhulisa abafana abathathu ngingedwa, futhi ngezinye izikhathi kunzima ngempela. Ngokwesibonelo, ngezinye izikhathi laba bafana abakhuzeki. Nokho, ngibathanda ngenhliziyo yami yonke, futhi ngiyambonga uJehova ngokuba nabo. Omdala usanda kubhapathizwa, ngakho kuwufanele umzamo. Izihloko ezinjengalezi zingikhuthaza ukuba ngiqhubeke. Ngizozifunda njalo.

N. B., Canada

Ubaba wahamba ngiseneminyaka eyisithupha ubudala. Manje sengineminyaka engu-21 futhi kuma ngiqaphela ithonya lokhu okuye kwaba nalo kimi. Bengiwusaba kakhulu umendo ngoba bengicabanga ukuthi mhlawumbe indoda izongishiya. Bengicabanga nokuthi angizukuba usizo endodeni, ngoba bengingazi ukuthi umkhaya ovamile uphila kanjani. Nokho, lesi sihloko sangiduduza kakhulu. Sangisiza ngazi ukuthi ngolunye usuku, ngingaba umfazi olinganiselayo, othembekile nonothando.

E.V.W., United States

Izinkinga Zabangane Bengifisa ukunibhalela, kodwa ngingaphumeleli. Ngisanda kuqeda ukufunda isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Umngane Wami Angiphatha Kabi?” (February 22, 2000) Nganginenkinga enkulu nomngane wami omkhulu, futhi ngazithola ngimbambele igqubu. Lesi sihloko safika ngesikhathi esifanele.

C. V., Italy

Omunye wabangane bami wangiphatha kabi. Lesi sihloko sangisiza ngaqaphela ukuthi njengoba singaphelele, ngezinye izikhathi siphathana kabi. Ngenza lokho okwashiwo yisihloko futhi sayixazulula inkinga naye.

N. T., Trinidad

Ngineminyaka engu-18 ubudala futhi nginabangane ababili abakhulu. Omunye mdala kakhulu kimi, kanti omunye mncane ngeminyaka emibili. Mina kanye nalona omncane besinezinkinga ezithile muva nje. Lesi sihloko safika ngesikhathi esifanele. AbaseKolose 3:13 basikhumbuza ukuthi uJehova usithethelela ngokukhululekile izikhathi eziningi kakhulu nokuthi nathi kufanele sithethelelane. Isigaba sokugcina sacacisa indaba. Ngakho ngamunye wethu ufuna ukuba njengomngane ochazwe kuzAga 18:24—‘obambelela kuneselamani’!

W. C., United States

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela