Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Inkumbulo Ngibonga kakhulu ngesihloko esithi “Ungayithuthukisa Inkumbulo Yakho.” (April 8, 1996) Esikhathini esidlule ngiye ngazama ukukhumbula amagama awo wonke amalungu ebandla lakithi loFakazi BakaJehova—kodwa ngehluleka. Lobu bunzima buye banda muva nje lapho i-Watch Tower Society ingabela ukuba ngibe isikhonzi esijikelezayo. Lesi sihloko saphendula imithandazo yami! Ngokusebenzisa ukusikisela okunikeziwe, ngakwazi ukukhumbula amagama angaphezu kwengxenye alabo engababona emabandleni angu-8 ahlukahlukene.
C. E. U., Nigeria
Ukuthola UNkulunkulu Ngiyabonga kakhulu ngesihloko esithi “UNkulunkulu Wenza Ukuba Simthole.” (March 22, 1996) Lapho ngisifunda, amehlo ami ahlengezela izinyembezi zenjabulo ngenxa kaScott noSteve Davis. Okuhlangenwe nakho kwabo kuye kwaqinisa ukuzimisela kwami ukuqala umsebenzi wenkonzo yesikhathi esigcwele ngemva kokuphothula esikoleni.
G. G., Italy
Angikaze ngifunde okuhlangenwe nakho okuhle nokuthinta inhliziyo njengalokhu! Kumelwe ukuba uJehova wamamatheka lapho ebona lezi zinsizwa ezimbili zizikhandla ukuze zimkhonze. Ukukhonza kwazo uNkulunkulu ngokungenabugovu kuyatuseka ngempela.
J. D., United States
Indaba kaScott noSteve yokufuna uNkulunkulu yayishukumisa ngempela. Nami ngafuna uNkulunkulu emasontweni amaningi kodwa angizange nganeliswe. Ngangifuna ngempela ukuthokozisa uNkulunkulu kodwa ngangingayazi indlela yokwenza kanjalo. Yeka indlela engibonga ngayo ngokuthi uJehova wayekwazi ukulangazela kwenhliziyo yami! Ukukhonza uJehova kuye kwasindisa ukuphila kwami futhi kwangilethela ukuthula.
D. C., United States
Isivikelo Saphezulu? Bengicindezelekile muva nje ngoba ngicabanga ukuthi uJehova wayengayilaleli imithandazo yami. Nokho, isihloko esithi “Umbono WeBhayibheli: Ingabe AmaKristu Eqiniso Angalindela Isivikelo Saphezulu?” (April 8, 1996) sangisiza ngaqonda ukuthi uNkulunkulu wenza ngokuvumelana nezinjongo zakhe futhi hhayi ngokwezifiso zethu ngaso sonke isikhathi. Kwangathi uJehova anganibusisa njengoba nibhala izihloko ezisisiza ukuba simethembe.
C. A. A., Brazil
Izimoto Ezingamasekeni Ngiyabonga ngesihloko esithi “Indlela Yokuthenga Imoto Eyisekeni.” (April 8, 1996) Mina nomyeni wami samane sathenga imoto eyisekeni. Yayiduma kahle kakhulu ekuqaleni, kodwa ngemva kwamasonto amabili saqala ukuzwa imisindo. Ngemva kwamasonto ayisithupha lemoto yaphuka ngokuphelele. Ukube sasithole lokhu kwaziswa okuhle kusengaphambili, mhlawumbe ngabe asinamoto ephukile egcekeni lethu.
M. C., United States
Njengochwepheshe wezimoto, ngifisa ukunezela iphuzu elilodwa. Ngaphambi kokuba uthenge imoto eyisekeni, qiniseka ukuthi izinombolo zemoto nezenjini ziyavumelana nezinombolo ezisefomini lokuyibhalisa. Uma zingavumelani noma uma zicishiwe, kungenzeka uthenge imoto eyebiwe!
M. V., Czech Republic
Siyabonga ngokusikisela okuwusizo.—ED.
Ugwayi Ongenantuthu Ngiyabonga ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ugwayi Ongenantuthu—Ingabe Awulimazi?” (April 22, 1996) Angizange ngisiqonde kahle isihloko esikhulu, okwangenza ngafunda lesi sihloko. Nakuba ngingakayiboni lenkinga lapha eTogo, lesi sihloko sangisiza ukuba ngiqonde izinkinga ezihlukene ezithinta abanye ezingxenyeni ezihlukene zomhlaba.
C. H., Togo
Ngiyakuthanda ukufunda zonke izihloko zenu, kodwa lesi sasidl’ubhedu. Kunentsha lapha ebhema ugwayi ongenantuthu, kodwa lesi sihloko saxwayisa ngezingozi. Ngeke ngilokothe ngiwubheme.
P. H. W., Brazil