I-yucca Engenameva —Isitshalo Esivumelana Nezimo Ngendlela Evelele
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ECOSTA RICA
SIYIKHAMBI elelaphayo, sisansipho, simnandi futhi sinomsoco. Lesi sitshalo siyikho konke lokhu ngisho nangaphezulu! Abantu baseMelika Ephakathi bayasazi kakhulu kodwa abasazi ngokuthi i-yucca engenameva. Uma ubungasebenzisa lelo gama eMelika Ephakathi, abantu abaningi bebengakujamela bemangele. Kodwa, bebengamamatheka bebonisa ukuthi bayasazi uma ubungakhuluma nge-itabo, i-izote, noma i-daguillo, ngoba saziwa kanjalo eCosta Rica, eGuatemala, eHonduras naseNicaragua. Abantu baseCosta Rica naseMelika Ephakathi basebenzisa izimbali zaso ekudleni okuhlukahlukene.
Ilungu Lomkhaya Oyingqayizivele
Kulokho okwakubonakala kuyizinkani zababili, abahlaziyi bezitshalo nezilwane baye bahlaziya i-yucca ngokuthi iyilungu lomkhaya weMinduze futhi muva nje bathi iyilungu lomkhaya wama-Agavaceae. Lolu luhlu lwamuva lwezitshalo ezimaholoholo lwakhiwa izinhlobo ezingu-550 zeMinduze. Izazi zesayensi yezitshalo ziye zayiqamba igama lesayensi elithi Yucca elephantipes.
Kunezinhlobo zama-Yucca ezilinganiselwa ku-40, iningi lazo litholakala eNyakatho Melika, eMexico, naseMelika Ephakathi neseNingizimu. Ezihlobene eduze nazo isihlahla esikhulu okuthiwa iJoshua (Yucca brevifolia) nesimise okomnsalo omncane waseSpain (Yucca aloifolia). Umkhaya omkhulu ngempela!
Yiziphi ezinye zezici ezisihlukanisayo lesi sitshalo esenza imisebenzi eminingi? Nakuba lesi sitshalo singesihle, nokho siyingqayizivele, amaqabunga aso aqinile, made, anobude obuyimitha ukusuka esiqwini. Isiqu saso esiqatha, esiwukhuni, esiqinile futhi esinombala onsundu ngokuphaphathekile, sifana nomkhono wendlovu—yingakho igama laso lesayensi kuthiwa i-elephantipes.
Uma uyibuka okokuqala, i-yucca engenameva, njengoba inobude obungamamitha asukela kwayisihlanu kuya kwayisishiyagalombili, ungadideka uthi iyisihlahla. Phakathi nenkathi engenamvula eCosta Rica, ikakhulukazi ngenyanga ka-February no-March, izimbali eziningi ezimise okwensimbi ekhencezayo, ezinombala omthubi okwezinyo lendlovu zivele ziqaqele lesi sitshalo i-itabo. Lapho sezidayiswa abadayisi basemgwaqweni nasezimakethe, kungabonakala sengathi zithé chithi saka yonke indawo ngesikhathi esifanayo! Ngokungafani namahlamvu alesi sitshalo aqinile namise okomnsalo, lezi zimbali ezithambile nezintekenteke ziqhakaza zibe izixhobo, zivele nje zigqame phakathi nendawo esitshalweni, zime ziqonde mpó.
I-itabo ingenye yezinhlobo ze-yucca ezithandwa kakhulu abalimi nabalungisi bezingadi, ngoba ivumelana nezimo zezulu nezenhlabathi ezihlukahlukene futhi ibukeka iyingqayizivele, ingeyasezindaweni ezishisayo. Sake sasetshenziswa njengothango lokuhlukanisa indawo eCosta Rica, akumangalisi ukuthi lesi sitshalo esinothile i-itabo siningi kakhulu kuzo zonke izifunda zalelo lizwe.
Ngokuqinisekile abantu bendawo baye bazuza kulesi sitshalo esinemisebenzi eminingi. Ngokwesibonelo, imicu ekhishwa emaqabungeni isetshenziselwa ukwenza omata, amabhande nezikhwama ezitshathwayo. Futhi, uma amaqabunga eshisiswa aze athambe, abalimi bangawasebenzisa njengezintambo zokubopha izitshalo. Kubonakala sengathi kuningi okungase kwenziwe yilesi sitshalo!
Sehla Esiphundu!
UFrances Perry, umlobi we-Flowers of the World, uyabhala: “AmaNdiya ayawudla umqumbe wezimbali zezinhlobo ze-Yucca, kanti izithelo nezimpande zayo zinezakhi zensipho ngakho kungawashwa ngazo.” Abantu baseMelika Ephakathi bazisebenzisa ngokunenzuzo izakhi ze-yucca zokupheka nezokuhlanza. Bayakuthanda ukunambitheka kwayo okumuncwana kodwa okukhakhayo. Izimbali zifakwa kosaladi ababandayo noma ziphekwe namaqanda namazambane, okuwukudla okuthandwa abantu baseCosta Rica nabanye baseMelika Ephakathi. I-yucca inomsoco ngoba inothile ngamavithamini nokusansimbi, njenge-calcium, i-iron, i-thiamine, i-phosphorous ne-riboflavin.
Okunye okuphawulekayo izakhi zokwelapha ze-yucca; ikhambi elenziwa ngokubilisa amanzi bese kucwiliswa izimbali, liyaselapha isisu. Amaqabunga angase asetshenziselwe ukwelapha i-albuminuria ne-colitis futhi angase asetshenziswe njengomuthi wokukhipha umchamo. Futhi lesi sitshalo esiyikhambi, esiyinsipho, esimnandi, futhi esinomsoco singenye nje yendalo yomhlaba ejatshulelwa izinzwa zethu zokunambitha!
[Isithombe ekhasini 26]
Izimbali ze-“yucca” eziphekwe namaqanda kanye namazambane, ziwukudla okuthandwayo eMelika Ephakathi
[Isithombe ekhasini 27]
I-“yucca” emila emaphandleni ifana nezihlahla