Isiphuzo Esiqabulayo Esivela Esitshalweni Sasendle
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ENIGER
UYATHANDA ukuphuza isiphuzo esibandayo ngosuku olushisayo? Imikhaya eminingi yaseNtshonalanga Afrika iyasijabulela isiphuzo esiqabulayo esinombala ogqamile, esimnandi, esinempilo nesingabizi—futhi esenziwe ngesitshalo. Lesi siphuzo sibizwa ngokuthi i-bissap, futhi senziwa ngesitshalo sasendle i-roselle. Lesi sitshalo singaba ngamamitha amabili noma ngaphezulu ubude. Simila ezindaweni ezihlukahlukene zomhlaba kodwa ikakhulu ezindaweni ezomile zasemazweni anjengeNiger, iMali neSenegal.
Indlela Okwenziwa Ngayo I-bissap
Isipuni esisodwa samacembe embali yalesi sitshalo sifakwa cishe emanzini ayilitha. Kuyabiliswa bese kuyekwa imizuzu engu-15 kuya kwengu-20. Amacembe embali ayacwengwa, futhi leli tiye lingaphuzwa lishisa noma libanda, linoshukela noma lingenawo. Namuhla sifuna ukwenza isiphuzo esibandayo esizojatshulelwa izingane, ngakho sizofaka ushukela. Eminye imikhaya yenza lesi siphuzo isifake neminti noma i-vanilla. I-bissap ebandayo ebomvu tebhu ithelwa ezikhwameni zepulasitiki ezincane ezikhanyayo, eziboshwa phezulu. Manje isilungele ukunikezwa izingane eseziyibheke ngabomvu! Ngenjabulo zidabula isikhwama ekhoneni bese zijabulela isiphuzo. Abanye-ke bona bathanda ukuyiphuza ngengilazi.
Ngaphandle kokuthi imnandi, i-bissap kuthiwa ikulungele. Ine-calcium, i-phosphorus, okusansimbi, uvithamini A no-C, nokunye! Abanye bathi i-bissap iyasihlambulula isisu futhi ivuselela isibindi. Kunoma ikuphi, asive sijabula ngokuthi ngaphandle nje kokuthi sihle, lesi sitshalo sisinika isiphuzo esinempilo, esiqabulayo!
[Umthombo Wesithombe ekhasini 31]
Photo by Kazuo Yamasaki