Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g98 2/8 k. 3
  • Unhlangothi!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Unhlangothi!
  • I-Phaphama!—1998
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubhekana Nemiphumela Yawo
    I-Phaphama!—1998
  • Unhlangothi—Imbangela Yawo
    I-Phaphama!—1998
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—1998
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1999
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1998
g98 2/8 k. 3

Unhlangothi!

IMBANGELA eyinhloko yokufa nokukhubazeka okungamahlalakhona emazweni aseNtshonalanga asethuthukile unhlangothi. Lona kanye igama lesiNgisi elithi “stroke [ukufa uhlangothi]” lichaza indlela okuzuma ngayo “ukufa kobuchopho.” Ungase uzizwe ukahle okwamanje, kuthi ngokuphazima kweso, uzwe sengathi ushaywe umbani—ukushaywa unhlangothi okunamandla kungashintsha ukuphila kwakho ngokuphazima kweso nangendlela ephawulekayo. Njengoba sikugoga futhi sikukhubaza kabuhlungu, lesi sifo singakushiya uyisimungulu, sishintshashintshe imizwelo yakho, sishintshe ubuntu bakho namandla okucabanga, futhi sikubangele umshikashika obonakala ungenaso isiphelo wokuzama ukuvuselela ukuphila owawukujabulela nomkhaya wakho.

Ake ucabangele u-Ellen Morgan.a NgoLwesithathu, u-Ellen oneminyaka engu-64 wayephile engumqemane. NgoLwesine, lapho besathenga nomyeni wakhe, u-Ellen wavele waba isimungulu, futhi ubuso bakhe baqala ukusonteka. Umzimba wakhe waba buthaka, wabe eseyenda njengokungathi udakiwe. U-Ellen wayeshaywa unhlangothi!

Ngemva kokushaywa unhlangothi, u-Ellen wayekhubazeke kangangokuba wayengasakwazi ukwenza nezinto ezilula, njengokugeza noma ukugqoka. Engakwazi ukubhala, ukweluka, noma ukuthunga, wayekhala njalo futhi ecobekile. Phakathi nakho konke lokhu, ingqondo ka-Ellen yayisebenza kahle; nokho, wayeba namahloni lapho eba nomuzwa wokuthi mhlawumbe abanye babembheka njengesilima. Kamuva, u-Ellen wachaza: “Bambalwa abayiqaphelayo indlela ukushaqeka ngenxa yalolu shintsho oluzumayo okumthinta ngayo umuntu ngokomzwelo nangokwengqondo. Ngazizwa sengathi ngiya egodini.”

Yini ebangela unhlangothi? Ingabe bonke abanawo bathinteka ngendlela efanayo? Abasindile baye basikhuthazelela kanjani lesi sifo? Imikhaya yabasindile ibhekana kanjani nesimo? Yini sonke esingayenza ukuze sibasekele? I-Phaphama! ihlola imibuzo enjalo futhi ikusize uqonde ukuphila kwabasinde ekushayweni unhlangothi nemikhaya yabo eshikashikeka nabo.

[Imibhalo yaphansi]

a Amanye amagama ashintshiwe kucatshangelwa labo abagulayo nemikhaya yabo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela