Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g99 10/8 k. 11-k. 14
  • Ingabe Uyazi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyazi?
  • I-Phaphama!—1999
  • Izihlokwana
  • Izimpendulo Zemibuzo
I-Phaphama!—1999
g99 10/8 k. 11-k. 14

Ingabe Uyazi?

(Izimpendulo zale mibuzo zingatholakala ezikhombweni zeBhayibheli ezinikeziwe, kanti uhlu oluphelele lwezimpendulo lunyatheliswe ekhasini 14. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka incwadi ethi “Insight on the Scriptures,” enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.)

1. Isiphi isizwe sakwa-Israyeli okwatholakala abantu baso ababefanelekela ukubuthelwa empini sebenciphé kakhulu—ngamaphesenti angaphezu kuka-60—lapho kubalwa abantu okwesibili ehlane? (Numeri 1:23; 26:14)

2. Yini uJesu athi abavusiwe ngeke bayenze? (Luka 20:35)

3. U-Aguri wayewasho kobani amazwi atholakala kuzAga isahluko 30? (IzAga 30:1)

4. Yini uPawulu athi kumelwe ishintshwe ukuze senze intando kaNkulunkulu? (Roma 12:2)

5. Obani uGamaliyeli abasebenzisa njengezibonelo lapho enxusa iSanhedrini ukuba ingawahluphi amaKristu? (IzEnzo 5:34-40)

6. Yini uJosefa ayehlose ukuyenza ukuze agweme ukwenza uMariya “umbukwane wasobala”? (Mathewu 1:19)

7. Yini eyenza ukuba abantu ‘abahlala eLida nasethafeni laseSharoni . . . baphendukele eNkosini’? (IzEnzo 9:35)

8. AbaFarisi nabaSadusi bazama kanjani ukulinga uJesu? (Mathewu 16:1)

9. Yini uJehova ayenza ezingelosini ezimbi ezashiya indawo yazo yokuhlala efanele? (Jude 6)

10. Kwakusho ukuthini ukuthi umuntu udalwe ngomfanekiso kaNkulunkulu? (Genesise 1:27)

11. UNkulunkulu wayesho ukuthini uma ethi umhlaba uyisenabelo sezinyawo zakhe? (Isaya 66:1)

12. UKleyophase nomfundi ababekanye naye babelibangisephi lapho uJesu ebonakala kubo futhi ehambisana nabo? (Luka 24:13)

13. Yini esiqinisekiswa ngayo uma sihamba “ngobuqotho”? (IHubo 84:11)

14. Yini uPawulu no-Akwila ababefana ngayo? (IzEnzo 18:3)

15. UNkulunkulu wabikezela ukuthi indodana ka-Abrahama u-Ishmayeli yayizoba namadodana amangaki? (Genesise 17:20; 25:16)

16. Bangaki “abantu bendlu kaJakobe” abaya eGibithe bebizwa uFaro? (Genesise 46:27)

17. UJesu wabafanisa nani labo abenza okuhle komncane kunabo bonke kubafowabo? (Mathewu 25:31-45)

18. Yisiphi isiqu uNkulunkulu abizwa ngaso, esithathwe ohlamvwini lokuqala nolokugcina esiGrekini? (IsAmbulo 1:8)

Izimpendulo Zemibuzo

1. Isizwe sakwaSimeyoni

2. Ukushada

3. Ku-Ithiyeli no-Ukhali

4. Ingqondo

5. UThewuda noJuda waseGalile

6. Ukuhlukanisa naye

7. Babona ukuthi uPetru wayephulukise u-Eneya egameni likaJesu

8. “Bamcela ukuba abavezele isibonakaliso esivela ezulwini”

9. Wazigcina “ngezibopho ezingunaphakade ngaphansi kwesigayegaye, uzigcinele ukwahlulelwa kosuku olukhulu”

10. Wayenezimfanelo ezifana nezoMdali wakhe ezimhlukanisa ezilwaneni

11. Ngomqondo ongokomfanekiso, wayesho ukuthi isihlalo sakhe sobukhosi emazulwini siphakeme kakhulu kunomhlaba

12. E-Emawuse

13. Ukuthi uJehova ‘akayikusenqabela okuhle’

14. Bobabili “babengabenzi bamatende ngokomsebenzi”

15. Ayishumi nambili

16. Babengamashumi ayisikhombisa

17. Nezimvu

18. ‘U-Alfa no-Omega’

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela