Izenzakalo Ziye Zangishiya Ngimangele
NJENGOBA ILANDISWA NGUWILLEM VAN SEIJL
Kwakungu-1942, futhi izwe lakithi lalingene shí eMpini Yezwe II. Ngangi-ngenye yezinsizwa ezinhlanu ezazicashele amaNazi eGroningen, eNetherlands. Sihlezi ekamelweni elincane, saqala ukuxoxa ngamathuba okusinda.
KWAKUSOBALA ukuthi ayemancane amathuba okuba sisinde. Nangempela, abathathu eqenjini lethu babulawa ngesihluku. Eqinisweni, yimina ngedwa engikhule ngaze ngaba yikhehla. Lesi esinye sezenzakalo eziye zangishiya ngimangele.
Ngesikhathi kwenzeka lokhu okushiwo ngenhla, ngangineminyaka engu-19 kuphela ubudala, futhi ngangingazi lutho ngeBhayibheli noma ngenkolo. Eqinisweni, ubaba wayengayifuni neze inkolo. Ngenxa yokufuna inkolo, umama wagcina esesebenzisa imimoya. Mina ngangingenathemba. Nganginomuzwa wokuthi uma ngingabulawa ukuqhuma kwebhomu noma ngife ngenye indlela, ayikho into eyayingenza ukuba uNkulunkulu angikhumbule. Ngangingazange ngizame nokuzama ukufunda ngaye.
Ukufuna Kuyavuzwa
Ngokushesha ngemva kwaleyo ngxoxo nezinsizwa ezine, ngathunjwa amaNazi ngayiswa ekamu lokufukuza eJalimane, eduze nase-Emmerich. Umsebenzi wethu wawuhlanganisa ukuqoqa imfucumfucu nokulungisa umonakalo owawudalwe amabhomu eMibuso Esizanayo. Ekupheleni kuka-1943 ngeqa, futhi nakuba impi yayisadlangile, ngaphindela emuva eNetherlands.
Ngathola incwajana encane enemibuzo nemibhalo yeBhayibheli. Yayisetshenziswa esifundweni sencwadi ethi Salvation, eyayinyatheliswa oFakazi BakaJehova. Lapho ngifunda imibuzo futhi ngibheka imibhalo, ngaba nesithakazelo kakhulu ekugcwalisekeni kwesiprofetho seBhayibheli.
Ngaxoxa nentombi yami uGré ngalokho engangikufunda, kodwa yayingenasithakazelo ekuqaleni. Ngakolunye uhlangothi, umama wayithanda kakhulu le ncwajana. Wababaza: “Leli yiqiniso ebengilokhu ngilifuna konke ukuphila kwami!” Ngaxoxa nabangane bami, futhi abanye bafuna ukwazi okwengeziwe. Eqinisweni, omunye waba uFakazi, futhi sasilokhu sixhumana ngokubhalelana izincwadi nangokuvakashelana kwaze kwaba yilapho eshona ngo-1996.
Phakathi naleso sikhathi, uGré waqala ukutadisha iBhayibheli, futhi ngo-February 1945, sobabili sabhapathizwa. Impi yaphela ezinyangeni ezimbalwa kamuva. Ngemva kokushada, sasifuna ukuba amaphayona, njengoba zibizwa kanjalo izikhonzi zesikhathi esigcwele zoFakazi BakaJehova. Kodwa sabhekana nezithiyo—ukugula nezinkinga zezimali. Kwavela namathuba okuba sithole imali eyengeziwe. Ingabe sasizosebenza ukuze siqongelele imali kuqala bese siqala ukuphayona, noma sasizoqala ukuphayona zisuka nje?
Inkonzo Yethu ENetherlands
Sanquma ukuqala ukuphayona, nangempela saqala ngo-September 1, 1945. Ngalo kanye lolo suku, lapho ngiya ekhaya ebusuku, ngadlula esitolo sokudla ukuze ngithole okuphuzwayo. Nganikeza uweta imali engangicabanga ukuthi i-gulden elilodwa eliyiphepha ngathi kuye: “Ushintshi ngowakho.” Lapho ngifika ekhaya, ngathola ukuthi ngangimnike imali eyiphepha engama-gulden ayikhulu! Ngakho saqala ukuphayona sine-gulden elilodwa vó!
Lapho ngiqala ukunikeza izinkulumo zeningi zeBhayibheli ngo-1946, nganginebhantshi lesikhumba kuphela. Omunye umngane, owayelingana nami, wayeba ngusihlalo. Wayethula isihloko senkulumo yami abese eza ngemuva kwesiteji ngokushesha anginike ibhantshi lakhe bese nginikeza inkulumo. Ngangimbuyisela lona lapho sengiqedile!
Ngo-March 1949, mina noGré sathola isimemo sokuhlanganyela emsebenzini wesifunda, wokuvakashela amabandla oFakazi BakaJehova ukuze siwaqinise ngokomoya. UFritz Hartstang, owayeyisikhonzi esithembekile ngaphambi kwempi naphakathi nayo, wangiqeqeshela umsebenzi wesifunda. Wanginikeza iseluleko esihle, wathi: “Wim, landela iziqondiso ozithola ngenhlangano kaJehova ngisho noma ekuqaleni ungacabangi ukuthi zinhle. Ngeke uzisole.” Wayeqinisile.
Ngo-1951, uNathan H. Knorr, owayengumongameli we-Watch Tower Bible and Tract Society ngaleso sikhathi, wavakashela eNetherlands. Ngaleso sikhathi, mina noGré safaka isicelo sokuqeqeshelwa ukuba izithunywa zevangeli e-United States. Ngokushesha ngemva kwalokho, samenyelwa ekilasini lama-21 leWatchtower Bible School of Gilead. Lapho siqala ukuphayona ngo-1945, kwakunoFakazi abangaba ngu-2 000 eNetherlands, kodwa ngo-1953, base bengaphezu kuka-7 000, isenzakalo esasishiya sibambe ongezansi!
Ukukhonza Ekhaya Lethu Elisha
Sabelwa eDutch New Guinea, manje eyisifundazwe sase-Indonesia, kodwa lapho singayitholi imvume yokungena, isabelo sethu sashintshelwa eSuriname, izwe elishisayo eNingizimu Melika. Safika ngo-December 1955. Ngaleso sikhathi iSuriname yayinoFakazi abayikhulu, kodwa babewusizo kakhulu. Sasheshe sajwayela.
Yiqiniso, kwadingeka sizivumelanise nezimo eziningi ezihlukene, futhi ngezinye izikhathi ukwenza kanjalo kwakunzima. Ngokwesibonelo, uGré wayesaba noma yini enemilenze namaphiko. ENetherlands, lapho ethola isicabucabu esincane ekamelweni lethu, wayengeke alale ngingakasikhiphi. Kodwa eSuriname kunezicabucabu ezinkulu ngokuphindwe kayishumi kunalezo, futhi ezinye zinobuthi! Ikhaya lethu lezithunywa zevangeli nalo lalinamaphela, amagundane, izintuthwane, omiyane nezintethe. Kwakukhona ngisho nezinyoka. UGré usezijwayele kakhulu lezi zilwane kangangokuthi usekujwayele nokuzikhipha yena ngokwakhe.
Ngemva kweminyaka engaphezu kwengu-43, leli zwe sesilazi ukudlula abaningi abayiminsinsi yokuzimilela. Siyayithanda imifula, amahlathi emvula namaxhaphozi angasogwini. Sesazi nezilwane eziningi—izingungumbane, amabheja, izingwe, ngisho nezinhlobo eziningi zezinyoka, ngokuvamile ezinemibala emihle. Kodwa siye sajabulela kakhulu abantu abaningi abanhlobonhlobo lapha. Okhokho babanye babedabuka e-Afrika, naseNdiya, e-Indonesia, eChina nakwamanye amazwe. Abanye bangamaNdiya AseMelika, izizukulwane zabomdabu.
Enkonzweni yethu yobuKristu, sihlangana nabantu bazo zonke lezi zizinda njengoba sibavakashela emizini yabo. NasemaHholo OMbuso sijabulela ukuba nabafowethu nodadewethu abahlukahlukene. Siye sabona intuthuko kusukela ngesikhathi kuneHholo LoMbuso elilodwa ngo-1953 kuya emaHholweni OMbuso angaphezu kwangu-30 amahle, iHholo LoMhlangano elihle nesakhiwo segatsha esihle, esanikezelwa ngo-February 1995.
Izifundo Engizifundile
Enkabeni yeSuriname, kunamabandla amaningana abaNsundu, inzalo yezigqila zase-Afrika ezabaleka ezimobeni zaya enhla nemifula. Ngiye ngamangazwa izenzo zabo—ngokwesibonelo, indlela abasebenzisa ngayo imifula njengemizila yokuhamba futhi bahlale emahlathini emvula. Bagawula izihlahla, bakhe izikebhe futhi bazigwedle ngobuciko ezimpophomeni nasemifuleni eyehlelayo. Bathola ukudla ngokuzingela nokudoba, abasebenzisi izinto zesimanje uma bepheka futhi benza nezinye izinto eziningi okunzima ngathi ukuzenza.
Phakathi nale minyaka, siye sazi nabanye abantu abahlala lapha eSuriname, amasiko abo, indlela yabo yokucabanga nezindlela zabo zokuphila. Ngikhumbula ngivakashele idolobhana lamaNdiya AseMelika ngawo-1950. Phakathi kwamabili, ngafika ekamu okwakukhala kulo ibhungane ehlathini, lapho mina neNdiya elalingibonisa indlela sasizoqala khona uhambo ngesikebhe. Labasa umlilo, lapheka, labophela amanethi esasizolala kuwo. Lalikujwayele ukungenzela yonke into ngoba lalazi ukuthi angazi ukuthi kwenziwa kanjani.
Lapho ngiwa kuleli nethi ebusuku, alizange lihleke. Kunalokho, lathintitha izingubo zami laphinde lalibophela. Lapho sinqamula emfudlaneni othile, kwakumnyama kangangokuthi ngangingaziboni ngisho nezandla zami phambi kwami, kodwa umqondisi wami wakwazi ukuqondisa isikebhe emajikeni nasezithiyweni eziningi. Uma ngimbuza ukuthi wayekwenza kanjani, wathi: “Wena ubheka endaweni engafanele. Bheka phezulu ubone umehluko phakathi kwalapho kugcina khona izihlahla nesibhakabhaka. Kuzokubonisa amajika emfuleni. Bheka emanzini ugade lapho enyakaza ngakhona. Kuzokusiza ukuba ubone ukuthi akhona yini amatshe noma ezinye izithiyo ngaphambili. Bese ulalela. Imisindo nayo iyakutshela ukuthi yini engaphambili.”
Ukuhamba ngesikebhe esibazwe ngogodo, unqamule emifuleni eyehlelayo nasezimpophomeni kungaba yingozi futhi kukhathaze. Kodwa ekupheleni kohambo, lapho abafowethu nodadewethu abangamaKristu besihlangabeza ngomoya wokusamukela, sizizwa siqabulekile. Kuhlale kunokudla kwezivakashi, mhlawumbe isitsha esinesobho. Ukuphila kwesithunywa sevangeli kuyavivinya futhi kunzima kodwa akudumazi nakancane.
Okuye Kwasisiza Ukuba Siqhubeke
Asiyona imiqemane. Futhi besingatholi sikhuthazo kumalungu omkhaya, ngoba umama yedwa owayeyisihlobo sethu esinguFakazi. Nokho, usizo nesikhuthazo sabangane abathandekayo siye sazanelisa izidingo zethu, okuye kwasisiza ukuba siqhubeke esabelweni sethu. Umama wayesikhuthaza kakhulu.
Ngemva kokuba sesibe sesabelweni sethu cishe iminyaka eyisithupha, umama wagula kakhulu. Abazalwane babefuna ukuba sibuyele ekhaya siyomvalelisa, kodwa umama wabhala, ethi: “Ngicela nihlale esabelweni senu. Ngikhumbuleni njengoba nganginjalo ngaphambi kokuba ngigule. Ngithemba ukunibona ovukweni.” Wayengowesifazane onokholo oluqinile.
Saze sakwazi ukuya eNetherlands ngesikhathi siya eholidini ngo-1966. Sakujabulela kakhulu ukubona abangane abadala, kodwa iSuriname yayisiyikhaya lethu. Ngakho siyakubona ukuhlakanipha kweseluleko senhlangano sokuba izithunywa zevangeli zingayi eholidini emazweni endabuko zize ziqede okungenani iminyaka emithathu esabelweni.
Enye into eye yasisiza ukuba sijabulele isabelo sethu ukulondoloza injabulo—ukukwazi ukuhleka izinto ezithile, ngisho nokuzihleka ngokwethu. UJehova waze wenza nezinye izinto eziyimvelo ukuba zihlekise. Uma ubuka imigilingwane yezinkawu nemithini, ikakhulukazi amazinyane ezilwane eziningi, uyamamatheka. Futhi, kubalulekile ukulondoloza umbono oqondile nokungazicabangeli ngokweqile—yilokho esiye sakufunda phakathi nale minyaka.
Umsebenzi wethu onomvuzo enkonzweni uye wasisiza ngokukhethekile ukuba siqhubeke esabelweni sethu. UGré waqala isifundo seBhayibheli eParamaribo namadoda angu-9 ekhaya lasebekhulile. Onke ayesevile eminyakeni engu-80 ubudala. Ngayinye yayiyi-balatableeder (abakhami bezihlahla zenjoloba) noma umumbi wegolide. Ngayinye yakuthanda lokho eyayikufunda, yabhapathizwa futhi yahlanganyela ngokwethembeka emsebenzini wokushumayela kwaze kwaba sekufeni.
Umshumayeli omdala ogama lakhe linguRivers, waseNew Church of Swedenborg, wayelalela lapho kuqhubeka isifundo abese esibhuqa. Kodwa isonto ngalinye wayeya esondela, nokuhleka kwakhe usulu kwehla. Ekugcineni wahlala phansi wahlanganyela nabanye. Wayeneminyaka engu-92 ubudala engasaboni futhi engasezwa kahle, kodwa imibhalo wayeyicaphuna sengathi uyifunda phansi. Ekugcineni waqala ukuhlanganyela nathi enkonzweni futhi eshumayeza noma ubani owayelalela. Ngaphambi nje kokuba afe, wathumela umyalezo esicela ukuba sifike. Lapho sifika wayeseshonile, kodwa ngaphansi komcamelo wakhe sathola umbiko wesikhathi ayesisebenzé enkonzweni ngaleyo nyanga.
Ngo-1970, ngemva kweminyaka engaphezu kwengu-25 yomsebenzi wokushumayela isikhathi esigcwele, ngamiswa ukuba ngengamele ihhovisi legatsha laseSuriname. Ngakuthola kunzima ukusebenza ngihleli futhi ngafisa ukuba nguGré, yena owayesaphuma aye ensimini usuku ngalunye. Manje uGré naye usesebenza egatsheni, futhi sobabili sinomsebenzi obalulekile esiwenzayo lapha njengoba siguga.
Ngempela, uma ngiqhathanisa inani labamemezeli boMbuso abangaphansana nje kuka-160 000 ababekhona emhlabeni wonke ngo-1945, nenani lababalelwa ku-6 000 000 namuhla, ngiyabona ukuthi kuye kwakudlulela kude engangikulindele. Futhi eSuriname inani labahlanganyela enkonzweni liye lenyuka ngaphezu kokuphindwe izikhathi ezingu-19 selokhu safika ngo-1955—kusukela kwababalelwa ekhulwini ngaleso sikhathi kuya kwabangaphezu kuka-1 900 namuhla!
Ngiyaqiniseka ukuthi siyobona izenzakalo ezinkulu kakhulu zokugcwaliseka kwezinjongo zikaJehova esikhathini esizayo uma nje sihlala sithembekile kuNkulunkulu wethu. Yilokho kanye esihlose ukukwenza.
[Isithombe ekhasini 13]
Ngo-1955, lapho sifika eSuriname
[Isithombe ekhasini 15]
Ukusebenzisa izikebhe enkonzweni yethu
[Isithombe ekhasini 15]
Nginomkami